I-PIRATES IYISITHIYO KUJALI NE-CHIEFS
Usenethemba lokuqashwa espain noma e-england
UKHONJWA kwikaizer Chiefs umdlali ozakhele udumo egijima kwi-orlando Pirates okumanje ugijima e-europe.
Inkontileka ka-andile “Gattuso” Jali ( osesithombeni) odlala esiswini kwikv Oostende yasebelgium iyaphela nale kilabhu uma kusongwa isizini. Kuvela ukuthi i-oostende kayikathi vu ngendaba yenkontileka entsha yalo mdlali.
Leli phephandaba lihletshelwe yimithombo yalo engaphakathi kwichiefs ukuthi le kilabhu yakwamotaung izama ngazo zonke izindlela ukuthola ujali.
Kuthiwa ifuna ukuvala isikhala sikawillard “Salt & Vinegar” Katsande osehanjelwe yiminyaka yobudala.
“Ichiefs yiyona ekhombisa ukumfuna kakhulu ujali yize ekhona amanye amakilabhu akuleli nawase-europe amfunayo.
Imamelodi Sundowns nayo iyamfuna kodwa kayikhombisi mdlandla ongako. Ipirates izithulele nje ngoba igabe ngokuthi uma enquma ukubuyela kuleli uzoqala ku-irvin Khoza kube nguyena omnika izibusiso.
“Nokho cishe konke kuzocaca ngokuphela kwesizini ukuthi kugcina kanjani ngaye kodwa ichiefs yona isike yaxhumana nabaphathi bakhe bakwaprosport International, izama ukuthi asayine inkontileka yesibambiso,” kusho umthombo oncikene kakhulu nojali.
Imizamo yokuthola ubobby Motaung oyimenenjajikelele yeChiefs ukuthola ubuqiniso balolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.
Kuthiwa ichiefs ziyiphethe kabi izindaba zokuthi unozinti wayo, ubriliant Khuzwayo, usayine isinyenyela inkontileka yesethembiso nebucs.
Leli phephandaba lithinta umike Makaab oyisikhulu esiphezulu kwaprosport, ukuqinisekisile ukuthi kunamakilabhu kuleli naseEurope afuna ujali.
“Engingakuqinisekisa wukuthi kunamakilabhu kuleli naphesheya asekuzwakalisile ukuthi ayamfuna ujali. Yilokho engingakusho okwamanje,” kusho umakaab.
Ujali usenalo ilungelo lokusayina inkontileka yesibambiso nanoma iyiphi ikilabhu emfunayo njengoba esesalelwe yizinyanga eziyisi-6 ukuba inkontileka yakhe iphele ne-oostende.
Nokho abasondelene naye bathi uzimisele ngokubuya kuleli uma esefeze iphupho lakhe lokudlala eligini yasespain noma eyaseEngland. Kuthiwa akhona amakilabhu amkhokhobelayo e-england ikakhulukazi kwi-english Championship.