Usephapheme umculi ophendulwe umphuphe yizidakamizwa
“SONKE sinamadimoni asihlaselayo singazelele, ngokunjalo nengcindezi yabantu esisuke siphila nabo. Ngithi nje ngakho konke okwenzekile ngiyaxolisa kubalandeli bami ngoba bebekholelwa kakhulu kimina.”
Lawa ngamazwi omculi obeshisa izikhotha phambilini u-ishmael Morabe wodumo lweroba Li Theka.
Uwasho engxoxweni ekhethekile abe nayo NELANGA Lange
Sonto. Ukhuluma kanjena nje, uphendula umbuzo wokuthi akezuphinda na abagile abalandeli bakhe njengoba esekhuza ibuya engomeni kashaik Omar entsha ethi Skyline.
U-ish (njengoba abuye abizwe kanjalo) uphoxe abaningi phambilini edla isidakamizwa i- cocaine kwaze kwaba kuyaphela ngomculo abethandelwa wona. Ugxile kakhulu kulesi sidakamizwa ngesikhathi izinto zimhambela kahle esecula neqembu ijozi alijoyine ngowezi-2007 emuva kokuhlukana nenkampani ka-arthur Mafokate i-999 Records.
Ephawula ngokudla kwakhe izidakamizwa uthi ufakwe ngabangani, abanye abengabazi nokubazi abebezisondeza ngoba nakhu ubedumile.
Echaza ngalokhu eminyakeni edlule uthe ubedla cishe u-r2000 phakathi nesonto kodwa ngezimpelasonto ibifinyelela ku-r10 000 nokuholele ekutheni aphelelwe yimali, abe wuphuya uqobo.
Uze wazinikela esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo ezama ukuphuma ezidakamizweni. Kugcine ukubikwa ngaye kwabezindaba engasenamsebenzi emculweni kodwa esalwa nezidakamizwa futhi esethandana nomculi waphesheya kwezilwandle, obesehlala kuleli upuff Johnson abahlangane naye ngowezi-2009 eghetto Ruff. Ngeshwa lesi sithandwa sakhe siphoqeleke ukuba sibuyele kwelakubo e-united States of America ngoba besinenkinga yemvume yokuhlala kuleli. Ngeshwa futhi nakuba bebengasajoli ngokugcwele ngenxa yebanga ebelibahlukanisile, upuff ushonile ngowezi-2013, eseneminyaka engama-40 ebulawa ngumdlavuza wesibeletho nokuyinto athi u-ishmael imshaye kakhulu ngaphakathi ngoba bebeke baphuphe nangomshado.
Uthi namuhla uzizwa engumuntu oshintshile ngoba nomuzwa anawo umtshela ukuthi yisikhathi esikahle lesi sokubuyela ensimini.
“Ngibe nenhlanhla ngokuthola ithuba kule ngoma kashaik onguDJ we- electronic dance.
"Yingakho emsebenzini wami engizowudedela ngizokwenza izinhlobo ezahlukene zomculo ozobajuxuzisa uphinde ubanike ithemba ngokubazisa ukuthi konke okufisayo kungenzeka.
"Kuyimanje ngiphezu kwezinhlelo zokukhipha isingili manje ngoNhlolanja (February) bese ngilandelisa ngenye ye- gospel ngaphambidlana nje kwephasika.
"Okungibambezele kakhulu kule minyaka edlule wukuthi bengisazama nokuzimela, hhayi ngoba bengingenzi lutho.
"Nakuba sekuhlangene kodwa ngisalungisa indaba yenkampani ezosabalalisa lo msebenzi,” kuchaza yena. Uzobe engaqali ukwenza ingoma yomculo wokholo njengoba enye yezingoma adume ngazo kungethi “Avulekile Amasango”.