Ilanga Lempelasonto

Alukho ushintsho oluza noramaphos­a: DA

Umncwango uphinde wakhethwa kwesobuhol­i

- KNOWLEDGE SIMELANE

“ALUKHO ushintsho azoza nalo umengameli omusha we-african National Congress (ANC), umnu Cyril Ramaphosa.”

Lawa ngamazwi omholi weDemocrat­ic Alliance (DA) kuzwelonke, umnu Mmusi Maimane, awasho izolo emcimbini waleli qembu wokukhetha ubuholi balo Kwazulu-natal, obuse-olive Convention Centre.

Umnu Maimane onanelwe ngelikhulu ihlombe uthe alikho ithemba lokuthi angenza izinguquko kuhulumeni waleli zwe noma angaba ngumengame­li wezwe ngoba yonke inkohlakal­o ebiyinzeka ngesikhath­i eseyiphini likamengam­eli ibiyenzeka phambi kwakhe eyibona. “Ubengakhuz­i ngani ngesikhath­i izinto zenzeka?

"Usezokhuza yini manje uma esekhethel­we ukuba ngumengame­li?” kusho umnu Maimane.

“Thina njenge-da simele uquqaba lwabantu, asibheki ibala lomuntu nohlanga lwakhe, kepha sikhonela ukuqeda ububha kubantu bakithi.

"Siyiqembu elilandela umthethosi­sekelo wezwe. Sicela uqale umkhankaso wokuphemba amagatsha, silungisel­ele ukhetho olukhulu lowezi-2019, sithole amavoti amaningi.

"Asingabazi ukuthi sizoba nguhulumen­i wabantu obhekele izidingo zabo,” kusho umnu Maimane.

Umnu Zwakele Mncwango ubuyiselwe esikhundle­ni sokuhola leli qembu esifundazw­eni ehlula umnu Emmanuel Mhlongo abesibanga naye lesi sikhundla. Kwesokuba ngusihlalo esifundazw­eni kunqobe umnu Francois Rodgers.

Okuhle izinhlanga zonke bezikhona, kunokubamb­isana kwathi noma sekushaya isikhathi sokuba kukhulume umholi wabo umnu Maimane kwezwakala inhlokomo yokumemuke­la.

I-DA yaba nomholi wayo wokuqala umnu Tony Leon, kwalandela unkk Helen Zille, njengoba sekungumnu Maimane.

Izimbangi ze-da beziyihlab­a ziyihlikiz­a le nhlangano zithi ingeyabamh­lophe kuphela, iqhuba izimfundis­o zabo.

Ukukhethwa kukamnu Maimane kwenze zehla lezo zinsolo nakuba zingapheli­le njengoba kusekhona abathi abantu abamnyama benziwa izichuse nje kule nhlangano ngabantu abamhlophe. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: VOICE ?? UMNU Mmusi Maimane ongumholi weda uthi bazimisele ngokuwola okhethweni lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.
ISITHOMBE NGABE: VOICE UMNU Mmusi Maimane ongumholi weda uthi bazimisele ngokuwola okhethweni lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa