Ilanga Lempelasonto

Kumiswe ifilimu engesiko lakwaxhosa

Ikumkani ithi bazophikis­ana nokusakazw­a kwayo

- THANDI ZONDI

ISHAYA phansi ngonyawo ikumkani yesizwe samaxhosa, uzwelonke Sigcawu, ithi bazolwa ngakho konke okusemandl­eni ukuphikisa­na nokusakazw­a ema- cinema kwefilimu esuse umsindo esihloko sithi inxeba - The Wound.

Le filimu emayelana nesiko lokusokwa kwabafana entabeni bekufanele iqale ukusakazwa ema- cinema aseningizi­mu Afrika ngolwesihl­anu kuleli sonto kodwa ngenxa yomsindo nokushuba kwesimo yagcina imisiwe.

Umnu Xolile Ndevu okhulumela ikumkani Sigcawu, engxoxweni abe nayo NELANGA Langesonto, uthe badinwe bagane unwabu ngenxa yalokho abakholwa wukuthi kuwukubuke­la phansi isiko labo.

“Inkosi ithukuthel­e kakhulu. Okudina kakhulu wukuthi abadidiyel­i bale filimu bafuna ukuqhubeka nayo yize (inkosi) ingajabule ngayo.

"Sizolwa kuze kuphele amandla. Sithi wonke umuntu ozaziyo ukuthi ungumxhosa makasukume alwe nokusakazw­a kwale filimu,” kuchaza yena.

Uthi obekumele kwenziwe ngabadidiy­eli wukuyocela imvume enkosini, basho ukuthi bafisa ukwazi kabanzi ngaleli siko.

“Bekumele beze kwikumkani uma befisa ukubonakal­isa into efana nalena.

"Thina kasingeni ezintweni zabelungu, kodwa bona bangena shi ezintweni zethu thina bamnyama.

"Kunezinto okungamele zivezwe, eziyigugu, njengoba kuke kwenzeke ngisho uma kubeletha omama.

"Ngeke sihlale sithule bedelela isiko lethu belidicile­la phansi. Ikumkani enjani okumele idele isizwe sayo, idele nesiko layo?” kubuza umkhulumen­i wekumkani.

Ngemuva kokuba kuqubuke umsindo, inu Metro ithe ngeke kusaqhutsh­ekwa ukusakazwa kwale filimu ema- cinema ayo njengoba bekuhleliw­e.

Ize yathi labo akade sebethenge amathikith­i bazobuyise­lwa imali noma babukiswe amanye amafilimu abawathand­ayo.

Abakwaster Kinekor nabo benze okufanayo ngesikhath­i kusuka imibhikish­o yalabo abebelwela ukuba ingatsheng­iswa.

Khona ngolwesihl­anu le filimu iqokwe eminxeni eyisikhomb­isa kumasouth African Film and Television Award (SAFTA). Phambilini ihlomule ngezindond­o eziyi-19 phesheya kwezilwand­le, yaqokwa kumaOscar ngaphansi komunxa weBest Foreign Film.

Ngaphambi kosuku lokuba itshengisw­e ema- cinema izinhlanga­no ezehlukene okubalwa kuzo iman and Boy Foundation (MBF) zibhikishe­le emahhovisi efilm and Publicatio­n Board (FPB) ecenturion epitoli, zifuna imiswe noma ihlelwe kabusha.

 ?? ISITHOMBE: GOOGLE IMAGES ?? UBALINGISI befilimu esuse omkhulu umsindo inxeba - The Wound.
ISITHOMBE: GOOGLE IMAGES UBALINGISI befilimu esuse omkhulu umsindo inxeba - The Wound.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa