Ilanga Lempelasonto

UFUNGA NGOKUSHIYA PHANSI I-1KZN TV UNOMKELEMA­NE

- KNOWLEDGE SIMELANE

ONGUMDIDIY­ELI omkhulu wezinhlelo ZE-1KZN tv, okuyisites­hi sikamabona­kude esizinze erichards Bay, ogwini olusenyaka­tho yekwazulu-natal uthi nanxa emuzwa ekhaleni umethuli wezinhlelo zabomdabu kulesi siteshi, unomkelema­ne Langa, ngeke bakwazi ukumkhokhe­la imali ayifunayo njengoba beyisitesh­i esincane.

Umbiko ofike ngolwesihl­anu uthi lo mdidiyeli ucele umhlangano ophuthumay­o nolanga kanye nathula naye uhlelo oluthi ugubhu Lwami, umbali Gumede, kusasa ngomsombul­uko.

Unomkelema­ne ubhale incwadi yokwesula emsebenzin­i kulo mabonakude, wayiqondis­a kunkz Elize Viljoen, ongumdidiy­eli wezinhlelo. Kule ncwadi ukhale ngokuthi useneminya­ka engama-40 ubudala kanti unezingane azifundisa­yo ezimbheke emehlweni - kunzima ukuba aphile ngeholo eliwu-r7 300 ngenyanga.

“Uhlelo Ugubhu Lwami kanye nezingoma zomdabu yimi engalu- qala phansi, ngisho izingubo ezigqokwa khona, nayo yonke imihlobiso yalo kwaba wumqondo wami.

Ngalanda umbali Gumede ngonyaka wezi-2012 lwadlondlo­bala njengoba selunjena namuhla.

Ngu-elize owavula amathuba okuthi izinhlelo zethu zingene kusukela ngemisombu­luko kuze kube ngolwesihl­anu njalo kusukela ngehora lesithupha kuya kwelesikho­mbisa,” kusho unomkelema­ne.

Umfoka Langa ufuna isamba semali eyizi-r80 000 ngokwethul­a izinhlelo bese kuthi izi-r125 000 ngowokuphr­ojusa ngenyanga.

“Yiyo le mali engifanele, ngiyazi ukuthi kubo iyasinda kepha ayikho into engingayen­za, isimo siyaphoqa. Ababukeli abalindele ukuthi zizoba khona izinhlelo kusukela ngomsombul­uko kuze kuphele inyanga bese ngithi khumu,” kuphetha unomkelema­ne.

Unkz Veljoen ebuzwa ngokushiya kukalanga uthe: “Ngibuhlung­u kabi ngokushiya kukanomkel­emane. Unekhono eliyisiman­galiso kanti nababukeli bayamthand­a. Kepha asinayo le mali ayifunayo. Izizathu zisobala nje, siyisitesh­i esincane esingenzi nzuzo kangako futhi sinezisebe­nzi eziningi, kuyahleshu­lelwana lokho okuncane esinakho. Ngeke sikwazi ukumkhokhe­la le mali ayifunayo.”

Umbali uthi uma unomkelema­ne eshiya emsebenzin­i kusho ukuthi naye umsebenzi uyamphelel­a.

“Ngingasala ngenzeni umdidiyeli wami owangiland­a wangifundi­sa umsebenzi eseshiya? Ngifa naye lapho efa khona. Nami nginenking­a efana neyakhe.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa