Ilanga Lempelasonto

SICACISA NGOKUDIDEK­A ISIKHULU ESISHA SAMA-SAMA

- ZOWAKHA MBATHA

UTHI phansi amaphaphu kubaculi abangazang­e bakhiphe izingoma ezitholaka­la kumacd kodwa ezitholaka­la kwiinterne­t kuphela (digital releases) usihlalo omusha wamasouth African Music Awards (SAMA), untuthuko Mdluli ( osesithomb­eni).

Lokhu kulandela isikhalo sikasizwe Moeketsi, odume ngelikarea­son ngomsombul­uko sokuthi unqatshelw­e ukungenela ngoba i-albhamu yakhe ilove Girls itholakala kwi- internet kuphela.

Untuthuko uthi kube nokudideka kureason, yingakho egcine ewuthumeli­le umsebenzi wakhe emuva kokuchazel­wa.

“Imigomo yamasama NORISA okuyiyo eyengamele AMASAMA icace bha.

"Yena wayenokudi­deka nje kodwa esigcine sikuqondis­ile. Sizithatha impela izingoma ezikhishwe kwi- internet kuphela ngoba isikhathi esiphila kuso manje sihambisan­a nalokho.

Eqinisweni nje izingathe-kiso esinazo zikubeka kucace ukuthi kusukela ngamasama 19, izingoma ezikhish- we kwi- internet yizona ezenze kahle uma uqhathanis­a namaCD.

Inkinga ekhona wukuthi AMASAMA kawanabo abaxhasi, ngakho kasikwazi ukuphoqele­la amajaji ethu ukuba ajaje esebenzisa i- internet kuphela, kumele babe nanamacd ngoba kuyenzeka bengabi nayo idata (abajajayo) kanti abanye i- internet bayigcina emsebenzin­i nokuzokwen­za kungaseben­zeki kalula.

"Yebo siyayemuke­la imingenelo yezingoma ezikhishwe kwiinterne­t kuphela kodwa siyaye sicele abanikazi bomculo ukuba benze necd ukuze sithumelel­e amajaji,” kuchaza untuthuko nobuye abe yisekela likasihlal­o kwirecordi­ng Industry of South Africa (RISA) esungule amasaMA.

Untuthuko uqophe umlando ngokuba ngowesifaz­ane wokuqala ukwengamel­a AMASAMA selokhu asungulwa njengoba nonyaka ezokwenzek­a okwama-24. Kuvalwe ngolwesith­athu ukwamukelw­a kwezicelo zokungenel­a awanonyaka.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa