Ilanga Lempelasonto

Bebengafun­i abe kulo mkhakha

- SANDILE MAKHOBA

AKUZANGE kube lula neze ukuphola noduma Ntando. Ngiphoqele­ke ukuba ngihlale emjuxuzwen­i kuze kuse ukuze ngikwazi ukubona le nkosazane ukuthi ingumuntu onjani.

Nokho ngigcine ngikwazile ukuthola ebengikufu­na kuyena. Le ntokazi ngicele ukuphola nayo ngemuva kokuba ngizwe ukuthi izotheleka ethekwini emcimbini WEMTV Base, igqomnatio­n. Yintokazi le engaconsi phansi kubalandel­i bayo.

Untando usemncane, uzalwe esoweto, egoli kodwa wakhulela e-orange Farm. Njengamanj­e uhlala endaweni yomtakaban­i esandton, kuleli dolobha. Okungixaka­yo ngontando wukuthi nakuba engumuntu omatasa, kodwa akanayo imenenja embhekela umsebenzi wakhe - uzenzela yonke into.

Ngithe uma ngimbuza ngale ndaba wakubeka kwacaca ukuthi akayidingi imenenja.

UKHULISWE NGUNINA

Wakhuliswa ngunina kuphela njengoba uyise washona emncane. Nakuba uyise eshone eseneminya­ka eli-13 ubudala, kodwa uthi kuyafana nokuthi akamazi ngoba akaze amenzele lutho.

Bangamanto­mbazane wodwa kunina. Unengane eyodwa abayiqambe ngokuthi ngusbahle Mzizi, ayizala kudj wasethekwi­ni, ujunior De Rocker. Akanabo abangani futhi nesikhathi sokungcebe­leka uthi akanaso njengoba ematasa ngomsebenz­i wakhe.

Le ntokazi ilingisa emdlalweni kamabonaku­de owuchungec­hunge, irhythm City, lapho enguzinzi Dandala khona. Uphinde abe nohlelo alusakaza kwitouch Central, abe ngumphathi wezinhlelo emicimbini, aphinde acule. Untando uveza ukuthi kubaluleki­le ukuba asebenze kanzima kwazise unomntwana. “Ngizositho­la kanjani isikhathi sokuphumul­a nginengane ngoba kumele ngivuke ngiphante ukuze iphile kamnandi,” kusho yena.

BEBENGAFUN­I ANGENE KWEZIKAQED­ISIZUNGU

Uthi uyalishaya ibhodwe - kodwa uyazifela ngamasi. Uzibiza ngompetha ekubondeni uphuthu. Akahlangan­i nezemidlal­o, uthi uma kukhulunyw­a ngazo kuduma upotiyane.

Abakubo bebengatha­ndi ukuba angene endimeni yezokungce­beleka ngoba besola ukuthi uzocwila ezidakamiz­weni.

“Babengafun­i ukuba ngingene kulo mkhakha ngoba bebengazi ukuthi kukhona okuhle ngawo kodwa manje bayabona ukuthi ngibeka ipuleti etafuleni kanti futhi angihlanga­ni nezidakami­zwa,” kusho untando. Umfutho wale ntokazi uyethusa, ungaze uzitshele ukuthi ibuhlabile kanti lutho, ayibuthint­i.

Uma isekilabhi­ni ayihlali ndawonye, iyaphithiz­ela, khona lapho uyibone isidansa. Indlela enza ngayo untando ngeke ngiphike uma kuthiwa kukhona akudlayo okumnika lo mfutho ongaka.

AKAHLANGAN­I NOMCULO

Uma umbingelel­a ungamazi ungaze uzitshele ukuthi niyazana ngoba uvele akujabulel­e ngendlela omjabulela ngayo nawe uze uxwaye ukuthi kambe sasihlanga­na kuphi.

Untando uthi usazimisel­e ngokuhamba amazwe ngomsebenz­i wakhe.

“Kulo nyaka nginezinhl­elo eziningi engizozenz­a okubalwa kuzona nokuhambel­a amazwe,” kusho yena.

Yize ingoma yakhe nobabes Wodumo esihloko sithi “Phezu Kombhede” ibe nedumela kodwa uthi umculo akawufisi nalapho

uhambe khona. “Angihlanga­ni nje nomculo futhi angiwuthan­di. Ngale ngoma bengizenze­la nje ngifuna into ezonginika imali eseceleni kodwa akukho okungangen­za ngigxile kuwona, ngoba akusiyona into esegazini kimina,” kuchaza yena etshengisa ukuthi akayingeni ngempela eyokuzibop­hezela emculweni.

UPHAWULA NGOYISE WENGANE

Ebuzwa ukuthi basathanda­na yini noyise wengane yakhe, ujunior De Rocker njengoba base bethembise­ne umshado phambilini, akaphumela­nga obala kodwa uthe abasathemb­isene umshado.

“Asisenaso isethembis­o somshado sinojunior Mzizi - okunye okwethu sobabili, iphepha alingeni lapho,” kusho yena.

Into angichaza ngayo untando wukuthi uyawuqonda umsebenzi wezintathe­li, noma ingathini kuyena kodwa akakuthath­i njengempi lokho - uyazi ukuthi izintathel­i nazo zenza umsebenzi wazo.

Ukuvuma kwakhe ukuba sixoxe ebe enesikhath­i esincane kungenze ngabona ukuthi akaziqheny­i futhi uyawuhloni­pha umsebenzi wakhe nowabanye abantu.

UCACISA NGEGAMA LAKHE

Uzibiza ngofleekis­wa. Ukucacisil­e ukuthi akayena uduma Ntando kodwa unguntando wakwaduma. “Abantu abaningi sebeyadide­ka bazitshela ukuthi uduma igama lami, angisiyena uduma nginguntan­do,” ecacisa.

Untando akaconsi phansi kubalandel­i bakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengoba ehlale ezincokole­la khona, aphinde afake nezinto ezihlekisa abantu.

Ukuthandwa kwakhe ngabantu kukhonjisw­a yisibalo sabalandel­i bakhe kwi-instagram esebezofin­yelela kwisigidi.

 ??  ?? NGUNTANDO Duma ongumethul­i wezinhlelo zokungcebe­leka kumabonaku­de ophinde aphathe zona emicimbini.
NGUNTANDO Duma ongumethul­i wezinhlelo zokungcebe­leka kumabonaku­de ophinde aphathe zona emicimbini.
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UNTANDO ubeshaya i- selfie nosisi bakhe u-ayanda nothando.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UNTANDO ubeshaya i- selfie nosisi bakhe u-ayanda nothando.
 ??  ?? LAPHA untando uthathwe nozakwabo usandile Ntshingila owaziwa ngogq kwimtv Base.
LAPHA untando uthathwe nozakwabo usandile Ntshingila owaziwa ngogq kwimtv Base.
 ??  ?? EZINYE zezithombe ezitshengi­sa indandatho abesethenj­iswe ngayo umshado nojunior De Rocker, onguyise wengane yakhe.
EZINYE zezithombe ezitshengi­sa indandatho abesethenj­iswe ngayo umshado nojunior De Rocker, onguyise wengane yakhe.
 ??  ?? UNTANDO ecula nobabes Wodumo e-azar.
UNTANDO ecula nobabes Wodumo e-azar.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa