Bebengafuni abe kulo mkhakha
AKUZANGE kube lula neze ukuphola noduma Ntando. Ngiphoqeleke ukuba ngihlale emjuxuzweni kuze kuse ukuze ngikwazi ukubona le nkosazane ukuthi ingumuntu onjani.
Nokho ngigcine ngikwazile ukuthola ebengikufuna kuyena. Le ntokazi ngicele ukuphola nayo ngemuva kokuba ngizwe ukuthi izotheleka ethekwini emcimbini WEMTV Base, igqomnation. Yintokazi le engaconsi phansi kubalandeli bayo.
Untando usemncane, uzalwe esoweto, egoli kodwa wakhulela e-orange Farm. Njengamanje uhlala endaweni yomtakabani esandton, kuleli dolobha. Okungixakayo ngontando wukuthi nakuba engumuntu omatasa, kodwa akanayo imenenja embhekela umsebenzi wakhe - uzenzela yonke into.
Ngithe uma ngimbuza ngale ndaba wakubeka kwacaca ukuthi akayidingi imenenja.
UKHULISWE NGUNINA
Wakhuliswa ngunina kuphela njengoba uyise washona emncane. Nakuba uyise eshone eseneminyaka eli-13 ubudala, kodwa uthi kuyafana nokuthi akamazi ngoba akaze amenzele lutho.
Bangamantombazane wodwa kunina. Unengane eyodwa abayiqambe ngokuthi ngusbahle Mzizi, ayizala kudj wasethekwini, ujunior De Rocker. Akanabo abangani futhi nesikhathi sokungcebeleka uthi akanaso njengoba ematasa ngomsebenzi wakhe.
Le ntokazi ilingisa emdlalweni kamabonakude owuchungechunge, irhythm City, lapho enguzinzi Dandala khona. Uphinde abe nohlelo alusakaza kwitouch Central, abe ngumphathi wezinhlelo emicimbini, aphinde acule. Untando uveza ukuthi kubalulekile ukuba asebenze kanzima kwazise unomntwana. “Ngizosithola kanjani isikhathi sokuphumula nginengane ngoba kumele ngivuke ngiphante ukuze iphile kamnandi,” kusho yena.
BEBENGAFUNI ANGENE KWEZIKAQEDISIZUNGU
Uthi uyalishaya ibhodwe - kodwa uyazifela ngamasi. Uzibiza ngompetha ekubondeni uphuthu. Akahlangani nezemidlalo, uthi uma kukhulunywa ngazo kuduma upotiyane.
Abakubo bebengathandi ukuba angene endimeni yezokungcebeleka ngoba besola ukuthi uzocwila ezidakamizweni.
“Babengafuni ukuba ngingene kulo mkhakha ngoba bebengazi ukuthi kukhona okuhle ngawo kodwa manje bayabona ukuthi ngibeka ipuleti etafuleni kanti futhi angihlangani nezidakamizwa,” kusho untando. Umfutho wale ntokazi uyethusa, ungaze uzitshele ukuthi ibuhlabile kanti lutho, ayibuthinti.
Uma isekilabhini ayihlali ndawonye, iyaphithizela, khona lapho uyibone isidansa. Indlela enza ngayo untando ngeke ngiphike uma kuthiwa kukhona akudlayo okumnika lo mfutho ongaka.
AKAHLANGANI NOMCULO
Uma umbingelela ungamazi ungaze uzitshele ukuthi niyazana ngoba uvele akujabulele ngendlela omjabulela ngayo nawe uze uxwaye ukuthi kambe sasihlangana kuphi.
Untando uthi usazimisele ngokuhamba amazwe ngomsebenzi wakhe.
“Kulo nyaka nginezinhlelo eziningi engizozenza okubalwa kuzona nokuhambela amazwe,” kusho yena.
Yize ingoma yakhe nobabes Wodumo esihloko sithi “Phezu Kombhede” ibe nedumela kodwa uthi umculo akawufisi nalapho
uhambe khona. “Angihlangani nje nomculo futhi angiwuthandi. Ngale ngoma bengizenzela nje ngifuna into ezonginika imali eseceleni kodwa akukho okungangenza ngigxile kuwona, ngoba akusiyona into esegazini kimina,” kuchaza yena etshengisa ukuthi akayingeni ngempela eyokuzibophezela emculweni.
UPHAWULA NGOYISE WENGANE
Ebuzwa ukuthi basathandana yini noyise wengane yakhe, ujunior De Rocker njengoba base bethembisene umshado phambilini, akaphumelanga obala kodwa uthe abasathembisene umshado.
“Asisenaso isethembiso somshado sinojunior Mzizi - okunye okwethu sobabili, iphepha alingeni lapho,” kusho yena.
Into angichaza ngayo untando wukuthi uyawuqonda umsebenzi wezintatheli, noma ingathini kuyena kodwa akakuthathi njengempi lokho - uyazi ukuthi izintatheli nazo zenza umsebenzi wazo.
Ukuvuma kwakhe ukuba sixoxe ebe enesikhathi esincane kungenze ngabona ukuthi akaziqhenyi futhi uyawuhlonipha umsebenzi wakhe nowabanye abantu.
UCACISA NGEGAMA LAKHE
Uzibiza ngofleekiswa. Ukucacisile ukuthi akayena uduma Ntando kodwa unguntando wakwaduma. “Abantu abaningi sebeyadideka bazitshela ukuthi uduma igama lami, angisiyena uduma nginguntando,” ecacisa.
Untando akaconsi phansi kubalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana njengoba ehlale ezincokolela khona, aphinde afake nezinto ezihlekisa abantu.
Ukuthandwa kwakhe ngabantu kukhonjiswa yisibalo sabalandeli bakhe kwi-instagram esebezofinyelela kwisigidi.