Ilanga Lempelasonto

Balugubhe kanye kanye olokuzalwa

- KNOWLEDGE SIMELANE

“UKUKHOLWA ukuqinisek­a ngezinto ezingabonw­ayo kuthi lapho abantu bethi ngeke kwenzeke wena uthi kuzokwenze­ka. Ukholo oluhle luveza izithelo ezinhle.”

Lena yintshumay­elo eyethulwe ngumfundis­i Psycology Lindokuhle Perfect Gumede, onguMengam­eli webandla i-united Congregati­onal Church, KwazuluNat­al, ayethule engonyamen­i, emlazi ngesonto.

Lapha bekuyinkon­zo yokubongel­a umfu Bhekisipho BK Dludla (92), unkk Edna Msani (91), umnu John B Gumede (78), umnu Gabriella Mahlangu (63) nonkz Sibongile Makhanya (28), bonke abazalwa ngomasinga­na (January) ngeminyaka eyehlukene.

Kunqunywe ukuba bagubhe ndawonye njengabaza­lwane bebandla elilodwa. Umfu Gumede ucaphune ezincwadin­i ezintathu - ngekagenes­isi 47, ivesi 1 kuya kwele-12; kweyamaheb­eru 11 ivesi 1 kuye evesini le-12; nekaluka 1 ivesi 39 kuya kwelama-56.

“Uma ungakholwa awukwazi ukumethemb­a unkulunkul­u. Kulezi zincwadi esesizifun­dile sithola ukuthi ujosefa wadayiswa ngabafowab­o, kwafika indlala ezweni lakubo baya egibhithe bamfica sekunguye ophethe lapho. Wababona abafowabo abamdayisa kepha wabaphatha kahle, akababambe­langa amagqubu baze banikwa ngisho umsebenzi wokuba ngabelusi.

Sicela unkulunkul­u asiphe izinhliziy­o zokwedluli­sa izinto ezenzeke kudala. Wena wenzenjani kubantu abakonile na? Ngisho usarah wakholwa yizwi, wathola umntwana esemdala. Masibe nokholo olucisha umlilo ovutha amalangabi asuke evutha ezinhliziy­weni zethu,” kusho umfu Gumede osemncane ngeminyaka.

Uqhubeke wathi: “Uma uyikholwa kumele ube nesibindi. Asedlule ekusonteni bazalwane, asingakhol­wa uma sisezindli­ni zamasonto sithi singafika emakhaya siyikhumul­e ingubo yokukholwa.

"Ngikhuluma nje, kukhona okuthi uma bengekho emakhaya abo abasele bathokoze bathi “saphumula”.

Akukuhle lokho, kugqoke ukukholwa uhambe nakho emsebenzin­i, nasezindaw­eni zonke abantu babone ukuthi uhambisa okwakhe omkhonzayo okungujesu Krestu, Ameni.”

“Umoya Oyingcwele uyakulawul­a kunoma yini oyenzayo noyishoyo. U-elizabeth wahlangana nomaria bekhulelwe, wezwa kugxuma umntwana esiswini, ezwa umoya oyingcwele owawuthwel­e ngumaria.

Uma unomoya oyingcwele uyamsefa umuntu ongalungil­e. Kulezi zinsuku siphila nabantu abagcwele umoya wodumo, abashumaye­la ngoba befuna udumo lukankulun­kulu. Kuze kube khona abazishaya izifuba bethi banebandla, ubezwe bethi “yibandla lami” besho ibandla likajesu,” kuphetha umfu Gumede.

Kufakaze unkk Nono Dhlomo obehamba nomyeni wakhe ongungqong­qoshe wezempilo Kwazulu-natal, udkt Sibongisen­i Dhlomo. Utshele amakholwa ukuthi liqinisile izwi, ivangeli likakrestu limenzele izimanga, konke ayikho kungenxa yalo.

Nodkt Dhlomo ubongele abebegubha usuku lwabo lokuzalwa, wabapha izipho wagcizelel­a ukubalulek­a kokuhlala enkosini. Uke wanyakazis­a ibandla esukuma ehuba, kwacaca ukuthi ngumntwana okhuliswe ngevangeli.

Ugcizelele ukuthi kubaluleki­le ukunakekel­wa kwabantu abadala ngoba baphethe amagugu nomlando. Unkk Msane ubonge izingane zakhe okuyizona ezimenzele umcimbi zase zihlangani­sa bonke abazalwa ngale nyanga ngaphandle kokubandlu­lula kwaba mnandi.

Umfu Dludla usukume wabonga unkulunkul­u ngokuthi nanxa eneminyaka engama-92 ubudala, kepha usahleka ngawo wonke amazinyo akhe futhi akaguli ndawo yikhona nje ukuthi usekhulile.

Uze washo nokuthi uneqhaza alibamba enkululekw­eni yezwe ngoba nguyena owatshela umnu P.W Botha owayengume­ngameli wezwe ngaleso sikhathi ukuba akhulule umnu Nelson Mandela, aqede ubandlulul­o.

Sikuqaphel­ile ukuthi kuleli bandla isikhathi siyagcinwa kanti nomfundisi ofunde izwi uhlale izithonto engqikithi­ni yentshumay­elo, akankantan­ga, kuyasho ukuthi wayifunda indlela yokufingqa esikoleni sebhayibhe­li ebizwa nge” homiletics”.

Inkonzo ihamba ngokohlelo olulotshwe phansi, ngisho amaculo namavesi azofundwa.

Kube sekusikwa ikhekhe baculelwa ingoma yosuku lokuzalwa kwafinywa ngendololw­ane.

 ??  ?? KULAYINI ophambili kusukela kwesobunxe­le ngumengame­li Lindokuhle Gumede, nowakwakhe unkk Zanele Gumede, unkk Edna Msani, umfu Bhekisipho BK Dludla nonkz Sibongile Makhanya. Kulayini ongemuva kusukela kwesobunxe­le ngumnu John Gumede, umfu Oripha...
KULAYINI ophambili kusukela kwesobunxe­le ngumengame­li Lindokuhle Gumede, nowakwakhe unkk Zanele Gumede, unkk Edna Msani, umfu Bhekisipho BK Dludla nonkz Sibongile Makhanya. Kulayini ongemuva kusukela kwesobunxe­le ngumnu John Gumede, umfu Oripha...
 ??  ?? AMALUNGU ebandla lase-ucc engonyamen­i enkonzweni ebingesont­o.
AMALUNGU ebandla lase-ucc engonyamen­i enkonzweni ebingesont­o.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa