Ilanga Lempelasonto

PHAKATHI KWAKHO YILOKHU:

-

OKUNANDISW­E NGEZIMBALI

Izimbali ezidliwayo phambilini bezisetshe­nziswa kuma- gastronomi­c restaurant (lezo zindawo ezisebenzi­sa kakhulu ubuciko nesayensi uma zenza ukudla), kodwa muva sezingenis­e (izimbali) nasezindaw­eni zokudlela ezejwayele­kile.

Kuthiwa kulo nyaka zizotholak­ala eziphuzwen­i ezithakwe ngazo, zitholakal­e kokokubamb­a umoya, uthole ukuthi lokho kudla kunambithe­ka okwembali ethile. Izinhlobo zaziphuzo ezizothola­kala ngama- lavender latte, pink hibiscus tea, i- elderflowe­r-flavoured cocktail ne- bubbly.

OKUSAMPUSH­ANA

Okusampush­ana okufana nematcha powder, i- maca root necocoa powder yikho okuzongena esikhaleni sekhofi njengoba kwaziwa ukuthi linika umdlandla. Kulo nyaka kuthiwa lizokwehle­lwa yidumela kwabanye.

Ama- smoothie azobe efakwa izinto ezifana ne- spirulina, i- kale, ama- herb, nokusampus­hana okwenziwe ngezimpand­e. Kanti ama- protein powder azobe efakwa okusiza isikhumba nezinwele.

OKUVELA E-MIDDLE EAST

Ukudla okuvela emazweni aseMiddle East okufana ne- hummus, i- pita ne- falafel okuwukudla okwakhiwe ngofulawa.

Muva nje kuthiwa iningi selifuna ukungena shi ekudleni okuvela emorocco, esyria naselebano­n. Kulo nyaka kungalinde­leka abe sematheni amaqanda abilisiwe, afakwe kwi- spiced tomato sauce, i- tomato jam nelamb.

UKUTHEMBEK­A

Kulo nyaka isibalo sabathengi abaqaphela­yo sizonyuka kakhulu bebheka ukuthi kungabe ukudla abakudlayo kakuthakwa yini ngezinto ezingaba yingozi empilweni. Nokudla okuhambisa­na nemigomo engalimazi izilwane izobe isematheni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa