ZOWAKHA MBATHA
zi abasuke befika kulo mkhakha bakhale ngokuvalelwa kulezi ziteshi.
Ngezinye izikhathi baze balibeke ngembaba abanye elokuthi yipayola nokuyigama elisho ukugwazelwa kwabathile emsakazweni ukuze kudlalwe izingoma.
Kuyishwa ukuthi kunabasakazi abafana novukani Masinga (Chillie M) abagcine bechithwa emsakazweni ngenxa yayo le payola.
Okubi ngesibonelo sikachillie M wukuthi esikhathini esiningi kugxekwa abadidiyeli bomculo ngayo le payola njengoba kuyibo abafaka izingoma ezizodlalwa kodwa kasibaboni bona bexoshwa noma beboshwa.
Kuhlukile ukwenza phela namuhla emisakazweni eminingi ngoba kakuseyibo abasakazi abazinqumela ukuthi yiziphi izingoma kodwa bazithola sezibalindile emshinini uma beqala izinhlelo.
Okubi wukuthi onkabi bayakwazi ukuzikhethela ukuthi bazozidlala kanjani, nini.
Kokunye banalo nelungelo lokuzifakela ezabo ezimbalwa nokuyikho okuvula le mbobo yepayola. Ezinye bazidlala zingakakhishwa nokukhishwa, ezinye bazidlale ngoba bezicoshe ezinkundleni zokuxhumana, zabachaza.
Okubi-ke futhi nosekushiwo kaningi phambilini wukuthi laba baculi bayehluleka wuku- phumela eshashalazini, batshele abaphathi ngalaba basakazi ababagwazisayo.
Iqiniso lona limile nje, kawukho ngempela msulwa njengoba besho umnyango wokudlalwa komculo emsakazweni. Lokhu ukubona nangokuba izingoma zabasakazela zona lezi ziteshi njengoba abanye babo bengodj, zidlalwa ziphindelelwa nangozakwabo.
Kakusikhona ukuthi zisuke zishisa ezinye zazo kodwa kwenzelwana umusa.
Imisakazo yethu ikakhulukazi abaphathi uma bezimisele ngokuthathwa njengabantu abaqotho, kusafuneka umshanelo omkhulukazi kulo mnyango kukhucululwa indaba yekomiti nabadidiyeli bomculo.
Abaningi abasebenza ngale mboni, yinto abahlale beyikhuluma ukuthi kunomlisa ongubhongoza kwesinye seziteshi ezenza inzuzo ngaphansi kweSABC ongadlali uma kuza kwipayola kodwa bonke bamathintanyawo ngokuphumela obala.
Imisakazo noma abasakazi kakumele basebenzise amandla ngokucindezela amaciko.
Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za