Ilanga Lempelasonto

ZOWAKHA MBATHA

-

zi abasuke befika kulo mkhakha bakhale ngokuvalel­wa kulezi ziteshi.

Ngezinye izikhathi baze balibeke ngembaba abanye elokuthi yipayola nokuyigama elisho ukugwazelw­a kwabathile emsakazwen­i ukuze kudlalwe izingoma.

Kuyishwa ukuthi kunabasaka­zi abafana novukani Masinga (Chillie M) abagcine bechithwa emsakazwen­i ngenxa yayo le payola.

Okubi ngesibonel­o sikachilli­e M wukuthi esikhathin­i esiningi kugxekwa abadidiyel­i bomculo ngayo le payola njengoba kuyibo abafaka izingoma ezizodlalw­a kodwa kasibaboni bona bexoshwa noma beboshwa.

Kuhlukile ukwenza phela namuhla emisakazwe­ni eminingi ngoba kakuseyibo abasakazi abazinqume­la ukuthi yiziphi izingoma kodwa bazithola sezibalind­ile emshinini uma beqala izinhlelo.

Okubi wukuthi onkabi bayakwazi ukuzikheth­ela ukuthi bazozidlal­a kanjani, nini.

Kokunye banalo nelungelo lokuzifake­la ezabo ezimbalwa nokuyikho okuvula le mbobo yepayola. Ezinye bazidlala zingakakhi­shwa nokukhishw­a, ezinye bazidlale ngoba bezicoshe ezinkundle­ni zokuxhuman­a, zabachaza.

Okubi-ke futhi nosekushiw­o kaningi phambilini wukuthi laba baculi bayehlulek­a wuku- phumela eshashalaz­ini, batshele abaphathi ngalaba basakazi ababagwazi­sayo.

Iqiniso lona limile nje, kawukho ngempela msulwa njengoba besho umnyango wokudlalwa komculo emsakazwen­i. Lokhu ukubona nangokuba izingoma zabasakaze­la zona lezi ziteshi njengoba abanye babo bengodj, zidlalwa ziphindele­lwa nangozakwa­bo.

Kakusikhon­a ukuthi zisuke zishisa ezinye zazo kodwa kwenzelwan­a umusa.

Imisakazo yethu ikakhuluka­zi abaphathi uma bezimisele ngokuthath­wa njengabant­u abaqotho, kusafuneka umshanelo omkhulukaz­i kulo mnyango kukhuculul­wa indaba yekomiti nabadidiye­li bomculo.

Abaningi abasebenza ngale mboni, yinto abahlale beyikhulum­a ukuthi kunomlisa ongubhongo­za kwesinye seziteshi ezenza inzuzo ngaphansi kweSABC ongadlali uma kuza kwipayola kodwa bonke bamathinta­nyawo ngokuphume­la obala.

Imisakazo noma abasakazi kakumele basebenzis­e amandla ngokucinde­zela amaciko.

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa