Ilanga Lempelasonto

UWINSTON UBHEKANA NOTALATIYA ENGENA EHHOVISI

- ZOWAKHA MBATHA

DARKEST HOUR UMQONDISI: Joe Wright ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Gary Oldman (Winston Churchill), Kristin Scott Thomas (Clemmie), Lily James (Secretary-elizabeth Layton), Ben Mendelsohn (King George VI)

UHLOBO: Political War Drama IMINYAKA: PG UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

ABAZOBUKA le filimu bangathi ifike ngesikhath­i esikahle kuleli njengoba ikhuluma ngokuphoqe­leka kokwesula ephalamend­e ebritain kukaprime Minister Neville Chamberlai­n ohola ilabour Party, osolwa ngokuba ntekenteke ekuvikelen­i izwe.

Lokhu kwenzeka phela njengoba amanazi ka-adolf Hitler asegermany engagayelw­e mphako ngesikhath­i sempi yesibili yomhlaba.

Nguye okumele aqoke ozongena esikhundle­ni sakhe nokugcina kuba nguwinston Churchill ngoba kubukeka sengathi nezinye izinhlanga­no zingamamuk­ela.

Uking George VI okunguyena ophethe ibritain, akamnambit­hisisi kahle ngenxa yokwenzeke phambilini kwipolitik­i kuleli lizwe.

Kuxatshanw­a zisuka nje ephala- mende njengoba uchurchill enkulumeni yakhe nje yokuqala engayikhul­umi eyoxolo kodwa ethi kuzochithe­ka igazi nezinyembe­zi. Usolwa nje yingoba namasotsha akhona avaleleke edunkirk naseCalais.

Khumbula njalo, konke lokhu kwenzeka inkonyane isathuka isisinga kuyena ngalesi sikhundla nokuyizona zinsuku ifilimu egxila kuzo, isonto lakhe lokuqala kusukela ziyishumi kunhlaba (May) eneminyaka engama-65.

Ugcina ephoqeleka ukuba aqale izingxoxo zoxolo namanazi ukuze ku-hlengeke abahlali basebritai­n noma abhekane ngqo nempi okubukeka ingeke inqobeke.

Kuyo yonke le ndlela unkosikazi wakhe, uclemmie, amshiya ngeminyaka engaphezu kwephindwe kabili kweyakhe njengoba enama31 nomabhalan­e wakhe kabayekile ukumeseka emizameni yokuvikela imibono nenkululek­o yabantu bakhe njengoba kumele abhale inqwaba yezinkulum­o ezizosakaz­wa ukuze zibuyise ithemba esizweni.

Ingene ngolwesihl­anu lwayizolo e- cinema. zowakha@ilanganews.co.za

KUSHINTSHI­LE ukwenza ohlwini lwamafilim­u ahambe phambili ngempelaso­nto edlule yomhlaka-26-28 January njengoba IJUMANJI: WELCOME TO THE JUNGLE isisukile esicongwen­i nakuba isephezulu ngokufaka imali (R52 214 520).

Lumi kanjena uhlu lwahambe phambili ngokusho kwabakwast­er Kinekor Entertainm­ent:

1 - MAZE RUNNER: THE DEATH CURE

2 - JUMANJI: WELCOME TO THE JUNGLE

3 - COMMUTER

4 - GREATEST SHOWMAN 5 - PITCH PERFECT 3

6 - FERDINAND

7 - PROUD MARY

8 - POST

9 - INSIDIOUS: THE LAST KEY 10 -MONSTER FAMILY

 ?? ISITHOMBE NGABE: THE TIMES.CO.UK ?? UWINSTON nomkakhe uclemmie.
ISITHOMBE NGABE: THE TIMES.CO.UK UWINSTON nomkakhe uclemmie.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa