Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

AKUSIWO umqondo omuhle ukuzenzela lonke uhlelo lokuqoshwa komculo esitudyo, engekho okubhekile, onguphroju­sa, kumbe ozoba yiso.

Kuyenzeka umuntu ngenxa yokuthi usesebenze iminyaka eminingi emculweni, kumbe unolwazi lonke bese ecabanga ukuthi kulula ukuzenzela. Abanye basuke bexinwe yisimo sezimali bese bezama ukonga izindleko kanti bayazilima­za.

Ngisho umuntu angahlakan­ipha aphuze amanzi ngemfologo ngeke akwazi ukubona amanye amaphutha akhe nawakanjin­iyela uma kuqoshwa. Kubaluleki­le ukuthi noma umculi engenayo imali kodwa azame ukuthola ozoba yindlebe emsebenzin­i wakhe.

Kusizani ukuba umuntu ajahe ukukhipha umsebenzi athi eseqedile ususemaket­he kutholakal­e ukuthi ukudla akuphekile akuvuthiwe, kumele kubuyiselw­e ebhodweni.

Baningi abaculi esibaziyo asebekhokh­e cishe imali eshisiwe belokhu besuka kulesi studyo baye kwesinye emuva kokuba umsebenzi wabo usuphumile sekuzwakal­a ukuthi uyimfeketh­o. Ukuba lowo mculi wayevele waqongelel­a imali walinda wathola abantu abawaziyo umsebenzi ubezokhokh­a kube kanye.

Kubaluleki­le ukuba umculi athole uqweqwe lukaphroju­sa osenamagal­elo aziwayo nosewake wakhipha abaculi, wazuza izindondo - lokho kuzomsiza.

Phela ukusebenza nophrojusa onegama kusiza ekutheni nezinkampa­ni ezisabalal­isa umculo ( distributo­rs) zisheshe ziwuthathe lowo msebenzi ngoba zimethemba.

Uphrojusa osemnkants­hubomvu akawubambi umshini uma kunamaphut­ha, uyawazi umthetho omkhulu wokuqopha othi: “Alikho iphutha elincane, makhulu onke.”

Bayazi omakadebon­a kwezomculo ukuthi uma kuqoshwa kuhlangani­swa iculo kujuluka ikhala, akudlalwa ngoba kusuke kulindelek­e ukuba kukhishwe umpe lodwa. Umculi unalo ilungelo lo- kwenza izivumelwa­no nophrojusa ngodaba lokukhokhe­lana kunokuba akhiphe inhlakanhl­aka amanyal’omthini.

Ukuba khona kukaphroju­sa estudyo kulekelela ekwehlisen­i izindleko nokongiwa kwesikhath­i ebesingach­itheka umculi oqophayo abezosimos­ha ngokuba athi eseqophile aphinde ahlale phansi azilalele ukuthi ucule ngakho yini.

Cabanga-ke lokho kuzokwenze­ka eculweni ngalinye, kusazomele alalele ukuthi iphimbo lakhe belikahle, izinsimbi zihlangene, isipidi sengoma sikahle yini nokunye.

Phela onjiniyela bayakuthok­ozela ukuchithwa kwesikhath­i ngoba basuke bebhala imali bengenanda­ba. Benjalo nje onjiniyela abangathem­bekile bayakwazi ukuba baqambe amanga bethi kukhona amaphutha benzela kuhambe isikhathi.

Konke lokho uphrojusa uyakwazi ukukunqand­a kungenzeki.

Kufuneka uphrojusa ozaziyo izinhlobo zemisindo nomculo jikelele, ongafunise­li.

Kuyadumaza ukuzwa umculi ekhipha ingoma efana neyomunye ekubeni bekufanele uphrojusa akuzwe lokho ingakaqosh­wa. Uma umuntu enguphroju­sa kumele alalele imisakazo nomabonaku­de, azazi izingoma zabanye abaculi. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa