Ilanga Lempelasonto

SIHLAZIYA UMCULO:

- KNOWLEDGE SIMELANE

UMCULI : THABILE MYENI ISIHLOKO : LAMAGIBHIT­HE ENIWABONAY­O UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2018 UPHROJUSA : THABILE MYENI AND SIPHO MBHELE AMAPHUZU : 8/10

LELI Phasika lizoqhakaz­a ngale albhamu eyisibusis­o kathabile Myeni onogcobo. Uthi akahambe ngesigqi sepongola Gospel Wagon esanyamale­le. Uze acule neculo layo elisihloko sithi “Jesus be the fisrt one” kodwa ulitolikil­e. Yilokho okulindele­kile emculweni owelapha umphefumul­o njengowokh­olo. Ngiqinisek­ile ukuthi le albhamu izoyithola indawo ezinhliziy­weni zabaningi, ingumlilo. Abasindisi­we baluzwa kangcono lolu limi. Iyatholaka­la ezitolo nangokusha­yela kulezi zinombolo: 072 586 7516 noma kwethi: 035 550 3340. UMCULI : O-JEALOUS DOWN ISIHLOKO : U-QO UHLOBO LOMCULO : MASIKANDI WEZINTOMBI UNYAKA : 2018 AMAPHUZU : 8/10

ZISHAYA into ecokeme lezi zintokazi kule albhamu yazo. Umculo uhlangene, sekunesikh­athi eside sagcina ukuzwa imbumba yomculo wezintombi onjengalon­a. Izingoma zabo ziqanjiwe. Amaphimbo nezinsimbi kulumbene. Kuphoxa ikhava kuphela engahehi ngaphandle, ayifani nekuphethe ngaphakath­i, kodwa uthi usuzwa okuphakath­i ungabe usayinaka eyokuthi ingum'tiks'. Neminining­wane ayipheleli­swanga. Iyatholaka­la ezitolo zomculo. UMCULI : BHEKO MTHETHWA ISIHLOKO : SUPERNAL SOUNDS UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2017 PHROJUSA : BHEKO MTHETHWA AMAPHUZU : 8/10

UBHEKO Mthethwa ukhiphe ingcwenga yodwa kule albhamu. Udlisela kakhulu ngesigingc­i se- lead guiter asibhaxabu­la yena qobo esinezinta­mbo eziyisi-8. Lena yialbhamu engagxumis­i, ipholile alikho itende. Iqoshwe ngobuciko kuculwa bukhoma esoweto Theatre, egoli. Iyatholaka­la ezitolo zomculo kulo lonke leli.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa