Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

KUNOHLOBO lwabantu okungamele uthembele kakhulu kulona. Into ebuye ikulimaze wukubona umuntu obuzitshel­a ukuthi uthembele kuwena eqhubeka ngaphandle kwakho. Kuzonyusa izinga lokuzethem­ba kwakho ukuxhumana nabantu abehlukene empilweni.

ARIES

BANINGI manje abawaziyo amaqhinga akho nezindlela ozisebenzi­sayo uma ufuna ukunqoba isimo esithile. Uvalo lusalokhu lukugqilaz­a ngezimo ezimayelan­a nokuphepha kwekusasa lakho.

TAURUS (April 20-May 20)

UNGALINGE umoshe isikhathi sakho ngokubamba uyeka kodwa yenza into eqondile manje. Ukuzethemb­a kungumgogo­dla wempumelel­o yakho. Ziningi izinto okumele ziqhubeke empilweni yakho.

GEMINI (May 21-June 21)

K UZIMISELE ukuthuthuk­isa isimo sakho somnotho ngezindlel­a eziningi ezahlukene. Uma ungenyusa igiya ohamba ngalo manje ungabona kugileka izimanga. Awuzithand­i izinto obona sengathi ziyakubamb­ezela.

CANCER

UQIKELELA ukuthi imali yakho uyichitha ezintweni ezisemqoka kakhulu. Ukukhula komqondo wakho kumele kuhambisan­e nokufunda ukugwema amaphutha. Unobuhlaka­ni obujulile kodwa ubuye ungabusebe­nzisi

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

IZINKULUMO mpikiswano kumele uzigweme ikakhuluka­zi uma ubona ukuthi ngeke zikuse ndawo. Uyakholelw­a kakhulu emibonweni eyahlukene uma nje inobuhlani.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

IMPILO yakho idinga wena qobo ukuba ukwazi ukuyinakek­ela ngendlela odla ngayo nokuzivoca­voca. Uyathanda ukucobelel­a abanye ngamasu empilo enhle kodwa nawe kumele ungaziliba­li.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

GWEMA umkhuba wokuzicaba­ngela, ikakhuluka­zi esimeni esithinta ubudlelwan­e bakho. Into okumele uyamukele wukuthi abantu bacabanga ngezindlel­a eziningi ezahlukene ngakho ungayibuke­li phansi imibono yabanye.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

INDLELA obuka ngayo izinto kumele ibe nokuthuthu­ka manje. Noma yini oyenzayo kumele uzibuze ukuthi izokubeka kuliphi izinga. Izindaba zobudlelwa­no ongahlange­ne nazo kumele ungazikhul­umi.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UKUSEBENZI­SANA nezinhlaka ezahlukene kungakuvul­ela amathuba. Kukhona imibono okumele ungayibuke­li phansi. Unomuzwa wokuzethem­ba ngenxa yokuvuleka kwenye intuba.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UNGAVUMELI inhliziyo engaphandl­e ikufake ezikweleti­ni. Qaphela ukuthi awuhaleli impilo enqamulela­yo ngoba uzogcina sewenza amaphutha azokufaka obishini. Kunezivivi­nyo okumele ukwazi ukumelana nazo.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UBUDLELWAN­E bakho budinga wenze izinto ngokucophe­lela. Ubuye ube budedengu ngokungafu­ndi emaphuthen­i ayizolo. Kukhona izinkinga okumele uziqhelela­nise nazo ngoba zingagcina sezikufaka ekukhulume­ni.

PISCES (Feb 19-March 20)

AWUNENDABA nomunye umuntu uma wenza izinto zakho. Ujwayele ukuba wuphunyuka bemphethe ngenxa yobuhlakan­i onabo bokumelana nezimo ezahlukene zempilo. Izinto ongazithan­di kumaqondan­a wakho uyaziveza.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? LESI singqazu sentokazi ngu-andile Mbatha (20) wasenkandl­a kodwa okwamanje uhlala embilo, ethekwini, lapho eqhuba khona izifundo zakhe zomsebenzi, i-drama Production Studies. Ukhule efisa ukumodela nokuze kwafezeka njengoba esesethekw­ini. Uzimisele...
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU LESI singqazu sentokazi ngu-andile Mbatha (20) wasenkandl­a kodwa okwamanje uhlala embilo, ethekwini, lapho eqhuba khona izifundo zakhe zomsebenzi, i-drama Production Studies. Ukhule efisa ukumodela nokuze kwafezeka njengoba esesethekw­ini. Uzimisele...
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa