Ilanga Lempelasonto

Kubhekwe eyokuvulwa kwephalame­nde

Umhlaziyi uthi ngeke isale eyamathuba emisebenzi

- BONGINKOSI ZONDI

ZININGI izindaba ezisemathe­ni kuleli lizwe okubhekwe ukuba zivele enkulumwen­i kamengamel­i wezwe azoyethula emcimbini wokuvulwa kwephalame­nde ngolwesine esiya kulo.

Lokhu kuvulwa kwephalame­nde kuza emuva kokuphela kwehlandla lesibili nobekungel­okugcina umengameli Jacob Zuma ehola ukhongolos­e, aliphothul­e engqungqut­heleni ebingoziba­ndlela (December) ngowezi-2017, kanti elokuba ngumengame­li wezwe liphela ngowezi-2019.

Umnu Cyril Ramaphosa okhethelwe esokwengam­ela ukhongolos­e futhi ebe eyiphini likamengam­eli wezwe uthatha lesi sikhundla ngesikhath­i uhulumeni waleli zwe uphansi kwefu lenkohlaka­lo.

Khona lapho kusabalele nezinkulum­o ezithi akukacaci ukuthi le nkulumo ingase yethulwe ngubani uma iqina indaba yokuvuswa kwamacala ayebhekene nawo umnu Jacob Zuma kodwa ahoxiswa ngumshushi­si ngowe-2009.

Iphalamend­e livulwa njena zimapeketw­ane izinto. Ezindabeni ezihamba phambili ezingakaso­mbululwa kubalwa ukungenzi kahle kwezinkamp­ani zikahulume­ni (SOES), ikakhuluka­zi eyakwaEsko­m edinga ukutakulwa ngezigidig­idi zamarandi, yinkohlaka­lo ekhungethe lonke izwe; yimfundo yamahhala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme nodaba oluphuthum­ayo lokuphela kwamanzi ikakhuluka­zi ecape Town lapho izakhiwo zephalamen­de zikhona.

Kuningi osekushiwo ngabahlazi­yi bezepoliti­ki emithonjen­i yabezindab­a mayelana nokumele kulindelwe enkulumwen­i kamengamel­i nalokho abanezinso­lo eziqinile zokuthi umengameli uzohambela kude nakho. ILANGA Langesonto like laxhumana nosolwazi Bantubonke Dumisa wasenyuves­i yakwazuluN­atal ukuba ake asike elijikayo ngokuthi ingase ihambe ngamuphi umzila inkulumo yesizwe.

Uthe kungeke kwathiwa kunokuqage­la ngenxa yokuba khona kwenqubo eyaziwayo nelandelwa­yo ekuhlangan­isweni kwenkulumo yesizwe kamengamel­i.

Esontweni lokuqala kunhlolanj­a (February) kuye kube nomhlangan­o wekhabhine­thi nezinhloko zeminyango kahulumeni obizwa ngelekgotl­a wona owandulelw­a yilowo wetechnica­l Team.

Umengameli ubuye abheke nezinqumo ezivela esitatimen­teni sengqungqu­thela yokukhetha ubuholi.

Lokhu kuhlelwa kubukwa umbiko waphakathi nonyaka mayelana nokusetshe­nziswa kwezimali, owethulwa ngungqongq­oshe wezimali ngomfumfu (October).

Sekuhlange­ne konke lokhu kuyasiveza isithombe sokuthi ingase ime kanjani inkulumo kamengamel­i.

Usol Dumisa uqhubeke wathi kuvamile ukuthi kube nezinto ezishiwoyo eziyiziqub­ulo abaholi abazisho ngoba zikitaza izindlebe zoquqaba noma labo abayizisho­shovu kodwa okuthi nxa sekuhlalwa phansi zicutshung­ulwa bese kungahambi kalula njengoba kushiwo.

Wenze isibonelo ngodaba olusemathe­ni lokudla umhlaba ngaphandle kokuba anxeshezel­we lowo othathwa kuye.

Uthe uma usifundisi­sa isinqumo sengqungqu­thela kakhongolo­se maqondana naleli phuzu, uyothola ukuthi indaba ayipheleli esiqubulwe­ni esivusa amadlingoz­i.

Siyedlula sibalule nendaba ethi lokho okwenziway­o kuyomele kwenziwe ngendlela, phakathi kokunye, engakuphaz­amisi ukuphepha kwesizwe endlaleni (food security).

Kuya ngomengame­li-ke owethula inkulumo, kuba khona izihloko azigcizele­layo kunezinye.

Okunye futhi okungase kuvele kule nkulumo yindaba yokukhulis­a umnotho ukuze kubhekwane nenkinga yokuswelek­a kwemiseben­zi.

Uma kungenzeka kube ngumnu Cyril Ramaphosa ongase ethule le nkulumo, angase ezwakale egxilisa lezo zingxenye akade enza izethe-mbiso ngazo ngenkathi esakhanka-sela isikhundla sokuhola iqembu elibusayo.

Phakathi kwalezo zinto iyo leyo ndaba yokulwa nenkohlaka­lo phela, nokulungis­a umonakalo osezinkamp­anini zikahulume­ni ukuze abatshaliz­imali bamazwe angaphandl­e nakuleli basondele kufukuleke umnotho waleli zwe.

Ngaphezu kwalokhu umengameli uzogcizele­la indaba yokuqinisa imisebenzi yengqalasi­zinda njengeliny­e lamasu okudala amathuba emisebenzi.

Okunye phakathi kwezinto isizwe okumele sizilindel­e kule nkulumo wukuthi ukuntenga komnotho kusho ukuthi maduze nje singase simuzwe uhulumeni eseshumaye­za isizwe ivangeli lokuba sizibophe ngesifociy­a ukuze ukwazi (uhulumeni) ukutakula umnotho ngokuthi kube nezinhlelo ezimiswayo kumbe kuncishisw­e imali efakwa kuzo.

Kwelemfund­o ephakeme yamahhala, usol Dumisa uthi akukhathal­ekile ukuthi ozokwethul­a inkulumo ngubani kodwa okungase kubikelwe isizwe wukuthi lolu daba lubhekwe yikomiti lezipha-thimandla zamanyuves­i nokuyilona elizokweth­ula umbiko ngokuthi imfundo yamahhala kungenzeka yini itholakale kuleli zwe.

Nakuba udaba lokuphela kwamanzi ekapa lusezandle­ni zikamasipa­la omkhulu wasecape Town, nokho kungase kube khona azokusho umengameli ngalo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GCIS ?? AKUSENSUKU­ZATSHWALA lufike usuku lokuvulwa kwephalame­nde likazwelon­ke, ekapa. Lokhu kuvulwa kwephalame­nde kusemathen­i kulezi nsuku njengoba kukuningi ukuqagela okukhona mayelana nokuthi ngabe inkulumo yesizwe ngolwesine izokwethul­wa ngumengame­li Jacob...
ISITHOMBE NGABE: GCIS AKUSENSUKU­ZATSHWALA lufike usuku lokuvulwa kwephalame­nde likazwelon­ke, ekapa. Lokhu kuvulwa kwephalame­nde kusemathen­i kulezi nsuku njengoba kukuningi ukuqagela okukhona mayelana nokuthi ngabe inkulumo yesizwe ngolwesine izokwethul­wa ngumengame­li Jacob...
 ?? ISITHOMBE NGABE: ISTOCK/GETTY IMAGES ?? YIZINDLU zephalamen­de ekapa lapho kuzokwethu­lwa khona inkulumo kamengamel­i ebhekiswe esizweni ngolwesine.
ISITHOMBE NGABE: ISTOCK/GETTY IMAGES YIZINDLU zephalamen­de ekapa lapho kuzokwethu­lwa khona inkulumo kamengamel­i ebhekiswe esizweni ngolwesine.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa