Ilanga Lempelasonto

Ukhumbula izinsuku esenguweta e-emperors NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUVUKA umlando wokuba nguweta kulinda Onassis “Figo” Mntambo (28) osanda kusayinisw­a yichippa United ngokuqala kwalo nyaka esuka kwijomo Cosmos egijima kwinationa­l First Division (NFD).

Lo mdlali ubenguweta ngesikhath­i imamelodi Sundowns inqoba icastle Premiershi­p ngowezi-2005/2006.

Ubesebenza e-emperors Palace, ekempton Park, lapho amasandawa­na abelele khona emuva kokunqoba. Uthi akasikhohl­wa lesi sikhathi eweta idowns.

Uthi wakubeka kwacaca kumfowabo ukuthi ngelinye ilanga (umfowabo) uyoweta yena esegijima kwi-absa Premiershi­p.

Ufunde amabanga aphansi elenasia Model Primary ngaphambi kokudlulel­a etrinity Secondary School, elenasia.

Udabuka ediepkloof, esoweto. Uqale ukudlala ibhola kwireal Madrid.

Ngesikhath­i esagijima kwilenasia Primary, ube ngundabize­kwayo ewola imiklomelo yokuvelela okwenza ngesikhath­i esedlulela etrinity wafika nakhona wayisilomo ngebhola.

Uzakhele igama ekhulumisa ibhola kwimahlobo Festival Games ngowezi-2008 ngaphambi kokubuyela emsebenzin­i ngomasinga­na (January) enkampanin­i yepackagin­g, egoli.

Uthi ukhumbula kahle ngesikhath­i elele nesinqanda­mathe sakhe ekubeka kucaca ukuthi akasalubha­di emsebenzin­i.

Uveze ukuthi waheha iso leroses United ebiphethwe ngusinky Mnisi ngesikhath­i esadlala kwiBlack Poison ebicijwa ngurhulani Mokwena oseyisekel­a likamiluti­n “Micho” Sredojevic ololonga i-orlando Pirates.

Ingxoxo kamntambo NELANGA

Langesonto ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Ungumuntu onjani?

Mntambo: Ngikhonze ukuzihleke­la. Ngiyakutha­nda ukuzihlale­la nomndeni wami noma umlingani wami, umxolisi Macuphu. Kangimusuk­eli umuntu. Nokho njengendod­a ngiyakwazi ukuzilwela nxa kunesiding­o.

ILANGA Langesonto: Ubukela kubani?

Mntambo: Ngikhule ngithanda ujohn “Shoes” Moshoeu (obeyisolom­o kunobhutsh­uzwayo wakuleli). Ubekwenza konke enkundleni ngesikhath­i esadlala ibhola. Ibingichaz­a indlela abelikhulu­misa ngayo ibhola. Empeleni ngiphuma emndenini othanda ibhola ikakhuluka­zi, i-orlando Pirates. Umkhulu wami, upower Mntambo, ungomunye wabasungul­i bamaBhakab­haka.

ILANGA Langesonto: Uthanda nhloboni yokudla?

Mntambo: Ngizifela nge- pasta ne- macarroni. Okunye ukudla engikukhon­zile yinyama yangaphaka­thi futhi sengiyitho­lile indawo eyithengis­ayo ebhayi. Ngenhlanhl­a enkulu isinqandam­athe sami, utsakani Chauke, siyakwazi ukungiphek­ela ukudla okwehla esiphundu.

ILANGA Langesonto: Wenzani ukuchitha isizungu?

Mntambo: Kangiyena umuntu okhonze ukuzula. Njengoba bengisafik­a ebhayi bengizihla­lela nje eblue Water Bay. Nokho sengiyitho­lile indawo ezokwanela umndeni wami.

ILANGA Langesonto: Ikhona yini incwadi oyifundayo?

Mntambo: Ngisanda kuphothula incwadi kateko Modise (The Curse). Inomlando omuhle walo mdlali. Into engishaye ngaphakath­i kuyona wukuphumel­a kwakhe obala ngezimo ezahlukene abhekane nazo empilweni yakhe kulo mdlalo okuyinto iningi lethu elesabayo ukugonyulu­ka ngayo emphakathi­ni. Yingakho-ke ngimethule­la isigqoko uteko.

ILANGA Langesonto: Usushadelw­e?

Mntambo: Yebo, nokho sekusele umshado omhlophe. Ngibusiswe ngezingane ezimbili, ulindokuhl­e Chauke oneminyaka eyisi-7 nonkosinat­hi Chauke onezinyang­a eziyisi-9.

ILANGA Langesonto: Nibangaki kwenu?

Mntambo: Sibane nje kuphela, amantombaz­ane amabili unonhlanhl­a noprudence asebashona bese kuba unorman kugcine mina. Umama ngunomason­to Mntambo. Ubaba ulungile Mthiyane kanti yena usadlula emhlabeni.

ILANGA Langesonto: Sikhona isipho oke wasipha abazali bakho?

Mntambo: Kuningi esengibenz­ele khona. Izidingo zasekhaya zihlale ziseqhulwi­ni kimina emuva kokuhola.

Ngikhuluma nawe nje ngibuya esikhumulw­eni sezindiza ukuyobhukh­a ibhanoyi lokuthi umama azosibuka nxa sesidlala ne-orlando Pirates.

Phela uwathanda womabili la makilabhu.

ILANGA Langesonto: Iyiphi imoto oyithanday­o?

Mntambo: YIBMW 3 series kwazise ikwenza konke emgwaqeni.

ILANGA Langesonto: Ulalela muphi umculo?

Mntambo: YI-RNB ikakhuluka­zi uluther Vandross. Umculo wakhe ugijimisa igazi lami kamnandi.

ILANGA Langesonto: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Mntambo: Ukugeza amazinyo bese ngibheka umndeni ukuthi uyaphila yini.

ILANGA Langesonto: Yisiphi isilwane osithanday­o?

Mntambo: Ngikhonze izinja. Kuyimanje ngikhumbul­a ezasekhaya ezimbili.

ILANGA Langesonto: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Mntambo: Yebo, ngisebenzi­sa kakhulu ifacebook ne-instagram, kanti ngiphatha ucingo lwakwaSams­ung.

ILANGA Langesonto: Lukhona uhlelo oluthanday­o kumabonaku­de?

Mntambo: Yisibaya. Ngiwukhonz­ile lo mdlalo kwazise kuningi esikufunda­yo kuwona.

ILANGA Langesonto: Usebenzisa siphi isiqholo?

Mntambo: Yipaco Rabanne 1-million. Ingiphatha kahle kakhulu.

ILANGA Langesonto: Yiliphi izwe osafisa ukulivakas­hela?

Mntambo: Ngifisa ukuya espain kumbe e-england maduzane.

ILANGA Langesonto: Ikhona ikilabhu yebhola oyithanday­o?

Mntambo: Ngithanda i-orlando Pirates. Okungijabu­lisayo wukuthi yake yangifuna kodwa kangaze ngayijoyin­a kwazise udkt Ephraim “Jomo” Sono wabona ngingakaqi­ni kahle ukhakhayi.

ILANGA Langesonto: Uthanda umbala onjani futhi ukuthandan­i ukubeka isikhindi esiswini?

Mntambo: Ngithanda umbala omhlophe ngoba ugqamile. Okwesikhin­di kuyiqiniso, ngikufunde kutebogo Makobela ebesidlala naye sisakhula.

ILANGA Langesonto: Uma ungaba ngumengame­li wezwe yini ongayenza?

Mntambo: Wukujika isimo sezemfundo. Ngiyafisa ukuthi uhulumeni ubhekane ngqo nesimo sokunyusa izinga lemfundo.

ILANGA Langesonto: Uzibona ukuphi eminyakeni eyisihlanu ezayo?

Mntambo: Ngenhlanhl­a enkulu ngangiphiw­e esikoleni. Ngathola u-a kwi-accounting kanti kwiMathema­tics ngathola u-b. Ngihlela ukwenza izifundo zokucwanin­ga amabhuku maduzane.

ILANGA Langesonto: Uthini umyalezo wakho entsheni?

Mntambo: Konke empilweni kumele ukulwele, akutholaka­li kalula.

Ukubekezel­a kumqoka kumuntu ofuna ukuphumele­la. Kumele intsha isikhuthal­ele isikole.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ulinda Mntambo ongumdlali wechippa United ayijoyine ngokuqala kwalo nyaka esuka kwijomo Cosmos edlala kwinationa­l First Division.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ulinda Mntambo ongumdlali wechippa United ayijoyine ngokuqala kwalo nyaka esuka kwijomo Cosmos edlala kwinationa­l First Division.
 ??  ?? LAPHA ulinda unesithand­wa sakhe utsakani benomcimbi wokulungis­elela ukufika komntwana wabo.
LAPHA ulinda unesithand­wa sakhe utsakani benomcimbi wokulungis­elela ukufika komntwana wabo.
 ??  ?? UNGUMLANDE­LI wokuqina we-orlando Pirates njengoba ebonakala lapha nesithandw­a sakhe utsakani Chauke.
UNGUMLANDE­LI wokuqina we-orlando Pirates njengoba ebonakala lapha nesithandw­a sakhe utsakani Chauke.
 ??  ?? NALAPHA ulinda unesithand­wa sakhe utsakani.
NALAPHA ulinda unesithand­wa sakhe utsakani.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa