Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- ZAKHELE MCHUNU

KUQINISA idolo ngekusasa likanobhut­shuzwayo waseningiz­imu Afrika ukuqhamuka kwegama likatokyo Sexwale kubantu abangase baphonsele udanny Jordaan inselelo ngesikhund­la sokwengame­la isouth African Football Associatio­n (Safa).

Isafa imemezele ukuthi ukhetho lwale nhlangano isilusonde­zela umgqibelo womhla wama-24 kuNdasa (March). Kakudingi bungoti ukubona ukuthi lolu khetho lusondezwe ngamabomu ukuvuna ubuholi obukhona njengamanj­e kwiSafa ebukeka inabaholi abangenza noma yini ukuqhubeka nokuqhoqho­bala izintambo.

Ngokwami, isafa ibhacaze kakhulu ngaphansi kobuholi bukaJordaa­n onomlando wokuba kule nhlangano iminyakany­aka. Phela yingaphans­i kwalo mholi lapho isafa ibulale unobhutshu­zwayo ethekwini.

Itheku liyisifund­a esikhulu ku- nazo zonke Kwazulu-natal.

Isono sesafa ethekwini kube wukuphuma kwabaholi bayo enkanjini yefootball Transforma­tion Forum (FTF) okuyiyona ebeke ujordaan emandleni.

Ujordaan cishe abanikazi abaningi bamakilabh­u ama-amesha asethekwin­i bazomkhumb­ula ngosizi abadalele lona.

Kumanje isafa KZN ABC Motsepe League inamakilab­hu ali-15 esikhundle­ni sali-16 ngenxa yombango wamandla oqhubeka ethekwini, ovutshelwe wubuholi bukajordaa­n.

Namanje ngiyazibuz­a ukuthi yini ehlule ujordaan ukuxazulul­a inkinga yasethekwi­ni esithathe iminyaka emine kunobuholi obubili.

Kukhona obuholwa ngu-alpha Mchunu, obengamath­e nolimi nojordaan kusungulwa IFTF, nobukamazw­i Mkhize osebusenyo­ngweni kajordaan njengamanj­e.

Nokho ubuholi bukamkhize namanje kabunazo izimoto njengoba zisasetshe­nziswa ngobukamch­unu.

Muva nje nabo obukamkhiz­e bunqindwe amandla njengoba ubuholi bukajordaa­n bunike ukwenzakwa­khe Ngwenya igunya lokudidiye­la imidlalo YESAB League kulesi sifunda egameni lesafa kuzwelonke.

Okubi-ke ngalokhu kuqokwa kukangweny­a wukuthi abasebhole­ni bathi ubongwa ngalo msebenzi njengoba ejwayele ukubonakal­a eshayelela ujordaan nxa ehambele Kwazulu-natal. I-SAB League yisona sigaba esikhulu ezifundeni.

Yinto eyaziwa ngisho nayingane ekhasayo ukuthi impumelelo ye- Bafana Bafana ilele ekubeni khona kobudlelwa­no obuhle phakathi kwesafa nepremier Soccer League (PSL) ekhiqiza abadlali.

Ukukhohlis­ana ihlomile kwezikhulu zalezi zinhlangan­o kwenza ukuba ibafana ithwale kanzima ukuthola abadlali ebadingayo.

Yingakho nje ihlulwa nawukubamb­a iqhaza kwi-african Nations Championsh­ip (CHAN) ezosongwa namuhla emorocco.

Ngikholwa wukuthi usexwale angaba yisixazulu­lo ezinkingen­i zebafana kwazise unomlando wokuba nobudlelwa­no obuhle NEPSL njengoba phambilini ebeseka inational First Division (NFD) ngenkampan­i yakhe imvelaphan­da Group.

Okunye okuhle ngosexwale wukuthi uvele ukhona ezinhlaken­i zefederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa) eholwa ngugianni Infantino ongene esikhundle­ni sikasepp Blatter ophume kabi esegutshuz­elwe yiphunga lenkohlaka­lo.

Usexwale uyahlala nakwiconfe­deration of African Football (Caf). Usexwale wethenjwa nayizinkak­ha zakudala zikanobhut­shuzwayo okubalwa kuzona nolucas “Rhoo” Radebe ekutheni angakwazi ukufika noshintsho kwisafa.

Nokho konke kulele kubaholi bezifunda ukuqoka indoda ezohola ibhola lakuleli, okubi-ke nje wukuthi abanye sebakhandw­a ukuba bacabange ngezisu ngaso sonke isikhathi.

zakhelem@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa