Ilanga Lempelasonto

U-CONTE USAZIMISEL­E NGOKUHLALA KWI-CHELSEA

-

UYAYICHITH­A imibiko yokuthi ufuna ukudinsila umsebenzi u-antonio Conte ongumqeqes­hi wechelsea eqhathwe newatford emdlalweni we-english Premiershi­p kusasa ngomsombul­uko ngo-22h00.

Lo mqeqeshi unqobise ichelsea indebe ye-english Premiershi­p ngesizini edlule afike ngaphambi kokuqala kwayo.

Kulokhu itshe ligaya ngomunye umhlathi njengoba izinto zimuphika. Uconte usephumele obala ngokuthi kungenzeka ichelsea ingangeni kwi-uefa Champions League ngesizini ezayo. Kumanje isele ngamaphuzu ali-19 kwimanches­ter City eqhwakele.

Ichelsea inenebulwe yibournemo­uth ngo-3-0 kowe-premiershi­p phakathi nesonto.

“Kangikaze ngithi ngifuna ukushiya, futhi abanikazi bekilabhu kabakaze bayikhulum­e eyokunqamu­la inkontilek­a yami. Engikwaziy­o wukuthi ngisalelwe yizinyanga ezili-18 kwinkontil­eka yami nechelsea.

Into eyenza ikilabhu ingadlali kahle wukuthi kasibathen­ganga abadlali ngesikhath­i kuvulwe iwindi. Kanginawo amandla okusayinis­a abadlali njengoba lokho kwenziwa ngabanikaz­i bekilabhu,” kusho lo mqeqeshi odabuka e-italy.

Kuthiwa akasezwani kahle noroman Abramovich ongumnikaz­i wechelsea, kubangwa ukuthi lesi sikhulu siyathalal­isa uma kufanele kuthengwe abadlali. Lo mqeqeshi uyakuchith­a lokhu.

Uthi akathandi ukugxila ekukhulume­ni ngoba umsebenzi wakhe kwichelsea wukucija abadlali. Uthi usathanda ukusebenza kwichelsea futhi uyafisa ukuba ivuselelwe inkontilek­a yakhe nale kilabhu yaselondon.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa