Ilanga Lempelasonto

UJABULELA UKUDLONDLO­BALA OWE-MAN U

-

WENEME ngokukhula kwebhola lakhe uromelu Lukaku ongumgadli oqavile wemanchest­er United ezama ukufica omkhaya imancheste­r City esicongwen­i se-log ye-english Premiershi­p.

Lo mgadli uthi kumjabulis­a kakhulu ukuthi useyakwazi ukukhanda amagoli. Uthi yena into akhule eyazi wukuthi umsebenzi wakhe wukuhlohla amagoli nje kuphela enkundleni.

“Indlela engidlala ngayo manje isihluke kakhulu kwebengiyi­jwayele. Ukufika lapha e-old Trafford kushintshe izinto eziningi ebholeni lami.

Manje sengiyazi ukuthi akumqoka ukuthi kube yimina ohlohla amagoli kodwa kumele ngibuye ngiwakhand­e. Iqiniso lihle, mina bengibuye ngizidlale­le mina kanti lapha sengidlale­la impumelelo yekilabhu yonkana,” kusho lo mdlali wasebelgiu­m. Ulukaku usevalele amagoli angaphezul­u kweshumi kwipremier League selokhu efike e-old Trafford esuka kwi-everton nayo edlala kwi-english Premiershi­p.

Ired Devils ibiqhathwe nehuddersf­ield Town izolo ngomgqibel­o kowe-english Premiershi­p. Iye kulo mdlalo ibuya esibhaxwin­i esithole kwitottenh­am Hotspur eyinenebul­e ngo-2-0 phakathi nesonto.

Imidlalo ye-english Premiershi­p namuhla ngesonto iqhathwe kanje:

Crystal Palace vs Newcastle United 16h15 (SS3).

Liverpool v Tottenham Hotspur 18h30 (SS3).

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Watford vs Chelsea 22h00 (SS3). * Eyespanish La Liga ihlelwe kanje: NAMUHLA NGESONTO

Getafe vs Leganes 13h00 (SS7). Espanyol vs Barcelona 17h15 (SS7). Girona vs Athletic Club 19h30 (SS7). Atletico Madrid vs Valencia 21h45 (SS7).

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Las Palmas vs Malaga 22h00 (SS7).

 ?? ISITHOMBE NGABE: INDEPENDEN­T.CO.UK ?? NGUMDLALI wemanchest­er United uromelu Lukaku komunye wemidlalo yechampion­s League NECSK Moscow yaserussia.
ISITHOMBE NGABE: INDEPENDEN­T.CO.UK NGUMDLALI wemanchest­er United uromelu Lukaku komunye wemidlalo yechampion­s League NECSK Moscow yaserussia.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa