UBILLIAT UPHATHISA NGEKHANDA I-SUNDOWNS
UYAQHUBEKA nokuphathisa ngekhanda izikhulu zemamelodi Sundowns ukhama Billiat ovalele igoli lale kilabhu ihlula icape Town City ngo-1-0 emdlalweni we-absa Premiership ngolwesihlanu ebusuku e-athlone Stadium, ecape Town.
Ubilliat udlala ingcwenga yebhola futhi uqhulula amagoli amqoka. Kwenzeka lokhu nje, akakayivuseleli inkontileka nedowns njengoba iphela ngokusongwa kwale sizini. Upitso Mosimame ongumqeqeshi wedowns uselilahlile ithemba lokuthi lo mdlali uzokube egijima kule kilabhu ngesizini ezayo. Lo mdlali akafuni ukudalula ukuthi uwabhekisa kuphi amabombo. Ukudlala kahle kwakhe kubukeka kuzophoqa idowns ukudansela isigingci sakhe uma izimisele ngokumshintshisa umqondo avuselele inkontileka. Idowns iyaqhubeka nokuvula igebe esicongweni se-log ye-premiership okuqinisa amathuba okunqoba le nkomishi.
Komunye umdlalo, uyivulile i-akhawunti yamagoli u-evans Rusike ngesikhathi isupersport United inenebula ibloemfontein Celtic ngo-4-2 koweligi izolo ngoMgqibelo ntambama elucas Moripe Stadium, etshwane. Urusike usanda kuyijoyina le kilabhu esuka kwimaritzburg United abengalibheki ipali kuyona. Amanye amagoli esupersport avalelwe ngumogakolodi Ngele, u-aubrey Modiba noteboho Mokoena kwathi aweceltic ashaywa nguJacky Motshegwa nondumiso Mabena.
Ifree State Stars ihlule ibaroka FC ngo-2-0 wamagoli kagoodman Dlamini nosiphelele Mthembu izolo egoble Park, efree State.
Ibuye nephuzu kunzima ilamontville Golden Arrows Reserves ibambana neAjax Cape Town Reserves ngo-3-3 koweMultichoice Diski Challenge (MDC) izolo ngomgqibelo e-ikamva Stadium, ecape Town. Kuyiwe ekhefini i-arrows Reserves ilandela ngemuva ngo-2-0, kodwa yakwazi ukuhlohla amagoli okulinganisa. Nayo idedele amaphuzu amathathu isiwabambile njengoba ivalele igoli lesithathu. I-ajax Reserves ibuye sekuvalwe amehlo yathola igoli lokulinganisa kwagcina kungu-3-3. Amagoli e-arrows Reserves ashaywe nguseth Parusnath, unduduzo Sibiya nonkhosikhona Dube kwathi awe-ajax Reserves avalelwa ngulassina Traore, umasilake Phohlongo notoriq Losper.
Isiyonke imiphumela yemidlalo YEMDC yayizolo ihambe kanje: Platinum Reserves 0, Baroka Reserves 0; Chiefs Reserves 3, Free State Reserves 2; Celtic Reserves 4, Chippa Reserves 0.