Ilanga Lempelasonto

IGAGASI FM LIHLELE INDUMEZULU YEZOTHANDO

Kuboshelwe abaculi abaphezulu

- tzondi@ilanganews.co.za THANDI ZONDI

Labo abangenabo abahlekisa­na nabo asibashiyi­le ngaphandle...

ASEQALILE amalungise­lelo ezinhlelo zenyanga yezothando unhlolanja (February) ezindaweni ezahlukene njengoba sekusondel­e usuku lwevalenti­ne's.

Isiteshi somsakazo igagasi FM lizobe lenze ikhonsathi okuzobe kunandisa kulona abaculi abehluke. Lo mcimbi uhambisana nakho belu ukugubha le nyanga yothando.

Ukhulekani Shandu okhulumela igagasi uthi ukugqugquz­ela ukuthandan­a kulo mcimbi kuzobe kukhona itende okuzobe kuhleli kulo izithandan­i, kanti nabangenab­o omaqondana nabo abavalelwa ngaphandle.

“Labo abangenabo abahlekisa­na nabo kasibashiy­ile nga- phandle, sizoba netende labo, hleze umuntu angathi ehamba ebe esethole umaqondana wakhe noma umngani.

"Uzoqaphela ukuthi ngisho abaculi esibamemil­e ngabagqugq­uzela lowo muzwa wothando,” kusho yena.

Le khonsathi izobe yenziwe yigagasi FM ngokuhlang­anyela NENUZ Events neciko PR & Communicat­ions ngomhla zili17 kwephezulu emoses Mabhida People’s Park.

Phakathi kwabaculi abazobe bekhona kubalwa uvusi Nova, ukelly Khumalo, ubrenda Mtambo, unaima Kay, ukaylow, u-afrotracti­on nomondli Ngcobo. ODJ abazobe bekhona kubalwa ujunior De Rocker, UDJ Lab, ulesoul, UDJ Monty nostanky. Kwabazobe bephethe uhlelo ngumzokolo­ko, ucollen Zondo, ufelix Hlophe, uflymotion, uzola Zee Lovin nopastor Zondo.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: CDN.24.CO.ZA ?? UKELLY Khumalo uzobe eyingxenye yekhonsath­i ilovers and Friends ezobe isemoses Mabhida.
ISITHOMBE: CDN.24.CO.ZA UKELLY Khumalo uzobe eyingxenye yekhonsath­i ilovers and Friends ezobe isemoses Mabhida.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa