UMR Magic nempi yokubuyela okhozini FM
Uthi uzoyilwa kuze kuqothuke impandla eyokuxoshwa kwakhe
UYIQALA phansi impi yokubuyiselwa okhozini FM, ulinda “Mr Magic” Sibiya, ubudlelwane bakhe nalo msakazo obuphele kabuhlungu njengoba wakhonjwa indlela.
Ekhuluma ngokudinwa neLANGA Langesonto ngolwesihlanu uthe: “Ngifuna umbhobho wami back.”
Lo msakazi oseneminyaka emine waxoshwa kulo msakazo ukhala ngokuthi abenziwanga ubulungiswa ngesikhathi exoshwa.
Uthi usethule isikhathi eside kodwa manje sekuyisikhathi sokuba alwele umbhobho wakhe aphucwa wona.
“Sengikhulile manje ngiyindoda, ngakho-ke sekuyisikhathi sokuba ngifune izimpendulo mayelana nokuxoshwa kwami,” kubhoka umr Magic.
Usola ukuthi ukuxoshwa kwakhe akukhona nje ukuthi yingoba wayonile kodwa wayeboshelwe amanqina enyathi.
“Angikaze ngithuke mlaleli, angikaze ngintshontshe mali yokhozi, angikaze ngicekelele phansi isithunzi sokhozi, futhi angikaze ngibe necala kodwa bavele bangixoshela into engahlangani nomsakazo,” kuqhuba yena.
Ukhulume waze wacula wathi: “Phakama Mr Magic, ixesha lisondele.”
Ukhuluma kanjena nje sekunesikhathi ethule ngalolu daba.
Ngesikhathi axoshwa ngaso wabiza isithangami sabezindaba lapho izintatheli zazibuthelene khona zizozwa ukuthi uzothini ngokuxoshwa kwakhe.
Nokho akazange asho lutho olutheni ngaleso sikhathi.
Uthi uzolwa kuze kuqothuke impandla efuna izimpendulo ngokuxoshwa kwakhe, uma bengenazo bambuyisele umbhobho wakhe.
“Ngahamba ngisaluthanda ukhozi futhi kwangeshwama ukuxoshwa kwami ngoba ngangingakulindele,” usho kanje.
Nakuba ebhoka kanje, kodwa uthi akabazondi abaphathi boKhozi futhi akabambe gqubu, kuphela nje ufuna kwenziwe ubulungiswa.
“Ukube ngangikhohlakele ngangingeke ngisakwazi ukuthola umsebenzi kweminye imisaka- zo kodwa ngakwazi ukuqa-shwa kwivuma FM,” kuqhuba yena.
Kuzokhumbuleka ukuthi ulinda waxoshwa ngemuva kokubekwa amacala enkohlakalo emsakazweni.
Kwathiwa usebenzise igamalesiteshi ukuzihlomulisa yena.
Ukhuluma kanjena nje intatheli ibimbuza ngesiteshi somsakazo owathi uzosivula.
Uthe akuvumi aqhubekele phambili engakayilungisi eyoKhozi.
Ufunga uyagomela ukuthi ngeke afe bungakenzeki ubulungiswa.
Uphinde waveza ukuthi iyabuya imagic Tour ngondasa (March) ehambela izikhungo zemfundo ephakeme ezahlukene.
Uthi konke sekumi ngomumo, izoya kulezi zikhungo ebijwayele ukuzihambela.
Abaxhasi uthi sebekhona yize engabadalulanga.
Kuzokhumbuleka ukuthi imagic Tour wayeyenza nawo umsakazo Ukhozi FM ngesikhathi eyiqala.
Umnu Bonga Mpanza onguMphathi siteshi uthe ngeke akwazi ukuphawula kulolu daba ngoba luthinta inhlangano (SABC). Okhulumela ISABC umnu Kaizer Kganyago ushayelwe ucingo kodwa wangatholakala.
Uthunyelelwe umqhafazo kodwa kwashaya isikhathi sokushicilela impendulo ingakatholakali.
makhoba@ilanganews.co.za