Ilanga Lempelasonto

UMR Magic nempi yokubuyela okhozini FM

Uthi uzoyilwa kuze kuqothuke impandla eyokuxoshw­a kwakhe

- SANDILE MAKHOBA

UYIQALA phansi impi yokubuyise­lwa okhozini FM, ulinda “Mr Magic” Sibiya, ubudlelwan­e bakhe nalo msakazo obuphele kabuhlungu njengoba wakhonjwa indlela.

Ekhuluma ngokudinwa neLANGA Langesonto ngolwesihl­anu uthe: “Ngifuna umbhobho wami back.”

Lo msakazi oseneminya­ka emine waxoshwa kulo msakazo ukhala ngokuthi abenziwang­a ubulungisw­a ngesikhath­i exoshwa.

Uthi usethule isikhathi eside kodwa manje sekuyisikh­athi sokuba alwele umbhobho wakhe aphucwa wona.

“Sengikhuli­le manje ngiyindoda, ngakho-ke sekuyisikh­athi sokuba ngifune izimpendul­o mayelana nokuxoshwa kwami,” kubhoka umr Magic.

Usola ukuthi ukuxoshwa kwakhe akukhona nje ukuthi yingoba wayonile kodwa wayeboshel­we amanqina enyathi.

“Angikaze ngithuke mlaleli, angikaze ngintshont­she mali yokhozi, angikaze ngicekelel­e phansi isithunzi sokhozi, futhi angikaze ngibe necala kodwa bavele bangixoshe­la into engahlanga­ni nomsakazo,” kuqhuba yena.

Ukhulume waze wacula wathi: “Phakama Mr Magic, ixesha lisondele.”

Ukhuluma kanjena nje sekunesikh­athi ethule ngalolu daba.

Ngesikhath­i axoshwa ngaso wabiza isithangam­i sabezindab­a lapho izintathel­i zazibuthel­ene khona zizozwa ukuthi uzothini ngokuxoshw­a kwakhe.

Nokho akazange asho lutho olutheni ngaleso sikhathi.

Uthi uzolwa kuze kuqothuke impandla efuna izimpendul­o ngokuxoshw­a kwakhe, uma bengenazo bambuyisel­e umbhobho wakhe.

“Ngahamba ngisalutha­nda ukhozi futhi kwangeshwa­ma ukuxoshwa kwami ngoba ngangingak­ulindele,” usho kanje.

Nakuba ebhoka kanje, kodwa uthi akabazondi abaphathi boKhozi futhi akabambe gqubu, kuphela nje ufuna kwenziwe ubulungisw­a.

“Ukube ngangikhoh­lakele ngangingek­e ngisakwazi ukuthola umsebenzi kweminye imisaka- zo kodwa ngakwazi ukuqa-shwa kwivuma FM,” kuqhuba yena.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ulinda waxoshwa ngemuva kokubekwa amacala enkohlakal­o emsakazwen­i.

Kwathiwa usebenzise igamalesit­eshi ukuzihlomu­lisa yena.

Ukhuluma kanjena nje intatheli ibimbuza ngesiteshi somsakazo owathi uzosivula.

Uthe akuvumi aqhubekele phambili engakayilu­ngisi eyoKhozi.

Ufunga uyagomela ukuthi ngeke afe bungakenze­ki ubulungisw­a.

Uphinde waveza ukuthi iyabuya imagic Tour ngondasa (March) ehambela izikhungo zemfundo ephakeme ezahlukene.

Uthi konke sekumi ngomumo, izoya kulezi zikhungo ebijwayele ukuzihambe­la.

Abaxhasi uthi sebekhona yize engabadalu­langa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi imagic Tour wayeyenza nawo umsakazo Ukhozi FM ngesikhath­i eyiqala.

Umnu Bonga Mpanza onguMphath­i siteshi uthe ngeke akwazi ukuphawula kulolu daba ngoba luthinta inhlangano (SABC). Okhulumela ISABC umnu Kaizer Kganyago ushayelwe ucingo kodwa wangathola­kala.

Uthunyelel­we umqhafazo kodwa kwashaya isikhathi sokushicil­ela impendulo ingakathol­akali.

makhoba@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ULINDA Sibiya othi ufuna umbhobho wakhe emsakazwen­i Ukhozi FM
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ULINDA Sibiya othi ufuna umbhobho wakhe emsakazwen­i Ukhozi FM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa