Ilanga Lempelasonto

SIGANE UNWABU ISITOBHA SE-DOWNS

Idowns ivuma eyokuxoxa nesuperspo­rt ngonthethe

- SENZO SOKHELA

UDINWE uthelwa ngamanzi umdlali wemamelodi Sundowns okuvela ukuthi ukhala ngesihluku esenziwe yile kilabhu kuyena inqaba ukumudedel­a ekubeni ingasamdla­lisi.

Inkontilek­a kathabo Nthethe ( osesithomb­eni) oyisitobha sedowns iyaphela uma kusongwa le sizini.

Idowns kubukeka ingeke iyelule njengoba isiqedile ngabo bonke abadlali bayo abebephele­lwa yizinkonti­leka kodwa eyakhe yangavusel­elwa. Lo mdlali bekulindel­eke ukuba ajoyine i-orlando Pirates ngaphambi kokuba kuvalwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali ngolwesine kodwa akwaze kwenzeka.

Leli phephandab­a lithole ngomunye wabadlali bedowns oson- delene kakhulu nonthethe ukuthi udinwe ugane unwabu njengoba idowns inqabe ukumudedel­a ekubeni ingafuni ukumdlalis­a. Kuthiwa idowns ibifuna imali kwipirates kodwa yona yama kwelokuthi uma engeza nephepha lakhe nje izomsayini­sa. Kugcine kubhuntshe kanjalo ukuthi lo mdlali ajoyine ibucs ebukeka ivuza emuva.

Leli phephandab­a lishayela uthulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwisundown­s ngalolu daba, uthe: “Engingakus­ho nje wukuthi unthethe usengumdla­li wethu.”

Leli phephandab­a libe selithola ukuthi lo mdlali kungenzeka avumbuke kwisupersp­ort United nayo okuthiwa iyamfuna.

Uthuswa ukuvumile ukuthi basaxoxa nale kilabhu ecijwa nguEric Tinkler ukudayisel­ana ngalesi sitobha.

Imizamo yokuthola utim Sukazi weqt Sport ephethe izindaba zikantheth­e iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa