IZINHLELO ZOKUQINISA EZOKUPHEPHA EZITIMELENI
UNGASE ubuyiswe umbutho wamaphoyisa kaloliwe owawudume ngokuqeda nya ubugebengu eminyakeni engama-25 eyedlula eningizimu Afrika. Ukubuyiswa kwawo kuyimizamo yokunqanda ubugebengu nokucekelwa phansi kwempahla yepassenger Rail Agency of South Africa (Prasa).
Lokhu kumenyezelwe yisikhulu sakwaprasa umnu Cromet Molepo oyi-acting Group Chief Executive (CEO) emhlanganweni nabezindaba edurban Station ethekwini kuleli sonto.
Umnu Molepo uzwakalise okukhulu ukudumala ngesenzo sabagibeli basethekwini abashise izitimela eberea nasedurban Station ngoba nje kuhambe ugesi kwaphazamiseka izitimela, kwaba nokubambezeleka.
Kulesi sigameko kulinyazwe nezisebenzi zale nkampani eziyisihlanu.
Umnu Molepo uthe ukushiswa kwezitimela ngabagibeli kuwukuzigwaza ngowabo ngoba ngakusasa kumele bathuthwe ngazo lezi timela.
"Siyacela kubagibeli ukuba bazithibe. Lezi timela esinazo zindala, ngisho nemizila icishe ibe seminyakeni yama-60 kanti alikabikho ithemba lokuthi izitimela ezintsha zizoza masinyane.
"Uhulumeni ufake imali ewuR172 billion ukuvuselela isimo sonke sakwaloliwe eminyakeni eyi-10 ezayo,” kubeka umnu Molepo.
Uqhube wathi: “Kungixake kakhulu ukuthi abagibeli baze balimaze nabantu abadayisa amathikithi abangahlangene nokuma kwezitimela. Sizoziqinisa ezokuphepha kangangoba sekuzoba khona namakhamera emakhoshini, sibe nezokuxhumana ezisezingeni eliphambili, sifake namaWifi amahhala ukuze kubagibeli bethu impilo ibe lula.
"Abakuqonde abantu ukuthi uma bedala umonakalo ezitimeleni, bentshontsha namakhebuli bazibulala bona,” kubeka umnu Molepo.
Okunye akumemezele umnu Molepo wukuthi ulayini wakwaMashu nowasemlazi ubusebenza kanye, kuthi uma kulimale omunye nomunye uthinteke.
“Siyazama ukuba sibehlukanise labo layini, kungathi uma kubheda Kwamashu, nasemlazi kume umsebenzi. Kuningi esiza nakho ukuthuthukisa ezokuthutha ngezitimela,” kusho umnu Molepo.
Kuzokhumbuleka ukuthi amaphoyisa akwaloliwe ayethole uqeqesho oluphezulu, kwakwaziwa ukuthi uma sekuphume wona izigebengu ziyawukhomba onotshwala.
Kukholakala ukuthi uma kungabuya lawa maphoyisa kungaphela nya ukukotelwa kwezitimela zihamba, ukubanjwa kwenkunzi, noku-– hlukunyezwa kwabagibeli ngezindlela ezehlukene. Okwamanje kusaqashwe izinkampane zonogada ezizimele.