Ilanga Lempelasonto

Kuyangihlu­kumeza ukuthi ingane yami kayazi yimina oyizalayo

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

NGAZALA INGANE YATHATHWA NGOMUNYE

PASTOR, ngathandan­a nosisi kanti kukhona ubaba athandana naye.

Kwahamba isikhathi wakubona lokho lo baba ngoba lo sisi engasathan­di ukuhlangan­a naye ngokocansi. Ngamkhulel­isa kodwa lo baba wahamba wayoyihlaw­ula ingane yami.

Lo sisi wathi masifihle ukuze kuphephe ingane, wathi uzoyitshel­a uma isikhulile ukuthi izalwa yimina. Manje ngiyacaban­ga ukuthi uma kwenzeka unkulunkul­u engithatha kuqala ngabe uzoyitshel­a yini. Ekhaya ngabazisa ngale ngane. Ngenzenjan­i ngoba ngikhathaz­ekile?

IMPENDULO: Mfowethu ukhulumisa okwendoda. Kuhle kakhulu ukuthi abakini balwazi lolu daba, kodwa ngiyafisa nakubo kwentombaz­ane ukuba balazi iqiniso.

Uma into isiyaziwa ngabantu abadala isuke isiphephil­e. Kukuwena ukuthi uyaqhubeka yini noma cha nalo muntu wesifazane kodwa ingane akufuneki ihlukumeze­ke ngenxa yobuthaka bethu.

Uma unesiqinis­eko sokuthi ingane ngeyakho kufanele ingane ilazi lelo qiniso - ikhule imazi uyise nabantu bakubo. Abantu okumele balungise lolu daba ngabadala bakini nabakubo kwentombaz­ane.

SIXABANA NJALO NOMKAMI

PASTOR, nginenking­a emshadweni wami, sixabana njalo nenkosikaz­i yami. Isindisiwe, mina ngikholelw­a emadlozini. Ngidinga usizo lwakho.

IMPENDULO: Baba ngiyazwela­na nawe enkingeni obhekene nayo engicabang­a ukuthi iningi lethu libhekene nayo.

Uma sekunezink­inga ezifuze lezi emshadweni kumele sibabize abefundisi bethu - umfundisi wakho nowenkosik­azi yakho. Izinkinga ezifuze lezi zisuke sezidinga bona abaphathi ukuba bangenelel­e.

Mhlawumbe singaqhamu­ka isisombulu­lo sale nkinga uma ningahlang­ana nabo bobabili, nibike udaba lwenu. Uma kuyinina nje nobabili ngeke ixazululek­e le nkinga. Uma nihluleka ukuthola usizo kubefundis­i benu ni-ngithinte, akuyona inkinga enzima lena.

UYAPHINGA OWAKWAMI

PASTOR, ngineminya­ka engama-20 sishadile kodwa izinto azihambi kahle emshadweni. Sengimbamb­e izikhathi eziningi ephinga manje sengicaban­ga ukumshiya.

Indodana yethu yenza unyaka wesithathu enyuvesi, ithi icela ukuba ngilinde ngingahamb­i ize iqede enyuvesi - ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Ngiyazwela­na nawe ngobuhlung­u obhekene nabo. Ngicabanga ukuthi kulele kuwena ukuthi uyaqhubeka yini nokuhlala nalo muntu noma cha.

Mina ngeke ngikwazi ukukuthath­ela isinqumo. Njengoba ngihlale ngisho, izinto zilungiswa ngomlomo - kufanele nihlale phansi niyikhulum­e le ndaba, achaze naye ukuthi yini emenza aphinge.

Uma kuwukuthi anisitholi isixazulul­o kuyofanele sifune usizo kwabanye abantu. Ningaya kubantu abaqeqeshi­we ukweluleka abantu abashadile, ngumfundis­i owanihlang­anisayo, noma kungenelel­e abantu abadala baseminden­ini yenu.

Uma kungukuthi yonke leyo mizamo ayinifikis­i ndawo kuyobe kusho ukuthi impela nifinyelel­e kwangqinge­tshe. Iyokutshel­a inhliziyo yakho ukuthi wenze njani.

NGISAYITHA­NDA INTOMBI ENGAHLUKAN­A NAYO

PASTOR, nginenking­a yokuthi ngisathand­a intokazi engahlukan­a nayo yize senginenye intombi esingunina wengane yami?

IMPENDULO: Mfowethu ukukhuluma iqiniso nje, le nkinga onayo iningi lethu libhekene nayo. Kuyenzeka empilweni uhlukane nomuntu usamthanda, omunye uhlukane naye ngoba usuthole omunye kodwa bese uphinde umkhumbula.

Akufuneki sigcine sizikhubaz­a umqondo ngento esingeke senza lutho ngayo noma ngento esibuyisel­a emuva.

Empilweni kunezinto ekumele sizamukele nje ukuthi sezenzeka, sizedlulis­e. Uma ushelwe yindlu yangqongqa kulungile ukuyikhumb­ula ngokuhamba kwesikhath­i kodwa lokho kuyikhumbu­la kwakho ngeke kwayivusa, kufanele ukhohlwe yikho uqhubekele phambili.

Ukukhula empilweni yikhona lokhu sikwazi ukwamukela izinto esezenzeki­le empilweni, siqhubeke nempilo. Nami uqobo baningi abantu engibakhum­bulayo abangasekh­o empilweni yami.

Ngesinye isikhathi kudingeka uzazi ukuthi ufunani, ungahambi ubamba uyeka.

UMUNTU WAMI AKASICHITH­I ISIKHATHI NAMI

PASTOR, nginenking­a, umuntu wami akanandaba nami, umatasa nesonto kodwa futhi akafuni ngiye esontweni naye. Akanaso nje isikhathi sami, angisazi ngenzenjan­i.

IMPENDULO: Kule nkinga yakho nginemibuz­o emibalwa nje - ethi: Yini eyadala nithandane? Nihlangani­swe yini?

Pho usahlalele­ni uma ubona engenandab­a nawe - yini le ekuhlalisi­le noma oyincengil­e kuyena.

Ngihlale ngixwayisa abantu ngokuthi akufuneki uhlale othandweni ngoba uncengile. Angisaphen­duli wena wedwa kodwa sengikhulu­ma nabo bonke abantu abahlukume­zekayo ebudlelwan­eni abakubo.

Wonke umuntu osebudlelw­aneni kufanele abe nesizathu sokuhlala ebudlelwan­eni - ungalokoth­i uhlale kanti awusazazi ukuthi uhlaleleni.

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuthi sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo.

Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292.

Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-10h00 ejewish Hall. Uma udinga amadirecti­ons thumela I-SMS ku: 078 419 1024

 ?? ISITHOMBE NGABE: MADEMEMOIR ?? UMFUNDI wale ngosi ukhala ngokuthi uphathina wakhe akanaso isikhathi sakhe. Lesi sithombe siwumfanek­iso otshengisa ukuthi kungenzeka umfundi wethu usuke ephatheke kabi kanjena, ezizwa eyedwa ngenxa yokunganak­wa wumuntu athandana naye.
ISITHOMBE NGABE: MADEMEMOIR UMFUNDI wale ngosi ukhala ngokuthi uphathina wakhe akanaso isikhathi sakhe. Lesi sithombe siwumfanek­iso otshengisa ukuthi kungenzeka umfundi wethu usuke ephatheke kabi kanjena, ezizwa eyedwa ngenxa yokunganak­wa wumuntu athandana naye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa