Mabajeziswe abalimaza impahla yomphakathi
Kunomkhuba omubi osuyinsakavukela okomchilo wesidwaba ezweni lethu, wokucekela impahla yomphakathi uma abantu becasulwe ngokuthile noma befuna ukufeza izinhloso zabo ezithile.
Kuleli sonto nje, kucekelwe phansi izitimela eziteshini ezimbili ethekwini, kwenzeka umonakalo obalelwa ezigidini eziyisi-9 zamarandi. Kuthiwa abenzi bobubi bakhale ngokuthi izitimela azisigcini isikhathi, okwenza balinde eziteshini isikhathi eside, bafike emuva kwesikhathi emsebenzini ekuseni noma emakhaya ntambama.
Ngokusho kwenkampani eyengamele izitimela kuleli, ipassenger Rail Agency of South Africa (Prasa), isizathu sokuba zingafiki ngesikhathi izitimela kube wukunqamuka kungalindelekile kwamandla kagesi, okuyisimo le nkampani ebingeke ikwazi ukusilungisa ngokushesha. Lo mkhuba oyichilo nongenamqondo wokulimaza impahla yomphakathi sewenzeka cishe ezweni lonke.
Ukwenza isibonelo; eminyakeni embalwa nje, sekushiswe inqwaba yezitimela ekapa nasepitoli, kwadaleka umonakalo omkhulu.
Lezi zenzo zobubi azilungisi isimo salabo abasuke bekhala, kodwa zenza isimo sibe sibi ngokweqile. Ukucekela phansi izitimela kwenza kube nokushoda kwazo okwedlulele kunakuqala, ingaxazululeki inkinga.
Esikhundleni sokuba iprasa yengeze ezitimeleni ezikhona, kuqedwe ukuminyana kwabagibeli, kuye kufanele igcwalise izikhala zalezo ezisuke sezicekeliwe.
Lokhu kufana nokusebenzela emuva njengenkukhu. Empeleni ukucekela phansi impahla yomphakathi akwehlukene nokuzigwaza ngowakho, wubuphukuphuku uqobo lwabo.
Sekuyisikhathi sokuba uhulumeni ashaye imithetho enqala ukuze izinswelaboya zizojeziswa.
Asikho isizathu esizwakalayo esingadala ukuba kucekelwe impahla. Sinxusa umphakathi ukuba ungathuli uma ubona konakala.
Ngeke kulunge lutho ezweni uma izakhamizi zisonga izandla izwe lifa zibuka. Izinswelaboya azikhuzwe, kuliwe nalesi sihlava. zibikwe nasemaphoyiseni, ukuze