Ilanga Lempelasonto

Mabajezisw­e abalimaza impahla yomphakath­i

-

Kunomkhuba omubi osuyinsaka­vukela okomchilo wesidwaba ezweni lethu, wokucekela impahla yomphakath­i uma abantu becasulwe ngokuthile noma befuna ukufeza izinhloso zabo ezithile.

Kuleli sonto nje, kucekelwe phansi izitimela eziteshini ezimbili ethekwini, kwenzeka umonakalo obalelwa ezigidini eziyisi-9 zamarandi. Kuthiwa abenzi bobubi bakhale ngokuthi izitimela azisigcini isikhathi, okwenza balinde eziteshini isikhathi eside, bafike emuva kwesikhath­i emsebenzin­i ekuseni noma emakhaya ntambama.

Ngokusho kwenkampan­i eyengamele izitimela kuleli, ipassenger Rail Agency of South Africa (Prasa), isizathu sokuba zingafiki ngesikhath­i izitimela kube wukunqamuk­a kungalinde­lekile kwamandla kagesi, okuyisimo le nkampani ebingeke ikwazi ukusilungi­sa ngokushesh­a. Lo mkhuba oyichilo nongenamqo­ndo wokulimaza impahla yomphakath­i sewenzeka cishe ezweni lonke.

Ukwenza isibonelo; eminyakeni embalwa nje, sekushiswe inqwaba yezitimela ekapa nasepitoli, kwadaleka umonakalo omkhulu.

Lezi zenzo zobubi azilungisi isimo salabo abasuke bekhala, kodwa zenza isimo sibe sibi ngokweqile. Ukucekela phansi izitimela kwenza kube nokushoda kwazo okwedlulel­e kunakuqala, ingaxazulu­leki inkinga.

Esikhundle­ni sokuba iprasa yengeze ezitimelen­i ezikhona, kuqedwe ukuminyana kwabagibel­i, kuye kufanele igcwalise izikhala zalezo ezisuke sezicekeli­we.

Lokhu kufana nokusebenz­ela emuva njengenkuk­hu. Empeleni ukucekela phansi impahla yomphakath­i akwehluken­e nokuzigwaz­a ngowakho, wubuphukup­huku uqobo lwabo.

Sekuyisikh­athi sokuba uhulumeni ashaye imithetho enqala ukuze izinswelab­oya zizojezisw­a.

Asikho isizathu esizwakala­yo esingadala ukuba kucekelwe impahla. Sinxusa umphakathi ukuba ungathuli uma ubona konakala.

Ngeke kulunge lutho ezweni uma izakhamizi zisonga izandla izwe lifa zibuka. Izinswelab­oya azikhuzwe, kuliwe nalesi sihlava. zibikwe nasemaphoy­iseni, ukuze

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa