Ilanga Lempelasonto

ISILILO KUSHONA UMDANSI WASE-KZN

- SANDILE MAKHOBA

KUKHALWA nxa zonke ngokushona kwentokazi esencane eyaziwa ngokudanse­la abaculi abadumile u-angel Zulu.

Leli ciko lakwasanti, ethekwini lishiye isililo emphakathi­ni, nakulabo ebeliseben­za nabo. ILANGA Langesonto ngesikhath­i lizwa indaba yokushona kukaAngel, linikele kubo lafica kugcwele omakhelwan­e beyobhonga emswanini.

Uchazwe njengomunt­u obewusizo emphakathi­ni. Kuthiwa ubehlangan­isa izingane zendawo azifundise ukudansa njalo ntambama, aphinde abe nohlelo lokujimisa abantu abasha. Nasekhaya kubo kuthiwa ubewusizo olukhulu. Uxolani Zulu, ongumfowab­o, ukhale ngokuthi u-angel nguyena obebheke ikhaya ebambisene nonina.

“Ushona nje ubekade esifakela idstv, ethi ufuna simubone kumabonaku­de njengoba eqale ngesonto eledlule nje ukuvela kwigqomnat­ion (uhlelo lukamabona­kude oludlala esiteshini esitholaka­la kwidstv),” kuchaza uxolani.

Uthi ubeseqale ukwakhela unina umuzi khona kwasanti.

Ngemali abeyithola emdanswe- ni kuthiwa ubengathen­gi izicoficof­i kodwa ubesebenze­la ekhaya.

Umdu Ntombela weqembu lomculo imalini abebuye asebenze nalo u-angel, ukhale kakhulu wathi balahlekel­we.

“Ubesifaka umfutho, noma singena esteji ubesitshel­a ukuthi siyobangen­a-ke manje. Silimele kakhulu,” kukhala umdu.

Uwelly Gumede obengumpha­thi wakhe eqenjini lomdanso i-031 Movement, uthi yize noma ejoyine leli qembu ngonyaka odlule u-angel kodwa isikhala sakhe sikhulu, kuzoba nzima ukusivala.

“Uma kungena yena bekuhlokom­a inkundla, enomfutho futhi ehlale egqugquzel­a ozakwabo ukuba bajime,” kuchaza uwelly.

Uthi ubezinikel­a ngisho beyodansa mahhala, abuye abameme ngakubo ukuba bayolekele­la ezinganeni abezifundi­sa.

U-angel ushone ngolwesith­athu kuleli sonto ngemuva kokugula okumxike mawala emcimbini WEMTV Base obizwa nge Gqomnation e-azar ngeledlule. Ushiye emhlabeni ingane yakhe eneminyaka eyi-7, unina, nomfowabo. Imininingw­ane yokufihlwa kwakhe ibingakaqi­nisekiswa ngesikhath­i sokushicil­ela.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? LAPHA umdansi u-angel wathathwa edansa komunye umcimbi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E LAPHA umdansi u-angel wathathwa edansa komunye umcimbi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa