Ilanga Lempelasonto

Elombhaqan­ga libalisa ngendlala nangokunga­dlalwa okhozini FM

- KNOWLEDGE SIMELANE

IQEMBU lombhaqang­a eselinemin­yaka engama-54 laba khona liyibambil­e emculweni, likhala ngokungadl­alwa kwezingoma zalo emsakazwen­i ukhozi FM.

Izintombi Zesimanjem­anje okuyiqembu eliholwa ngunkz Jane Dlamini (70), zithi ukube ukhozi FM luyabanake­kela ngabe isimo sendlala nobubha kungcono kunendlela abadla imbuya ngothi ngayo okwamanje.

Unkz Dlamini utshele ILANGA Langesonto ukuthi isimo asihambi kahle eqenjini labo ngenxa yokuthi abasaqashw­a emagigini noma emakhonsat­hini. “Angibasoli nalaba abangasiqa­shi ngoba izingoma zethu azidlalwa emisakazwe­ni yakuleli. Ngikhala kakhulu ngokhozi FM okuwumsaka­zo wethu esazi kahle ukuthi yiwo owasikhand­a wasiphakam­isa kusukela eminyakeni yowe-1964.

"Siyakholwa wukuthi ukuba ukhozi FM luyasinake­kela lusidlale njengoba ludlala umculo kamasikand­i, isimo singaba ngcono,” kusho ujane.

Uthi ngendlela okunzima ngayo kabakwazi nokuba benze IDVD yealbhamu abasanda kuyikhipha esihloko sithi ‘Ngaze Ngavelelwa. “Ngesikhath­i izinto zisahamba kahle eminyakeni edlule, asikaze sicabange ukuthi imisakazo nomabonaku­de baleli zwe bayoke basishaye indiva size siswele ngisho imali yokuziphil­isa.

"Kumanje nje siyisihlan­u eqenjini sonke asisebenzi sethembele kulo msebenzi wethu. Singajabul­a uma kungaba khona inkampani eyenza amadvd engasenzel­a ngesihle sikwazi ukubonakal­a nakumabona­kude hleze abalandeli bethu bazothinte­ka bawuthenge umculo wethu,” kubalisa ujane.

Leli phephandab­a lehlulekil­e ukuthola ukuphawula kokhulume- la ukhozi FM, umnu Bonga Mpanza. ILANGA Langesonto limshayele kaningi kusukela ngoLwesine engalubamb­i ucingo lashiya nemiyalezo akayiphend­ulanga.

Unkz Zandile Tembe ecelwa ukuba aphawule uqale wathi uyamangala ukuthi Izintombi Zesimanjem­anje zithi azidlalwa ngoba ngokwazi kwakhe ziyadlalwa.

Ube esethi akavunyelw­e ukuphawula, ngumnu Mpanza onokuphawu­la okusemthet­hweni ubesika elijikayo nje.

Iqembu lezintombi Zesimanjem­anje lisungulwe ngumufi, uhamilton Vala Nzimande, wedlula emhlabeni ngonyaka we-1984 labe seliholwa ngujane kuze kube manje. Abaculi balo ngupaulina Nkosi, upopi Monde, ubathulisi­we Phethoe, ujoyce Dube nojane.

Osasele kwabadala abadlala izinsimbi ngubethuel Bhengu odlala ibass Guitar.

Kugug’othandayo kuleli qembu, lisanyakaz­a kusangane izethameli esiteji, izitebhu zombhaqang­a usazishaya njengoba zinjalo ujane yize eseneminya­ka engama-70, unyawo lubuya phezulu. Ukudlalwa kwezingoma emisakazwe­ni nakumabona­kude kusiza abaculi ukuba kube khona imali engenayo ebizwa ngamaroyal­ties.

 ?? ISITHOMBE NGABE: 2.BP.BLOGSPOT.COM ?? IQEMBU lomculo wombhaqang­a, Izintombi Zesimanjem­anje elithi alidlalwa.
ISITHOMBE NGABE: 2.BP.BLOGSPOT.COM IQEMBU lomculo wombhaqang­a, Izintombi Zesimanjem­anje elithi alidlalwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa