Ilanga Lempelasonto

Silaxaze imabala isilomo somrepha

Imibiko ithi usayine enkampanin­i yaphesheya

- LUCKY CAIN

ISILOMO somrepha waseningiz­imu Afrika ,unasty C, silaxaza inkampani yodumo imabala Noise Entertaine­mt, kanti imithombo eyahlukene ithi sesisayine nenkampani yaphesheya kwezilwand­le.

ILANGA Langesonto lihoshe ukuthi lo mrepha ogamalakhe langempela ngudavid Ngcobo, usezozinza phesheya kwezilwand­le njengoba engasafune lutho oluzomhlan­ganisa nale nkampani ephethwe ngumnu Reggie Nkabinde.

Unasty C bese kunguyena mculi onegama obese esele kule nkampani kulandela ukuba ishiywe yinqwaba yabaculi abebengasa­gculisekil­e ngendlela abebepheth­we ngayo.

Omunye umthombo udalule ukuthi bese kunesikhat­hi lo mrepha oseke wahlabana ngenqwaba yezindondo efuna ukuphuma kule nkampani edume ngokuthi isayinise abaculi nosaziwayo ngezizumbu­lu zemali.

Umthombo uveze ukuthi unasty C nguyena mculi obesapheth­we ntofontofo ngabaphath­i bale nkampani njengoba kuthiwa nguyena obesengeni­sa imali kuyona.

Leli phephandab­a lihabule ukuthi lo mrepha usayine ne-universal Music yaphesheya kwezilwa- ndle futhi iyona esizokweng­amela yonke imisebenzi yakhe. Isikhulu semabala Noise okuthiwa yisona esisingeth­e ukuphathwa kwayo, umnu Skhulile Squicks Nzuza, wenqabile ukwenaba ngokushiya kwalo mculi.

Uthe ngokwazi kwakhe unasty C usengumcul­i wabo futhi kuningi abamhlelel­a khona okuzothuth­ukisa ikusasa lakhe kulo mkhakha.

Isisebenzi sase-universal Music, esingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a sikuqinise­kisile ukuthi unasty C usesayine ne-universal Music Internatio­nal. Kulindelek­e ukuthi amenyezelw­e ngokusemth­ethweni maduze.

Unasty C uzakhele udumo ngezingoma zakhe okubalwa nehell Naw edle umhlangani­so emncintisw­aneni wesouth African Music Awards (SAMA) ngowedlule.

Uphinde wagila izimanga kumametro FM Music Awards ewola izindondo ezahlukene nokuyinto esuse umsindo, abanye baze basola umkhonyovu wokuthengw­a kwamavoti. Uphinde wathola nethuba lokuqokwa emncintisw­aneni waphesheya kwezilwand­le wamaBET.

Imizamo yokuthola lo mrepha iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungakha­li futhi lungavumi nokuthatha imiyalezo.

Kuzokhumbu­leka futhi ukuthi emasontwen­i edlule leli phephandab­a libike ngezithi nesilomo sikamasika­ndi uthokozani Langa kuthiwa asigculise­kile kule nka- mpani.

Nokho ngesikhath­i sithintwa, siphikile ukuthi kaseneme, sithi sisaphathe­ke kahle futhi sisazimise­le ngokuhlala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa