AKUCACI NGEKUSASA LEMABALA
AKUCACI ngekusasa lenkampani ezakhele udumo ngokusayinisa inqwaba yabaculi nosaziwayo bakuleli imabala Noise Entertainment njengoba sekuvele izindaba zokuthi iyawa.
Kubikwa ukuthi amahhovisi ayo asefourways, egoli, sekuphele cishe izinyanga ezintathu avalwa, kanti kunamahlebezi okuthi isikhulu esiyisingethe uskhulile Squiks Nzuza siyashiya.
Umculi wekwaito osayine nemabala Noise Entertainment ulvovo Derrango ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi amahhovisi abo awasekho efourways. Uveze ukuthi ngokwazi imabala isacushiswe emahhovisi ase-universal Music njengoba besezinhlelweni zokuthola amasha.
Sekunesikhathi kubikwa ngokungahambi kahle kwezinto kule nkampani njengoba inqwaba yabaculi nosaziwayo abebesayine ngaphansi kwayo begcine ngokuyilaxaza kuhle kwenyongo yenyathi. Omunye wabasondelene nezikhulu zale nkampani ocele lingadalulwa igama lakhe udalule ukuthi vele le nkampani ibingafikanga ngezinhloso ezinhle kulo mkhakha.
“Abaphathi bayo bafike baqhakambisa ukuqhudelana nezinye izinkampani ebezikhona, bakhohlwa yinto ebalulekile okuwukubheka amaciko abengaphansi kwayo. Uma ubheka indlela abebenza ngayo bekucaca ukuthi bazama ukuzigqamisa - ayikho inkampani ethi iqala isayinise inqwaba engaka yabantu.
"Bebezosithathaphi isikhathi sokunakekela bonke laba bantu ngoba amaciko ayadinga ukunikwa indawo yawo,” esho engeza ngokuthi bekuvele kucaca ukuthi bekuwumlilo wamaphepha.
Omunye umthombo ozaziyo ezithinta imabala Noise Entertainment, uveze ukuthi sekunesikhathi izinto zingahambi kahle kule nkampani njengoba bebesolana bodwa ngokuntshontshelana izimali, wukuxoshwa kwezikhulu ezithile nokwesula kwezinye.
“Iphutha abalenzile wukuqhakambisa imali ekubeni bengeke bakwazi ukukumela lokho. Ngikhuluma nawe nje angicabangi ukuthi imali abebeyifakile abaphathi ukusungula le nkampani bakwazile ukuyibuyisa.
"Kuyacaca ukuthi bebengayenzi imali, yingakho namahhovisi agcine esevalwa. Okunye okudabukisayo wukuthi umcimbi wabo abebewenza minyaka yonke ngosuku lokuqala onyakeni ubhuntshile njengoba ugcine ungenzekanga (kulo nyaka),” kusho lo mthombo.
Lo mthombo uthi kumapeketwane kule nkampani kanti no- NASTY C mnikazi wayo ureggie Nka-binde usefuna ukugxila kwipolitiki njengoba egaqele isikhundla sokuphatha i-african National Congress Youth League.
Omunye umthombo upotshoze ukuthi noskhulile "Squiks" Nzuza obese kunguyena ophethe le nkampani usezinhlelweni zokuyilaxaza.
“Engingakusho wukuthi kunezinto ezincane asazilungisa ngaphambi kokuba asule ngokusemthethweni kule nkampani,” kusho lo mthombo.
Ebuzwa usquiks ngendaba yokuvalwa kwamahhovisi uthe impela alisekho ihhovisi efourways kodwa wathi selithuthelwe kwenye indawo.
Ungene ezintangeni ngesikhathi intatheli imxina ngombuzo wokuthi athuthelwephi. Akaphumelanga futhi obala ngemibiko yokushiya kwakhe kule nkampani.
Ucele ukuphinde ashayelwe ucingo ngolwesihlanu kodwa wangabe esalubamba ucingo, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engasatholakali.