Ilanga Lempelasonto

UYIVALILE INDAWO YOKUJUXUZA UMASIPALA

- ZOWAKHA MBATHA

USOLA izikhulu zikamasipa­la umlalazi ngokuchema umnikazi wendawo yokujabula eseshowe, intusi Lounge, umnu Xolani Ngema nesize yavalwa.

Ungema uthi usezame izikhawu ukuxhumana nezikhulu ukuze kuxazululw­e isimo emuva kokuba ethole ukuthi kunomakhel­wane wakhe osehambe phambili eyokhala ngale ndawo. Lo makhelwane esiligodli­le igama lakhe kuthiwa naye unebhizini­si.

Ungema uthi njengoba bevule ziyisi-8, umakhelwan­e ufake isikhalo kumasipala mhla ziyisi-9 kwase kutheleka umnu Mthoko Ngubane oyitown Planner kamasipala ezozibonel­a indawo.

Uthi itown Planner ibe isimelulek­a ngokuthi kuzofanele ihlelwe kabusha ngoba isendaweni yokuhlala abantu hhayi ukuhweba. Uthi maphakathi nenyanga uthole ucingo oluvela koyi-acting Municipal Manager (AMM), umnu Zakhele Mhlongo, othe kuzomele bayibuyeke­ze ngoba usezwile ukuthi kunabakhal­ayo.

Uthi ngemuva kwalokho yena ufonele itown Planner ukuze benze uhlelo nemtshele ukuthi yambhalela incwadi mhla zili-13 kodwa uthi ubengakaze ayithole.

“Wayengakaz­e abuyele kimi ngesiphaka­miso ayesenzile. Ngize ngahlangan­a naye mhla zingama-23 kuzibandle­la (Dece-mber) emuva kokuba sengifonel­we ngu-amm.

"Ne- email engiyithum­elile akazange ayiphendul­e. Inkinga ibisi-nkulu kanga-ngoba lo mlungu ubeseze waya nasezitolo eziseduze ebayalela ukuthi bangabe besavuma amakhasime­nde ami apake khona.

"Okubi bengizamil­e ukubonana naye umakhelwan­e ngaphambi kokuba sivule, kodwa kwagcina kungenzeka­nga. Ngize ngalekelel­wa ngumphathi wamaphoyi- sa, osihlangan­isile, savumelana ngokuvala ngo-12.

"Umasipala kumele usilekelel­e njengosoma­bhizinisi abancane, usichushis­e ngezindlel­a okuyizo zokwenza umsebenzi. Itown Planner isiyaluzib­a nje lolu daba ekubeni luqondene nayo.

"Nginabaseb­enzi abali-16 ebengibaqa­shile. Nomsindo okuthiwa ukhala ngawo angiwuqond­i ngoba sivula ngezimpela­sonto kuphela ebusuku ngoba siyindawo yokudla nokuwasha izimoto. Utshwala kasibudayi­si kodwa yena (umakhelwan­e) unanendawo ebudayisay­o eduze neshowe Hospital neshowe High School kodwa kabakaze bamenze lutho.

"Beseka abelungu njengoba bengivala nje. Nala kwi- guest house kunezinto asanda kuzilu-ngisa nobekumele engabe kade akwenza kodwa kabazange bamvale. Baze bangitshel­a ukuthi bangangini­keza enye indawo esehlathin­i ukuze ngisuke eduze kwalo mlungu nengingaku­boni kahle ngoba kuzongilah­lekisela ngebhizini­si,” kubalisa ungema. Umakhelwan­e akathandan­ga ukuphawula nokucacisa ngezikhalo zakhe.

“Ngeke ngikuphend­ule kodwa uma kuwukuthi sikhona isikhalo engisifaki­le uyozwa ngaso enkantolo,” kusho yena.

Umnu Ngubane uthe akazi noma uvumelekil­e yini ukukhuluma nabezindab­a kodwa uyalwazi udaba, nongema uyakwazi okumele akwenze. Phakathi kokushiwo ngumhlongo kokukhalwa ngakho nasebekwen­zile bewumasipa­la uthi kunomsindo omkhulu ebusuku, oze uphoqe amakhasime­nde kamakhelwa­ne ukuba abuyiselwe imali yawo ngoba kungalalek­i. "Kushaywa izidudla, kuvulwe amabhuthi kudliwa utshwala emgwaqweni nokungagci­na kumphoqa ukuba avale elakhe ibhizinisi. Bahlangani­le nongema mhla zingama-28 kumasingan­a (January) bamchazela ngemigomo kamasipala. Ophenyweni uthi bathole ukuthi kayivumele­kile ukusebenza le ndawo ngokwemith­etho ethinta ezokupheph­a, izakhiwo nokuhlelwa kwedolobha. Bambhalele incwadi zingama-31 kumasingan­a ebithi siyachithw­a isicelo sakhe semvume ngenxa yezizathu ezingenhla. Kumele avale iminyango engakaphel­i amahora angama-48.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUMNU Xolani Ngema wentusi Lounge evaliwe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUMNU Xolani Ngema wentusi Lounge evaliwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa