Kuvele ikhasi elisha ngokufa kukasenzo Meyiwa kwi-twitter
KUCACE bha kuleli sonto ukuthi umphakathi usakulambele ukuthola iqiniso ngokubulawa kwesilomo sikanozinti webafana Bafana ne-orlando Pirates usenzo Meyiwa.
Lokhu kugqame ngesikhathi ngesikhathi abantu beshukumisa izinkundla zokuxhumana ngale ndaba, befuna ukuthola ngokwenzeka ngempela ngesikhathi lo nozinti edutshulwa ekubo kwalowo owabe eyisithandwa sakhe ukelly Khumalo, evosloorus, egoli, ngomhla zingama-26 kumfumfu (October) wezi-2014.
Ekhasini lika-twitter elinegama elithi @Advbarryroux, umbhali ushukumise inkundla ngesikhathi enaba ngathi kwenzeka ngesikhathi kubulawa lo nozinti.
Kuleli khasi lika-@advbarryRoux, iminwe ikhomba ulongwe Twala oyindodana yenkakha yomculo uchicco Twala.
Ukuvela kwalo mbhalo kuholele ekutheni imisakazo imetro FM, nepower FM ibize uchicco ukuyochaza kwazise kuvela ukuthi ungomunye wabathintwa ngemuva kwesigameko sokudutshulwa kukasenzo okubikwa ukuthi kwenzeka ngesikhathi izigebengu zibamba inkunzi.
Abaningi ezinkundleni zokuxhumana abalukholwa udaba lokuthi umeyiwa wadutshulwa esigamekweni sokubanjwa kwenkunzi.
Ngokubika kwetimeslive, ekhuluma kwipower FM uchicco umangaze abaningi edalula ukuthi abantu ababekhona endlini okubalwa nendodana yakhe (ulongwe) ngesikhathi kudutshulwa usenzo kumele bakhulume iqiniso ngokwenzeka ngobusuku besigameko.
“Kukhona owadubula wabulala usenzo ngalobo busuku. Laba bantu abayisithupha abebesendlini bayazi ukuthi ngubani.
"Angilukholwa udaba lokubanjwa kwenkunzi,” kusho utwala kulo msakazo.
Uthe uma kuyindodana yakhe eyabulala usenzo kumele ibhekane nengalo yomthetho, akasoze avikela umbulali.
Khona manjalo ekhuluma kwiMetro FM uyichithile imibiko yokuthi ngesakhe isibhamu esadubula umeyiwa njengoba kunezinsolo zokuthi sabe siphethwe ngulongwe.
Uchicco ekhuluma ohlelweni lwantambama lukamoflava noMasechaba Ndlovu, udalule ukuthi amaphoyisa asithatha isibhamu sakhe sayohlolwa. Uthe uma kuwukuthi yindodana yakhe (ulongwe) eyadubula ubezoqinisekisa ukuthi iyobhadla ejele njengoba enza kuninalume wakhe.
Ngosuku olulandelayo lo msakazo umeme ulongwe naye ozihlangulile ekudubuleni umeyiwa.
Uthe uyadumala ukuthi kunabantu abasola yena ngalokhu ekubeni naye ebe yisisulu kulesi sigameko. Uyise kasenzo umnu Sam Meyiwa uthe usamile ekutheni ufuna kwenzeke ubulungiswa ngokubulawa kwendodana yakhe.
“Kubuhlungu ukuthi kuze kube manje akekho ophumela obala ngeqiniso ngokubulawa kwendodana yami. Ababekhona bayamazi umbulali,” esho ngesikhathi ekhuluma kulo msakazo.
Khona manjalo ungqongqoshe wamaphoyisa eningizimu Afrika, umnu Fikile Mbalula, ubabele enkundleni yokuxhumana itwitter eqinisekisa ukuthi benza konke okufanele bakwenze ngalolu daba.
“Sisebenza kanzima ukuthola ababulali bakasenzo. Uma kukhona onolwazi makaxhumane namaphoyisa noma nehhovisi likangqongqoshe ngokushesha,” kubhala umnu Mbalula.