ABEZOKUNGCEBELEKA BAVELA EMACALENI ENKOHLAKALO
KULELI sonto kuvele ukuthi kuthinteka nabazakhele udumo emkhakheni wezokungcebeleka emacaleni okukhwabanisa nenkohlakalo athinta owabe engungqongqoshe wezokuthuthukisa komnotho nezokuVakasha Kwazulu-natal, umnu Michael Mabuyakhulu, okuyimanje uhola ithimba lobuholi besikhashana kulesi sifundazwe.
Umnu Mabuyakhulu ubevele ngoLwesithathu enkantolo yamacala obugebengu obuphathelene nezimali, ejohn Ross, ethekwini nabanye abathintekayo kulawa macala.
Amacala lawa asukela ekubhuntsheni kwenorth Sea Jazz Festival, ayayihlelwa ukuba sethekwini ngowezi-2012.
Kuthiwa umnyango wakhipha isamba elinganiselwa ku-r28 million ngenhloso yokuxhasa lo mcimbi kodwa ngemuva kokubhuntsha kwawo ayibange isaphindela emuva.
Kulaba abathintekayo kubalwa nowayengumsakazi wegagasi FM unoluthando Zungu obedume ngelikamamgo kulo msakazo owenza inzuzo, ozinze Kwazulu Natal.
Umamgo oke wasebenza ohlelweni i-alex And The Morning Crew kuwona lo msakazo unenkampani Ishashalazi Investment nayo ethintekayo kuleli cala njengoba imelwe nguyena.
Ethintwa YILANGA Langesonto umamgo utshele intatheli ukuthi ayibuye imshayele ucingo ngoba uyashayela (imoto) futhi uyaduka lapho abehamba khona.
Esephinde eshayelwa akabange esalubamba ucingo. Kuthathe izinsuku ezimbili leli phephanda limzama, ucingo lukhala lungabanjwa, kanti ngokuhamba kwesikhathi lugcine lungasangeni.
Omunye othintekayo kuleli cala owaziwayo kwezokungcebeleka nguCeasar “Maqhoboza” Mkhize oke waba nendawo yokuzijabulisa, ithokoza Lounge, emandeni.
Le ndawo eseyavalwa ibibalwa nezinye ebezihamba phambili kwezobumnandi njengoba bekumenywa abaculi nodj abanohlonze.
Ethintwa yileli phephandaba umaqhoboza ucele ukungaphawuli, wathi nje umthetho kumele uthathe indawo yawo.
Umabheleni Ntuli yena udume ngokwenza indumezulu yephathi eyandulela ivodacom Durban July kanti unetende elingaconsi phansi kuyona IVDJ elihanjelwa ngabantu bekhethelo.
Imizamo yokumthola iphunzile njengoba izingcingo zakhe ezimbili bezivaliwe kanti olwesithathu belukhala lungabanjwa futhi lungavumi kushiywe imiyalezo.
Abanye abathintekayo kuleli cala kubalwa uzandile Nonjabulo Mbongwe, unonhlanhla Brenda Ninela (Mfeka), umzwandile Basile Ninela, nontokozo Ndlovu. Kulindeleke ukuba babuyele enkantolo mhla ziyi-6 kumbasa (April).
lucky.cain@ilanganews.co.za