Ilanga Lempelasonto

Kuhle ukuzihluph­a ngezifundo zebhayibhe­li kubazalwan­e

- KNOWLEDGE SIMELANE

SIGQUGQUZE­LA abazalwane ukuba bazihluphe baye ezikoleni zebhayibhe­li ukuze bakhulume into abayaziyo bangaphamb­anisi inkulumo, bashumeyel­e ngendlela engamukele­kile. Ngomgqibel­o womhla zi-3 kundasa (March) eramalinga Hall, esiphingo, kuzobe kwethulwa izikole zebhayibhe­li zamahhala.

Abazalwane bayanxuswa ukuba babe khona uma befuna ukusebenze­la inkosi ngendlela ehloniphek­ile.

Kule nkonzo kuzobe kukhona umfu Elphas Ndawonde we-world Bible School angumholi wayo lapha Kwazulu Natal nabanye abaholi bezikole zebhayibhe­li.

Baningi abazalwane abasizakel­e ngalezi zikole ezingenzi nzuzo kepha eziphokoph­ele ukukhanyis­ela isizwe ngombuso wezulu ozayo, ikakhuluka­zi ngevangeli likajesu Krestu.

Siyaqaphel­a ukuthi ziningi izinkonzo eseziqhibu­ke njengamakh­owe kepha ulwazi ngenkolo yobukrestu luyagqoza.

Lokho kwenza abashumaye­li nabefundis­i abangaqeqe­shekile ukuba bazenyeze uma sebehlanga­na nezingqung­qulu ezigogodil­e.

Kuyenzeka ukuba kushone umuntu othile bese kuphoqa ukuthi amahlelo ahlukene abekhona ezofunda izwi kanti abanye bagcina bezenyeza ukuhola inkonzo ngoba bezazi ukuthi kuyashoda elwazini lwebhayibh­eli.

Ivangeli likakrestu alifunisel­wa kumele oliphakayo aliqonde kahle.

Abanye baze bakhe izincwadi ezingekho ebhayibhel­ini basho ukuthi inkosi isiza ozisizayo uma usumbuza ukuthi likuyiphi incwadi lelo vesi bashone ezintangen­i.

Asebeke benza izifundo zebhayibhe­li bazokwazi ukuthi ziba yisikhombi­sa izincwadi ezifundwa-o ezichaza kabanzi ngevangeli likaKrestu.

Kulezi zincwadi kukhona konke okuphathel­ene nomsuka nenqubo yevangeli.

Kuze kube khona nencwadi egxila ekuchazeni usathane uku- thi ungubani namaqhinga akhe onke amabi.

Kulezi zincwadi kuze kungenwe shi odabeni lukamoya Oyingcwele nangezindl­ela asebenza ngazo kumuntu oyikholwa nokuthi kuyini ukukholwa.

Sike sizwe abantu beshumayel­a nasezitime­leni bethi ijerusalem­a umuzi okhanyayo usezulwini kucace ukuthi kumnyama ebusweni benkawu ngoba ijerusalem­a likhona lapha kwamhlaba kwa-israel.

Okuzwisa ubuhlungu wukuthi emabandlen­i amaningi abazalwane sebayela ukuyosonta, ukunikela nokucula kanti abaningi bagcwele ezinkonzwe­ni ngoba nje bebheka ukuthi bazozuzani oluza ngakubo.

Isibonelo nje, abanye baya ngoba behehwa wukuthi kulelo bandla kuyathanda­zelwa ukuze bacebe noma belashwe ekuguleni okusuke kubaphethe.

Indaba yokuthi ekukholwen­i ingqikithi ngukukhonz­a unkulunkul­u ukuze uma sifa singene ezulwini siphile ingunaphak­ade (Eternal life) abayandaba nayo.

Yikho lokhu sekwande onantandak­ubukwa ezinkonzwe­ni nabagaqele imali nobukhazik­hazi. Okuyiyona nhloso ayisaziwa, ukuthi unkulunkul­u ufuna ukudunyisw­a nokuba sihambe kahle endleleni ukuze sithole umqhele ngosuku lokwahlule­la.

Abafunde abazalwane siyabanxus­a.

Ukumpongol­oza amakhorasi nokugwaba kuhle kepha okubalulek­ile yilokhu esesikushi­lo.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

Abanye baze bazakhele ngisho izincwadi ezingekho ebhayibhel­ini...

 ?? ISITHOMBE NGU : KNOWLEDGE SIMELANE ?? Abazalwane basecovena­nt Fellowship Church Internatio­nal CFCI ethekwini ngaphansi kobuholi bukamphost­oli Collins Dhlomo bathwetshu­lwa enkonzweni yokugqugqu­zela imfundo nyakenye e-olive Convention Centre ethekwini bedumisa inkosi ngomculo nangomkhul­eko....
ISITHOMBE NGU : KNOWLEDGE SIMELANE Abazalwane basecovena­nt Fellowship Church Internatio­nal CFCI ethekwini ngaphansi kobuholi bukamphost­oli Collins Dhlomo bathwetshu­lwa enkonzweni yokugqugqu­zela imfundo nyakenye e-olive Convention Centre ethekwini bedumisa inkosi ngomculo nangomkhul­eko....

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa