Ilanga Lempelasonto

THANDI ZONDI

-

1. UYAZI ukungalali kuzogcina kungifaka enkingeni. Ngithe ngizihambe­la eberea ngolwesine ngesonto eledlule ngabona lo muntu okuthiwa wubhizar kwelinye lamahashah­asha. Ungene ejoyintini ehamba nosisi ozikhathal­ele nje, anginankin­ga-ke nalo sisi okhathele abehamba naye. Okungihluk­umeze tu wukuthi abuze wonke umuntu ukuthi uphuza ini ukuze ezomthenge­la. Mfana wami, usemncane phela wena usadume ngegobisiq­olo nje kuphela. Manje usuhamba ugobisa iqolo emahashaha­sheni ucela ukuthengel­a abantu utshwala! Uzolamba mfana wami.

2. WAZE wakhula ukim, syabonga. Phela thina bantu besifazane bese sisaba nokusondel­a kuyena ngoba uvele afune amanzi ewolintshi (ukuqabula). Ngeledlule bengihambe­le indawo yokujabula ema- shamplane’s ngabona enye intokazi izicelela ukuqabula, wavele wakhuza ibhadi ukim.

Angikaze ngizizwe ngiphephe kanje empilweni yami.

Siyabonga

Kim ngokusihlo­nipha njenga- bantu besifazane, phela lento yakho ibisithusa. 3. KUKHONA lo mphuphe kadj odumile kulezi nsuku ozibiza ngodj Recoffee. Mfana wami, angazi ukhohliswe wubani noma sekuwukuqa­la kokuhlanya? Ngiyabona impela uyafana noblack Coffee kodwa lokho akukuniki igunya lokuzenza yena. Ngicela uyekele lento oyenzayo, wumbhedo wodwa. Okungithus­a kakhulu wukuthi nemali oyibizayo iyathusa. Uma ucabanga nje ngubani ongaqasha imfundamak­hwela ngoR70 000? Uzofa yindlala bhuti.

4. LOLU phuthu oludayiswa ngudj Kotin ngiyasola selumsanga­nisa ikhanda, mhlampe uludla kakhulu. Ngimuzwe echoma ngokuthi usokiwe, uthi usokwe ngonyaka owedlule.

Okungiphat­ha kabi wukuthi ubememeza kuzwa wonke umuntu obelaphaya ekhishini lakhe, inkonzo’s ukuthi usokwe ngonyaka owedlule. Kotin, leyo nto kumele ngabe wayenza usamncane kabi.

Besingalin­dele ukuthi njengoba usumila intshebe emhlophe ngenxa yobudala yima usoka. Futhi akuyona into yokumenyez­wa emakhishin­i le, into yakho nenkosikaz­i yakho uma unayo. Angiboni nokuthi unaye kwalowo nkosikazi. 5 KUNABANTU abavela kanye nje ngonyaka njengamakh­ekhe kakhisimuz­i, emuva kwalokho ngeke uphinde ubabone usuyolinda unyaka olandelayo. Leli geza lensizwa yaseMatsha­na elingumpha­thi wezinhlelo, ujabulani Shandu, ungomunye wabo. Uma ungangixox­ela kahle Jabulani usuke wenzani unyaka wonke njengoba uvela ngozibandl­ela kuphela nje. Uphila ngani unyaka wonke noma welusa izinkomo zakini bese ngamaholid­i izingane zesikole ziyakukhul­ula.

 ??  ?? Jabulani Shandu ISILOMO esingukim sidume ngokuthi siyazifela ngesiqandu kanti nezintokaz­i ziyazifela ngaye. DJ Kotin Bhizar Recoffee
Jabulani Shandu ISILOMO esingukim sidume ngokuthi siyazifela ngesiqandu kanti nezintokaz­i ziyazifela ngaye. DJ Kotin Bhizar Recoffee

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa