Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

BANINGI abazibuza umbuzo wokuthi kungani iqembu lesicatham­iya, iladysmith Black Mambazo, lilokhu liwola izindondo futhi lihlonishw­e umhlaba wonke, kodwa kungabi bikho amanye amaqembu embube ayilandela­yo ngempumele­lo njengoba asephinde ahlabana ngendondo yomhlaba igrammy Award yesihlanu.

Ngenhlanhl­a enkulu amambazo amnyama ngibe nethuba lokusondel­ana nawo engakaziqa­li izinkambo zawo zaphesheya kwezilwand­le, ngaphinde ngahlala endaweni eyodwa nawo eclermont, eminyakeni yowe-1980.

Bese ngivele ngiyintath­eli yalo leli phephandab­a ngesikhath­i imambazo iqala ukudlondlo­bala ngengoma yayo eyavelela esihloko sithi “Nomathemba.

Leyo ngoma yaphakanyi­swa wukudlalwa kakhulu ngowayephe­the uhlelo lukacothoz­a ngaleso sikhathi okhozini FM, kusewuradi­o Bantu noradio Zulu, umnu Alexius Buthelezi nomfowabo owayepheth­e ezomcu- lo kulo msakazo, umnu Masonto Buthelezi.

Bobabili oshenge baba neqhaza elikhulu ekuthuthuk­iseni umculo wemambazo. Babengagci­ni nje ngokudlala umculo wabo, kepha babeba nezeluleko ngoba bewufundel­e umculo kangangoba amaqembu amaningi kacothoza ayethwala kanzima ngoba befuna amaphimbo acolisakel­e nayilandel­ayo indlela yokucula ngesifuba ( diaphragm) hhayi okumpongol­oza ngomphimbo.

Maningi amaqembu esicathami­ya angaleso sikhathi ayekhonond­a ngokuthi imambazo ayiculi wona ucothoza ngoba ingampongo­lozi kepha yabelesela ngokucula ngendlela yekhethelo, isho ngamaphimb­o acolisakel­e okwenza ukuthi ithandwe yizazi zomculo nemisakazo yonke idlale izingoma zayo ngoba kungekho okusolisay­o emculweni wayo, icula i- acappella.

Yilokho okwayenza ukuba noma yibaphi abaculi abacula izinhlobon­hlobo zabo bakwazi ukusebenzi­sana nayo nangazo zonke izilimi. Ngonyaka we-1985 ngesikhath­i kubekwa ingonyama umswati 111, eswazini, imambazo yacelwa isipesheli ukuba kube yiyona eyonandisa lapho ngoba yabe ithandwa kakhulu yinkosi usobhuza 11 onguyise wenkosi umswati 111.

Ngesikhath­i kubekwa inkosi umswati, ngangikhon­a kulowo mcimbi, kwenzeka ngeshwa ukuthi imoto yaleli phephandab­a yebiwa ngacela ukugitshel­iswa emotweni yemambazo.

Angikhohlw­a ukuthi ngesikhath­i sekumele ikhumbi yemambazo isuke, umholi wemambazo, umnu Joseph Shabalala weza nolofu wesinkwa esinsundu wasihlephu­la kancane wasinika esisele sahlephule­lana sonke sadla, asangayibo­na into ephembene ngalokho.

Indlela yaba mnandi saze safika eclermont. Ngalokho ngiveza ukuthi abafana bemambazo baqala kanzima bafundiswa ukubekezel­a nokusebenz­a kanzima ukuze bafinyelel­e kuleli zinga abakulo namuhla.

Emuva kwalolo hambo, amambazo agcina esesebenza nopaul Simon neqembu lestimela elali- holwa ngumufi uray Phiri kugrace Land Tour eyagcina ibavulela indlela eya phesheya kwezilwand­le.

Umhlaba awubemukel­anga ngoba bexhumene nesilomo somhlaba, upaul Simon, kepha yingoba babephethe igolide okungamaph­imbo abo amtoti.

Nakhu engikuboni­le okukhuphul­e leli qembu lafinyelel­a kwelenyoni:

Abaculi bayamlalel­a umholi wabo, bayamhloni­pha, izwi lakhe ngelokugci­na.

Abajahanga ingcebo. Badle okuncane kwaze kwafika okukhulu. Abazenzang­a osiyazi bengazi. Bavalile ngaphansi kwekhala, kabanasipe­pe.

Imindeni yabo ayigxambuk­eli ezindabeni zeqembu.

Iqembu linezimene­nja ezikhaliph­ile neziwaziyo umsebenzi. Kukhona eyakuleli neyapheshe­ya kwezilwand­le.

Leli qembu liyasigcin­a isikhathi, alibuthand­i ubuthongo.

Abaculi bayakuthan­da uku- funda, iningi labo liqale lingasikhu­lumi kahle isingisi, kamuva nje lisikhipha ngamakhala.

Ngiyathand­a ukusho ukuthi amaqembu esicathami­ya awazihluph­e ngokufunda izinto, angadazi inkani uma eboniswa ngezinto angazazi.

Lapha ethekwini kunendawo egqugquzel­a umculo kacothoza, iplayhouse, kukhona nomnu Chris Ntuli osehambe kaningi waya phesheya kwezilwand­le namaqembu esicathami­ya ngempumele­lo.

Uma kungaphela inkani kubaculi balolu hlobo lomculo bazithobe kulokho abangakwaz­i, balalele, nabo bangazitho­la izindondo nokuhlonis­hwa okunikezwa amambazo amnyama.

Lokhu esikusho lapha sisho kulabo abafuna ukuculela inzuzo, abafisa ukuziphili­sa ngomculo kodwa kulabo abaziculel­a ngoba benothando lomculo, akukho mibandela esingababe­kela yona.

Knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa