UMDLALI WE-PSL ENKINGENI YOKUNONA
KUHLELI ijoka elinzima entanyeni yomdlali wecape Town City okuvela ukuthi angase akhonjwe indlela njengoba enenkinga eke yaxoshisa e-europe ubenni Mccarthy osengumqeqeshi wakhe kule kilabhu eteketiswa ngelecitizens.
Icity ijabulise abalandeli bayo imemezela ukuthi isayinise u-ayanda Patosi ( osesithombeni) obegijima kwi-lokeren yasebelgium.
Lo mdlali bekubhekwe ukuba afike nezinguquko kwazise uchithe isikhathi esiningi elihlikihla e-europe.
Nokho udonsa kanzima kwi-absa Premiership njengoba ekhuluphele ngokweqile kulokhu okufunwa yicity.
Emdlalweni lapho icity yehlule khona ibidvest Wits ngo-1-0 kwinedbank Cup Last 32 ngolwesithathu ebusuku ebidvest Stadium, egoli, upatosi ukhishwe ngesiwombe sokuqala kubonakala ukuthi udonsa kanzima.
Leli phephandaba lithole ukuthi izikhulu zecity zibhalele lo mdlali incwadi zimazisa ukuthi kufanele ehlise isisindo sakhe ngama- kilogram ayisi-6 kungenjalo ibhantshi lizogcwala umoya. Kuthiwa unikwe izinyanga ezimbili ukuba ehlise isisindo.
Leli phephandaba lithinta ujohn Comitis ongumnikazi wecity ngalolu daba, uvumile ukuthi banenkinga enkulu ngesisindo sikapatosi kodwa wathi ngeke anabe kakhulu ngoba yinto elungiswa ngaphakathi.
Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni embalwa edlule umcCarthy, oqeqesha upatosi kwicity, uthwale kanzima kwiWest Ham United yaseEngland ikhala ngokuthi unonile.
Igcine ngokumxosha emuva kokuba esehlawuliswe izikhathi eziningi ngenxa yakho ukuhluleka wukwehlisa isisindo.
Naye umccarthy uke wakuveza ukuthi akeneme ngesisindo sikaPatosi.