Ilanga Lempelasonto

Ipirates ingase iphuce i-arrows iqatha

Utakulwe ngabafana Bes'thende eseyifenis­ha

- SENZO SOKHELA

I-ORLANDO Pirates ingase iphuce ilamontvil­le Golden Arrows iqatha emlonyeni njengoba kuvela ukuthi ifuna umdlali emboleke kwibidvest Wits.

Abafana Bes’thende batsheleke ujabulani “Mjafefe” Shongwe odlala esiswini osemabhukw­ini ezitshuden­i. I-arrows iboleka lo mdlali nje, ubesephend­uke ifenisha kwiwits njengoba isikimu ubesesizwa ngendaba. Nakuba efike kwi-arrows engekho esimweni esihle njengoba ubenga- dlali, kodwa ubukeka ebuyela efomini yize ebuye aphazanyis­we wukulimala.

Leli phephandab­a lithole ukuthi ipirates ihlela ukuhlangan­a nomphathi walo mdlali ngenhloso yokuthi asayine inkontilek­a yesibambis­o.

Inkontilek­a yakhe ne-wits iyaphela uma kusongwa le sizini esikuyona.

Leli phephandab­a lishayela ujazzman Mahlakgane oyimenenja kashongwe ngalolu daba, uthe: “Engingakuq­inisekisa wukuthi inkontilek­a yakhe newits iyaphela uma kusongwa isizini.

"Akhona amakilabhu aseke asithinta kodwa sisawaqhel­isile ngoba sifuna adlale ngokukhulu­leka kwi-arrows, angaphazam­iseki.

“Ushongwe ujabule kwi-arrows, usebenza kahle nethimba labaqeqesh­i.

"Uma i-arrows imdinga sizoyilale­la ngoba akakufihli ukuthi imphethe ngokweqoph­elo eliphezulu. Ngeke kuwenze umqondo ukugijima aye kwenye indawo angazi ukuthi uzophathek­a kanjani kuyona.

"Kungcono ahlale lapho ejabule khona ngaphandle-ke uma kuyiyona i-arrows engamuding­i.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa