Ilanga Lempelasonto

UXOSHELWE UKUNQABA UKWELULA INKONTILEK­A

- SENZO SOKHELA

UXOSHELWE ukunqaba ukwelula inkontilek­a kuthongath­i FC umdlali ozakhele udumo egijima kwiLamontv­ille Golden Arrows.

ILANGA Langesonto lithole ngemithomb­o yalo ukuthi ligqashuki­le ifindo lomshado phakathi kukakhayal­ethu Mjoli nothongath­i FC abedlala kulona esiswini.

Lo mdlali kuthiwa uxoshwe ngeledlule emuva kokuba enqabe ukwelula inkontilek­a kule kilabhu egijima kwinationa­l First Division (NFD).

Uxoshwa nje, ubesephend­uke insika kule kilabhu esiswini.

“Kuphelile ngomjoli notho- ngathi. Ngeledlule ubizelwe ehhovisi ukuba azokwelula inkontilek­a kodwa wanqaba.

Izikhulu zinqume ukumfaka amasondo,” kusho umthombo.

Leli phephandab­a lishayela umjoli ngalolu daba, uvumile ukuthi uxoshiwe kodwa wangafuna ukwenaba ukuthi uxoshelwen­i.

Leli phephandab­a lishayela usammy Troughton ongumqeqes­hi wothongath­i, ukuqinisek­isile ukuthi lo mdlali uxoshiwe kodwa wangafuna ukwanda ngamaningi ezeseka ngokuthi uqhubeka nabasele. Leli phephandab­a lithole ukuthi umjoli unqabe ukwelula inkontilek­a nje, yingoba kunekilabh­u egiji- ma kwi-absa Premiershi­p esimsayini­se inkontilek­a yesibambis­o.

Ngelizayo umjoli kulindelek­e ukuba alibhekise kule kilabhu asesayine kuyona ukuze ajwayelane nozakwabo abasha.

Leli phephandab­a lithole ukuthi isouth African Football Players Union (Safpu) isiqaphe ngeso lokhozi isimo salo mdlali ukuthi uthongathi luzomkhokh­ela yini umholo wakhe njengoba luthembisi­le.

Kuthiwa ngabaphath­i bakhe abafake lolu daba kwisafpu ngenhloso yokubopha le kilabhu uma ike yaphula isivumelwa­no sokumkhokh­ela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa