UZIMISELE NGOKUBINGELELA NGEWINI KWI-ROYAL EAGLES
UMQEQESHI omusha weroyal Eagles uroger “Mshefi” Sikhakhane uzimisele ngokubingelela ngewini kule kilabhu azohlala ebhentshini layo okokuqala ngqa emdlalweni nehappy Wanderers kwinedbank Cup Last 32 namuhla ngesonto ngo-15h30 esugar Ray Xulu Stadium, eclermont.
Usikhakhane utshele leli phephandaba ukuthi nakuba kungeke kube lula kulo mdlalo njengoba bebhekene nekilabhu edlala kuma-amesha kodwa bazolwela ukunqoba kumnyama kubomvu. Uthi lapha uzoqala ngesikwati athemba ukuthi yisona azobhubhisa ngaso nakwinational First Division (NFD).
Ujatshuliswa wukuthi kuvunguza umoya wobunye kubadlali bale kilabhu selokhu eqale ukuyiqeqesha ngolwesithathu ntambama. Uthi usayine inkontileka ezophela nxa kusongwa le sizini bese iyabuyekezwa.
Uzobhekana newanderers ephekwa ngukenny Ndlazi ophethe irekhodi elihle lokufinyelela kowamanqamu walo mqhudelwano elolonga ikilabhu edlala kwinFD ngesikhathi ehola impumalanga Black Aces iguqiswa yimamelodi Sundowns ngegoli likalerato Chabangu ngowezi-2008.
Undlazi uthe: “Siyilindele i-eagles.
"Ngiyazi ukuthi isendaweni embi kwi- log YENFD kodwa lokho akusho lutho ngoba abadlali bayo bazolwela ukuchaza umqeqeshi omusha. Siyomela amakilabhu adlala kwimotsepe. Ngiyazi ukuthi umlando kawusho lutho kodwa sizolwela ukukhombisa abalandeli ingcwenga yebhola.”
Imidlalo esasele yenedbank Cup Last 32 imi kanje:NAMUHLA NGESONTO E-old Peter Mokaba: Mariveni United vs EC Bees Stadium 15h30.
Esugar Ray Xulu Stadium: Happy Wanderers vs Royal Eagles 15h30.
EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Golden Arrows 15h30 (SS4).
EDR Molemela Stadium: Bloemfontein Celtic vs Supersport United 15h30 (SS10).
NGOLWESITHATHU Emhlathuze Stadium: Richards Bay vs Bloemfontein Young Tigers 15h30.
Eroyal Bafokeng Stadium: Platinum Stars vs Baroka 19h30.
E-athlone Stadium: Stellenbosch FC vs Highlands Park 19h30.