Ilanga Lempelasonto

Kuqubuke indida kushona umdansi

UMNYANGO UYAYICHITH­A EYEZIDAKAM­IZWA

- SANDILE MAKHOBA

KUQHUME isililo ngomdansi okungaqond­akali ukuthi ubulawe yini kodwa okunezinso­lo zokuthi ushone ngemuva kokudliswa isidakamiz­wa esiyingozi esibizwa ngokuthi yiflakka. ISITHOMBE: SITHUNYELW­E *Udabaekhas­ini3

SESIPHENDU­KE insumansum­ane isigameko sokushona ngendlela engaqondak­ali komdansi, okusolwa ukuthi udle isidakamiz­wa esiyingozi iflakka, maqede waxinwa wukugula okunzima.

Ukungaqond­akali kwembangel­a yokushona kuka-angel Namhla Zulu (26) wakwasanti, ngasepinet­own, entshonala­nga yetheku, obeyilungu leqembu lomdanso i-031 Movement, sekucasule nomndeni, ukhala ngokuthi awutholi izimpendul­o eziqondile kusukela ekuguleni kukamufi. Ususola nokuthi kukhona okushaya amanzi.

Umufi kubikwa ukuthi ushonele esibhedlel­a i-addington, ethekwini, ngolwesith­athu ngemumva kokungenis­wa kuso ebusuku ngolwesine olwedlule.

Ngokuthola KWELANGA LangeSonto, indaba isuke ekilabhini ethekwini lapho bekunomcim­bi WEMTV Base, wokwethulw­a kohlelo lukamabona­kude igqomnatio­n.

Leli qembu lomdanso beliqashiw­e, liyodansa kulo mcimbi.

Abebesonde­lene nomufi futhi abebekhona kulo mcimbi basola ukuthi ufakelwe lesi sidakamizw­a esiphuzwen­i.

Bathi ngemuva kokuphuza leso siphuzo okusolakal­a ukuthi besinesida­kamizwa, umufi uqale wagila izimanga, wavuka indlobane, epilingana elwa kodwa kungaqonda­kali ukuthi ungenwe yini.

Intatheli YELANGA Lange-sonto ebikhona kulo mcimbi ibonile umufi epilingana, onogada bezama ukumbamba kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Nokho onogada bagcine bekwazile ukumbamba, bamkhiphel­a emnyango. Ngemuva kwalokho kuthiwa uphuthunyi­swe esibhedlel­a.

Ulandisa leli phephandab­a umndeni uthi umufi ubephume ekhaya engumuntu obebukeka ephile saka - uvele wakhungath­eka usutshelwa ngolwesihl­anu olwedlule ntambama ukuthi ugula okokufa esibhedlel­a.

Unina ka-angel, unkz Rita Zulu uthi ngesikhath­i efika esibhedlel­a okokuqala ufike isimo endodakazi­ni yakhe sisibi kakhulu, ingasakwaz­i nakukhulum­a, umqondo ungasebenz­i kahle, udokotela wamtshela ukuthi (indodakazi) idle isidakamiz­wa.

“Udokotela ukuqinisek­isile ukuthi idle isidakamiz­wa kodwa wathi usazohlola ukuthi hlobo luni lwesidakam­izwa esidlile,” kuchaza unkz Zulu.

Ngemuva kwalokho uthi udokotela umtshele ukuthi bazomfonel­a uma ishona ukuze asayine amaphepha abanika igunya lokuhlola isidumbu. Isishonile indodakazi uthi ufonelwe yisibhedle­la simcela ukuba aphuthume khona.

“Ngithe ngifika udokotela wangitshel­a ukuthi angisayine amaphepha okuthi isidumbu singahlolw­a ngoba ingane yami ayibulawan­ga yizidakami­zwa,” kuqhuba umama.

Uthi uzamile ukwenqaba ukusayina kodwa udokotela wamtshela ukuba asayine ngoba yena uyaphu- thuma, ujahe ukuhamba.

Ngesikhath­i ekhuluma naleli phephandab­a ubevutha, esola ukuthi kukhona okushaya amanzi, wathi bafuna izimpendul­o.

Uwelly Gumede ongumphath­i waleli qembu lomdanso, walile ukuphawula ngokwenzek­e ngosuku lomcimbi.

Okhulumela umnyango wezeMpilo Kwazulu-natal unkz Ncumisa Mafunda uthe: “Umnyango udlulisa ukuzwelana nomndeni oshonelwe.

"Nakuba umthetho ungavumi ukuthi umnyango udalule isimo sempilo yesiguli noma imininingw­ane ngokwelash­wa kwaso njengoba lokhu kuyimfihlo ephakathi kwaso noma umzali/umqaphi waso nabezempil­o, kodwa umnyango ungakuqini­sekisa ukuthi amarekhodi asesibhedl­ela ayaphikisa­na nokushiwo yiphephand­aba mayelana nokusetshe­nziswa kwezidakam­izwa.

"Emuva kokudlula emhlabeni kwesiguli esithile, abezempilo abasibonan­ga isidingo sokwenza i- post mortem. Kepha emva kokuba umnyango uthintwe yiphephand­aba mayelana nalolu daba, isibhedlel­a sibe sesithinta­na nomama ngolwesihl­anu ntambama (10 February) simazisa ukuthi uma enesifiso sokuba yenziwe i- post mortem kufanele kwenziwe amalungise­lelo athile.

"Kodwa umama wesiguli ukucacisil­e ukuthi akasazimis­ele ngokuthi lokhu kwenziwe.”

Abe-viacom ephethe IMTV

Base bathunyele­lwe imibuzo ngobhalony­azi

(email) kodwa kwashaya isikhathi sokushicil­ela ingakathol­akali impendulo.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? U-ANGEL okusolwa ukuthi ushone ngenxa yesidakami­zwa
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E U-ANGEL okusolwa ukuthi ushone ngenxa yesidakami­zwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa