Siyaphikisana nemibhikisho yokuvimbela ifilimu Inxeba
KUYINTO encomekayo ukuba abantu bakithi abampisholo bazigqaje ngolimi lwabo kanye namasiko abo, ikakhulukazi esikhathini samanje lapho intsha yethu eningi ikubukela phansi lokho okungamagugu ethu.
Ukwenza isibonelo nje, isiko lakwaXhosa lokwaluka liseyigugu kubantu abaningi balesiya sizwe, kangangoba ngisho izifundiswa zakhona esezahlala emadolobheni zilibona libalulekile futhi ziyalivikela kulabo abaligxekayo bethi seliphelelwe yisikhathi.
Ukugxekwa kwaleli siko yinto esivamile, ngenxa yokuba sekudlule emhlabeni amakhulukhulu entsha ngenxa yezinswelaboya eziwaka abazali imali, zithathe izingane zabo ziye nazo entabeni zethembisa ukuthi ziyazi ngaleli siko, zibe zingazi kahle ngokufanele kwenziwe.
Ukuzigqaja nokuvikela indlela yethu yokuphila thina abampisholo kuhle, kodwa lokho kakusho ukuthi abantu kabanalo ilungelo lokuba nombono ohlukile ngamasiko ethu.
Yingakho kudumaza okwenzeke kulezi zinsuku ezedlule, lapho izinkampani zama- cinema onu Metro noster Kinekor, ziphoqeleke ukuba zimise ukukhonjiswa kwefilimu ebizwa ngokuthi Inxeba: The Wound, emayelana nesiko lokwaluka, ngenxa yokuthi kukhona abathile abaphikisana nokukhonjiswa kwayo emabhayisikobho akuleli, ngoba bethi okwenzeka “entabeni kuyimfihlo”, akufanele kwenekelwe izwe.
Abaphikisana nale filimu babambe imibhikisho ecape Town nase Eastern Cape, besabisa ngodlame izinkampani zamabhayisikobho ukuthi zingalinge ziyikhombise kuma- cinema azo.
Isenzo sabanye bethu sokwesabisa ngodlame uma kukhona abangahambisani nakho asamukelekile neze, futhi sifanele wukugxekwa ngoba siphambene nomthetho-sisekelo wezwe lapho wonke umuntu enelungelo lokukhuluma nelokuhlangana nabanye abantu ngokukhululeka nangaphandle kwezihibe.
Abantu banelungelo lokuzithathela isinqumo ukuba bayayibuka yini le filimu noma cha, bangavinjelwa ngabantu asebezibeke njengamaphoyisa alawula indlela amaciko atolika ngayo amasiko ethu.
Sinxusa izinkampani zama- cinema ukuba zingavumi ukwesatshiswa, zimise ukukhonjiswa kwale filimu.
Amaphoyisa mawabophe labo abaphula umthetho ngokwesabisa abanye, bashushiswe ukuze kunqandwe ukwephula umthetho nokungabekezelelani.