Yenza owe-uefa ihawu ichelsea
Izinto kaziyihambeli kahle kwi-english Premiership
IVIKA ngokubuyela kwi-uefa Champions League ichelsea edonsa ngodizili kule sizini ekubeni kuyiyona evikela indebe ye-english Premiership.
Ichelsea iqhathwe newest Brom kowe-premiership kusasa ngomsombuluko ngo-22h00.
U-eden Hazard ogijima kule kilabhu, uthe bebevele bazi ukuthi kuzokuba nzima ukuvikela le nkomishi.
“Kunzima ukudlala kwi-premiership nakwi-uefa ikakhulu uma kuyinina enivikela inkomishi ngoba isuke inkulu kakhulu ingcindezi. Le sizini kayisiphethe neze kahle,” kusho lo mdlali.
Inkulumo yakhe yenanelwe nguAntonio Conte ongumqeqeshi wale kilabhu.
Uthi kube lula ukunqoba i-premiership ngoba bebengekho kwiChampions League.
Uthi okunye okumsizile wukuthi ubeqala ukulolonga kwi-english Premiership abaqeqeshi abaningi bengawanakile amaqhinga akhe.
Ichelsea inenebulwe yiwatford ngo-4-1 ngeledlule.
Imidlalo yayo icinene eduze njengoba ngolwesihlanu iqhathwe nehull City kowefa Cup bese idudulana nebarcelona yasespain kowe-champions League mhla zingama-20 kwephezulu.
Ngemuva kwalokhu izovakashela imanchester United nemanchester City bese ibhekana nebarca kowomlenze wesibili ozokuba mhla zili-14 kundasa (March).
Isiyonke imidlalo ye-english Premiership namuhla ngesonto ihlelwe kanje:
Huddersfield Town vs AFC Bournemouth 14h00 (SS4).
Newcastle United vs Manchester United 16h15 (SS4).
Southampton vs Liverpool 18h30 (SS4). KUSASA NGOMSOMBULUKO
Chelsea vs West Bromwich Albion 22h00 (SS4).
Eyespanish La Liga iqhathwe kanje:
NAMUHLA NGESONTO Sevilla vs Girona 13h00 (SS7). Barcelona vs Getafe 17h15 (SS7). Celta de Vigo vs Espanyol 19h30 (SS7).
Valencia vs Levante 21h45 (SS7). KUSASA NGOMSOMBULUKO
Deportivo La Coruna vs Real Betis 22h00 (SS7).
Kunzima ukudlala kwipremiership nakwi-uefa uma nivikela inkomishi...