Ubebizwa ngomageba ngokuthanda isizulu
USIYABONGA Shibe ungomunye wabalingisi abahlonishwayo eningizimu Afrika. Usezakhele igama kulo mkhakha kwazise useke wabonakala emidlalweni ehlukene kumabonakude. Muva nje lo mlingisi ulingisa uqhabanga emdlalweni owuchungechunge, Uzalo, okhonjiswa phakathi nezinsuku KWI-SABC 1.
Ngokwezibalo zakamuva ezisanda kuphuma, Uzalo wumdlalo ohamba phambili ngababukeli kuleli. Akuzange kube wumzukuzuku ukuxhumana noshibe ukuze sizipholele kwazise ungumuntu oyikhonzile inkundla yokuxhumana, i-instagram.
Kule nkundla uhlale efaka izithombe nama- video akhe ezivocavoca, kwesinye isikhathi ezipholele nendodana yakhe, aphinde afake nokunye amatasa ngakho. Ngisebenzise yona i-instagram ukuxhumana naye. Akazange akhombise ukuba nenkinga, sahlela konke mayelana nokuhlangana kwethu.
Ngitheleke endaweni yokuzivocavoca esendaweni yabadla izambane likapondo edurban North, lapho sivumelene ngokuhlangana khona. Ngibe sengimazisa ukuthi sengifikile. Emuva kwesikhashana nje, qhamu thushu insizwa enebala elizothile, ijuluke iyaconsa, idlubhe ijezi leqembu lebhola likanobhutshuzwayo, imamelodi Sundowns nesincane isikhindi ongafunga ukuthi ngesokuphalaza.
Ungamukela ngolukhulu uhleko ekhombisa injabulo yokungibona kwazise asiqali ukubonana ngamehlo enyama. Sike sahlangana komunye umcimbi lapho esachitha khona izinsuku ezi- mbili kwenye yama-b&b asevryheid. Ngaphambi kokuqala kwengxoxo yethu, sikhumbuzana lolo hambo olwalumnandi.
Sisakhumbuzana nje, kuyangicacela ukuthi ungumuntu ongasheshi ukukhohlwa yizinto njengoba kunokuthile angikhumbuze khona engakwenza kulolu hambo okwabe kuhlekisa nakuba mina kungishayisa ngamahloni.
Uyakuveza ukuthi akayena umuntu okhonze ukuvela emaphephandabeni ngoba uyawesaba futhi uyawahlonipha, ngakho ukhetha ukuqhelelana nawo, agxile kulokhu akwaziyo, okuwukulingisa.
UBESITHANDA ISIZULU WAZE WABIZWA NGOMAGEBA
“Ukulingisa yinto yami futhi angiziboni ngenza enye into engaphathelene nakho,” kusho usiyabonga othi uzalelwe wakhulela kwa-g emlazi. Uchaza ukukhulela kuleli lokishi njengesibusiso empilweni yakhe ngoba kuningi akufundile nakwenzile okwenziwa ngabafana baselokishini.
“Nakuba ngikwenze konke okwaselokishini, kodwa izidakamizwa yinto engingazange ngizihlanganise nayo,” kusho yena engeza ngokuthi ukhule ebizwa ngomageba nakuba engahlobene nakancane nalesi sithakazelo.
“Bengikukhonzile ukukhuluma isizulu esiqinile ngisakhula, isitsotsi ngingasikhulumi nhlobo futhi nginenkani ngakho abafowethu nabangani bagcine ngokungetha ngaleli gama,” kwengeza yena.
Usiyabonga uphothule umatikuletsheni esikoleni iganges Secondary, okuyisikole lapho eqale khona ukubheka umkhakha wezokulingisa ngelinye iso.
“Nakuba ukulingisa kuyinto ebe wubizo ngisemncane kodwa eganges yilapho ngibone khona ukuthi yinto engingakwazi ukuyifundela ngiphile ngayo. Yingakho ngiqede khona nganikela enatal Technikon (Durban University of Technlogy) ngayokwenza izifundo zedrama,” kusho lo mlingisi obesaqhubeka nokujuluka nakuba bese sihleli phansi sizixoxela.
Uthi ngemuva kokuphothula lezi zifundo, unikele egoli ngoba ngaleso sikhathi yilapho ubuphumelela khona uma ufuna ukungena kulo mkhakha. “Kuyajabulisa ukuthi umuntu useyakwazi ukuphumelela kulo mkhakha esekhaya ethekwini.
"Kuyacaca Uzalo seluvule iminyango eminingi kubalingisi nabanye abakulo mkhakha ethekwini,” esho ekhombisa ukujabula, eqhuba ngokuthi bekuvele kuyiphupho lakho ukuzosebenzela ngakubo.
UFUNDA OKUNINGI NGENDAWO AYILINGISAYO
Echaza ngendawo ayilingisayo kulo mdlalo, uthi kuningi abantu abasazokubona futhi abasazokufunda ngoqhabanga.
“Nami njengosiya kukhona engikufundayo ngoqhabanga njengoba eyinsizwa enothando futhi engaliphonsi kalula ithawula. Abantu mabaqhubeke nokubukela lo mdlalo ngoba uqhabanga usazobamangaza,” kusho yena.
Useke wabonakala emidlalweni okubalwa kuyona igaz’lam, isoul City, imthunzini.com, iscandal!, igenerations, nesithunzi. Usiyabonga uthi kuyona yonke le midlalo aseke wabonakala kuyona, kuningi akufundile kodwa okumqoka kakhulu (akufundile) wukuthi kubalulekile ukuba ushiye konke kukuhle.
“Njengoba singabalingisi kuhle ukuba ubudlelwano nemidlalo esilingisa kuyona buhlale bubuhle - noma sishiya sihambe kukuhle singasinyeli isihlahla ngoba ikusasa asilazi lisiphatheleni,” kuyala lo mlingisi ejika nasebusweni.
OKUMCIKAYO EMKHAKHENI WEZOKULINGISA
Njengoba ingxoxo iqhubeka kuyangicacela ukuthi uma ukhuluma ezokulingisa nosiyabonga yinto ayizwa ngaphakathi njengoba eqeqebula kuze kweqe uma ekhuluma ngalo mkhakha. Uphinde aveze nezinto ezimnengayo ngalo mkhakha.
“Kuyiqiniso ukuthi lo mkhakha wethu yithalente elihamba phambili kuwona kodwa kuhle nokuba abangena kuwona bazihluphe ngokuthola ulwazi ngawo, kube nezifundo abazenzayo ukuzihlomulisa ngolwazi.
"Kuyishwa ukuthi kunabanye abaqondisi nabadidiyeli bemidlalo abangalibheki ithalente, abathatha abantu ngenxa yobuhle nangendlela imizimba yabo ebukeka ngayo. Lokhu kuyawulimaza umkhakha wethu esiphila ngawo,” kusho yena.
Uveze ukuthi naye usezinhlelweni zokuqopha ifilimu yakhe. “Kuyimanje ngisezingxoxweni nedurban Film Commission njengoba ngifuna ukuyiqophela la ethekwini ngisebenzisa abantu bakhona ngoba ngiyazi likho- na ikhono futhi leli dolobha lisenhliziyweni yami,” kusho yena.
AKAFUNI UKUPHEFUMULA NGEMPILO YAKHE YANGASESE
Sesiyiphothula ingxoxo yethu ngimbuza ngempilo yakhe yangasese, ucele ukungaphawuli ngayo ngoba unesifiso sokugcina leyo ngxenye yempilo yakhe iyimfihlo emphakathini.
Ukuvezile ukuthi unendodana eyodwa ayikhonze ukufa njengoba ehlala nayo. Mayelana nejezi lemamelodi Sundowns abeligqokile, uveze ukuthi leli qembu uqale ukuba wumlandeli walo esakhula elokishini.