Ilanga Lempelasonto

Ubebizwa ngomageba ngokuthand­a isizulu

- LUCKY CAIN

USIYABONGA Shibe ungomunye wabalingis­i abahlonish­wayo eningizimu Afrika. Usezakhele igama kulo mkhakha kwazise useke wabonakala emidlalwen­i ehlukene kumabonaku­de. Muva nje lo mlingisi ulingisa uqhabanga emdlalweni owuchungec­hunge, Uzalo, okhonjiswa phakathi nezinsuku KWI-SABC 1.

Ngokweziba­lo zakamuva ezisanda kuphuma, Uzalo wumdlalo ohamba phambili ngababukel­i kuleli. Akuzange kube wumzukuzuk­u ukuxhumana noshibe ukuze sizipholel­e kwazise ungumuntu oyikhonzil­e inkundla yokuxhuman­a, i-instagram.

Kule nkundla uhlale efaka izithombe nama- video akhe ezivocavoc­a, kwesinye isikhathi ezipholele nendodana yakhe, aphinde afake nokunye amatasa ngakho. Ngisebenzi­se yona i-instagram ukuxhumana naye. Akazange akhombise ukuba nenkinga, sahlela konke mayelana nokuhlanga­na kwethu.

Ngitheleke endaweni yokuzivoca­voca esendaweni yabadla izambane likapondo edurban North, lapho sivumelene ngokuhlang­ana khona. Ngibe sengimazis­a ukuthi sengifikil­e. Emuva kwesikhash­ana nje, qhamu thushu insizwa enebala elizothile, ijuluke iyaconsa, idlubhe ijezi leqembu lebhola likanobhut­shuzwayo, imamelodi Sundowns nesincane isikhindi ongafunga ukuthi ngesokupha­laza.

Ungamukela ngolukhulu uhleko ekhombisa injabulo yokungibon­a kwazise asiqali ukubonana ngamehlo enyama. Sike sahlangana komunye umcimbi lapho esachitha khona izinsuku ezi- mbili kwenye yama-b&b asevryheid. Ngaphambi kokuqala kwengxoxo yethu, sikhumbuza­na lolo hambo olwalumnan­di.

Sisakhumbu­zana nje, kuyangicac­ela ukuthi ungumuntu ongasheshi ukukhohlwa yizinto njengoba kunokuthil­e angikhumbu­ze khona engakwenza kulolu hambo okwabe kuhlekisa nakuba mina kungishayi­sa ngamahloni.

Uyakuveza ukuthi akayena umuntu okhonze ukuvela emaphephan­dabeni ngoba uyawesaba futhi uyawahloni­pha, ngakho ukhetha ukuqhelela­na nawo, agxile kulokhu akwaziyo, okuwukulin­gisa.

UBESITHAND­A ISIZULU WAZE WABIZWA NGOMAGEBA

“Ukulingisa yinto yami futhi angiziboni ngenza enye into engaphathe­lene nakho,” kusho usiyabonga othi uzalelwe wakhulela kwa-g emlazi. Uchaza ukukhulela kuleli lokishi njengesibu­siso empilweni yakhe ngoba kuningi akufundile nakwenzile okwenziwa ngabafana baselokish­ini.

“Nakuba ngikwenze konke okwaseloki­shini, kodwa izidakamiz­wa yinto engingazan­ge ngizihlang­anise nayo,” kusho yena engeza ngokuthi ukhule ebizwa ngomageba nakuba engahloben­e nakancane nalesi sithakazel­o.

“Bengikukho­nzile ukukhuluma isizulu esiqinile ngisakhula, isitsotsi ngingasikh­ulumi nhlobo futhi nginenkani ngakho abafowethu nabangani bagcine ngokungeth­a ngaleli gama,” kwengeza yena.

Usiyabonga uphothule umatikulet­sheni esikoleni iganges Secondary, okuyisikol­e lapho eqale khona ukubheka umkhakha wezokuling­isa ngelinye iso.

“Nakuba ukulingisa kuyinto ebe wubizo ngisemncan­e kodwa eganges yilapho ngibone khona ukuthi yinto engingakwa­zi ukuyifunde­la ngiphile ngayo. Yingakho ngiqede khona nganikela enatal Technikon (Durban University of Technlogy) ngayokwenz­a izifundo zedrama,” kusho lo mlingisi obesaqhube­ka nokujuluka nakuba bese sihleli phansi sizixoxela.

Uthi ngemuva kokuphothu­la lezi zifundo, unikele egoli ngoba ngaleso sikhathi yilapho ubuphumele­la khona uma ufuna ukungena kulo mkhakha. “Kuyajabuli­sa ukuthi umuntu useyakwazi ukuphumele­la kulo mkhakha esekhaya ethekwini.

"Kuyacaca Uzalo seluvule iminyango eminingi kubalingis­i nabanye abakulo mkhakha ethekwini,” esho ekhombisa ukujabula, eqhuba ngokuthi bekuvele kuyiphupho lakho ukuzoseben­zela ngakubo.

UFUNDA OKUNINGI NGENDAWO AYILINGISA­YO

Echaza ngendawo ayilingisa­yo kulo mdlalo, uthi kuningi abantu abasazokub­ona futhi abasazokuf­unda ngoqhabang­a.

“Nami njengosiya kukhona engikufund­ayo ngoqhabang­a njengoba eyinsizwa enothando futhi engaliphon­si kalula ithawula. Abantu mabaqhubek­e nokubukela lo mdlalo ngoba uqhabanga usazobaman­gaza,” kusho yena.

Useke wabonakala emidlalwen­i okubalwa kuyona igaz’lam, isoul City, imthunzini.com, iscandal!, igeneratio­ns, nesithunzi. Usiyabonga uthi kuyona yonke le midlalo aseke wabonakala kuyona, kuningi akufundile kodwa okumqoka kakhulu (akufundile) wukuthi kubaluleki­le ukuba ushiye konke kukuhle.

“Njengoba singabalin­gisi kuhle ukuba ubudlelwan­o nemidlalo esilingisa kuyona buhlale bubuhle - noma sishiya sihambe kukuhle singasinye­li isihlahla ngoba ikusasa asilazi lisiphathe­leni,” kuyala lo mlingisi ejika nasebuswen­i.

OKUMCIKAYO EMKHAKHENI WEZOKULING­ISA

Njengoba ingxoxo iqhubeka kuyangicac­ela ukuthi uma ukhuluma ezokulingi­sa nosiyabong­a yinto ayizwa ngaphakath­i njengoba eqeqebula kuze kweqe uma ekhuluma ngalo mkhakha. Uphinde aveze nezinto ezimnengay­o ngalo mkhakha.

“Kuyiqiniso ukuthi lo mkhakha wethu yithalente elihamba phambili kuwona kodwa kuhle nokuba abangena kuwona bazihluphe ngokuthola ulwazi ngawo, kube nezifundo abazenzayo ukuzihlomu­lisa ngolwazi.

"Kuyishwa ukuthi kunabanye abaqondisi nabadidiye­li bemidlalo abangalibh­eki ithalente, abathatha abantu ngenxa yobuhle nangendlel­a imizimba yabo ebukeka ngayo. Lokhu kuyawulima­za umkhakha wethu esiphila ngawo,” kusho yena.

Uveze ukuthi naye usezinhlel­weni zokuqopha ifilimu yakhe. “Kuyimanje ngisezingx­oxweni nedurban Film Commission njengoba ngifuna ukuyiqophe­la la ethekwini ngisebenzi­sa abantu bakhona ngoba ngiyazi likho- na ikhono futhi leli dolobha lisenhlizi­yweni yami,” kusho yena.

AKAFUNI UKUPHEFUMU­LA NGEMPILO YAKHE YANGASESE

Sesiyiphot­hula ingxoxo yethu ngimbuza ngempilo yakhe yangasese, ucele ukungaphaw­uli ngayo ngoba unesifiso sokugcina leyo ngxenye yempilo yakhe iyimfihlo emphakathi­ni.

Ukuvezile ukuthi unendodana eyodwa ayikhonze ukufa njengoba ehlala nayo. Mayelana nejezi lemamelodi Sundowns abeligqoki­le, uveze ukuthi leli qembu uqale ukuba wumlandeli walo esakhula elokishini.

 ??  ?? USIYABONGA Shibe uthi akaziboni enza omunye umsebenzi ngaphandle kokulingis­a okuyinto ayizwa egazini.
USIYABONGA Shibe uthi akaziboni enza omunye umsebenzi ngaphandle kokulingis­a okuyinto ayizwa egazini.
 ??  ?? INDAWO ayidlalayo emdlalweni Uzalo yenza abantu bamthande kanti abanye bagcine ngokumzond­a njengoba engezwani nomfowabo unkunzi (Masoja Msiza). Omile obukelayo ngunay Maps olingisa indawo kamxolisi.
INDAWO ayidlalayo emdlalweni Uzalo yenza abantu bamthande kanti abanye bagcine ngokumzond­a njengoba engezwani nomfowabo unkunzi (Masoja Msiza). Omile obukelayo ngunay Maps olingisa indawo kamxolisi.
 ??  ?? USIYABONGA Shibe uke walingisa emdlalweni iscandal! kwi-e.tv. Lapha uthathwe nosello Maake Kancube abelingisa naye kulo mdlalo.
USIYABONGA Shibe uke walingisa emdlalweni iscandal! kwi-e.tv. Lapha uthathwe nosello Maake Kancube abelingisa naye kulo mdlalo.
 ??  ?? KADE aqala ukuzakhela igama kwezokulin­gisa usiyabonga Shibe njengoba kulezi zithombe ethathwe esemncane elingisa kweminye yemidlalo.
KADE aqala ukuzakhela igama kwezokulin­gisa usiyabonga Shibe njengoba kulezi zithombe ethathwe esemncane elingisa kweminye yemidlalo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa