Ilanga Lempelasonto

Kuhle ukubuza indlela kwabaphamb­ili

-

UKUFUNDA kithina sizwe sama-afrika, kuyisiko. Yilokhu wonke umuntu akufundisw­ayo uma esakhula, ngoba kukholelwa ekutheni ukukhula okuyikho, kungukuba uncele ulwazi kubantu abadala nabangapha­mbili kwakho.

Lokhu kukunika ithuba lokufunda, ukhulise ulwazi onalo, futhi kukwenza wazi ukuthi yini ongayazi kahle, ukuze uzisimamis­e kukho, ngokutheke­la ulwazi kwabanye abantu.

Ngisakhula ugogo wayehlala njalo engikhumbu­za ukuthi lapha emhlabeni, akekho umuntu ophumelela­yo uma enguzicaba­ngele, engusiyazi futhi engaphikis­wa.

Indlela ayekugcize­lela ngayo lokhu wayekwenza ubone ukuthi ayikho nencane indlela yokuba uphumelele emhlabeni uma ungayiding­i imibono yabanye abantu.

Wayengifun­disa ukuthi ukukhula komuntu akuhambi ngeminyaka aseyiphili­le kodwa kuhamba ngezinto asezifundi­le empilweni, okusho ukuthi awusoze waba yiqhawe ungakaze unqobe zimpi.

Lapho ayefike agcizelele khona kakhulu kwakunguku­thi awusoze wakwazi ukunqoba izimpi zomhlaba ungazange ufundiswe ukuthi ziliwa kanjani, okungukuth­i udinga ingqwele nokuyiyona ekufundisa izindlela ezibukhali zokugadla, kanjalo nezokuvika.

Mina njengoba ngakhulela emakhaya, kakade sasiba nesikhathi sokuyodla iphaphu, nokuyilaph­o sasifundis­wa khona ukugadla nokuvika.

Sasithi sidla iphaphu kunjalo, kube kuchonywe ubhedu, lona-ke okwakuthiw­a luyodliwa yilowo ogadle kwezwela kontanga yakhe, wakwazi ukuvika ukugadla ngendlela okuyiyona.

Ngaphezu kokudla ubhedu lowo onqobile, wayehlonis­hwa ngontanga yakhe futhi.

Yonke le ndaba engiyibalu­la ngenhla, isho ukubalulek­a kokubuza kwabaphamb­ili izinto ezimayelan­a nempilo jikelele.

Asisoze sakwazi ukunqoba emhlabeni uma singazange sakubona kubaluleki­le ukuba nezingqwel­e zethu, nokuyizona ezizosicij­a ngamasu okuvika, sibuye sigadle ngenkathi ontanga yethu besiphonse­la inselelo.

Lo myalezo ubaluleke noma ngabe usukuliphi izinga lempilo, kwazise umuntu uyakhula imihla yonke.

Ukungakhul­i komuntu elwazini, nasezintwe­ni eziningi ezithinta impilo yakhe neyabanye abantu kufana ncamashi nokufa ngoba awusenaqha­za elitheni olibambayo ekukhuleni kwesizwe nomhlaba.

Isikhathi esikuso esilethwa wumshikash­ika wombango wombusazwe, wokuthi ngubani okufanele aphathe, wenza sonke sibe nombuzo othi kazi sesikhule kangakanan­i kuyo le ndaba yepolitiki, nokuthi sizihlupha kangakanan­i ukubuza kubaholi bomhlaba nezingwevu zethu ukuthi bona bayaye bazimise kanjani izimo ezifana nalezi.

Okuyikona okungisuse phansi ngathi ake ngiluthint­e lolu daba, yingenxa yokubona lo mbango wombusazwe osezweni lakithi, okufanele ngabe usujwayele­kile manje emuva kweminyaka engaphezul­u kwengamash­umi amabili sa-ngena kulesi sigaba sepolitiki evulekile nekhululek­ile, kodwa usabona abantu besilisa bekhahlela abantu besifazane njengoba si-bone kwenzeka ekomkhulu lenhla-ngano ebusayo egoli esontweni eledlule.

Ukumelana kwamaqembu amabili anemibono engafani, akusithusa­nga ngoba sikhululek­ile ukuzwakali­sa imicabango nemibono yethu ngokwepoli­tiki.

Kodwa-ke ukuhluleka wukuhola, uze wehluleke nokuzilawu­la wena, utholakale uyindoda ukhahlela, ushaya uze ulimaze umuntu wesifazane ongalwi namuntu futhi ongenabung­ozi kuwe, kuwuphawu olusobala lokuthi uzifake kulento yepolitiki ungayazi.

Ngikuphons­ela inselelo uma useyivukan­a kulo mkhakha ngoba uyingozi, buza kwabaphamb­i kwakho ukuthi isho ukuthini le nto okuthiwa yinkululek­o yepolitiki ukuze ungazithol­i usuphuma eceleni njengojosa­ka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa