UMLOMO ONUKAYO UYAPHOXA
WAKE waba nenkinga ongazi ukuthi uzoyixazulula kanjani yokufisa ukutshela othile ukuthi unuka umlomo ngaphandle kokuba azizwe ephoxekile? Maye iyinkinga nansi into: ukunuka komlomo! Uke ukhulume nomuntu ufise sengathi angasheshe ayikhathule inkulumo noma sengathi ungabheka eceleni ngenxa yephunga elingelihle asuke elikhafula. Kunabantu othola ukuthi banenkinga yokunukelwa wumlomo kodwa bona abazi. Ukungazizwa komuntu kumenza angenzi mizamo yokuxazulula le nkinga. Abanye-ke baye bathi uma bezwa ukuthi umuntu unephunga elibi emlonyeni bese bemupha okokumunyunga kodwa bangasho ukuthi bamupha ngoba bezwa iphunga elingelihle. Inkinga ngalokhu-ke wukuthi lo osuke enikwa isimunyungo usuke ungazi ukuthi uzokwamukela kanjani lokhu - omunye kungamcasula, azizwe ephoxekile kanti omunye angakwemukela kahle, angabi nankinga.
Ngokwe Mayo Clinic, ziningi izinto ezidala ube nephunga elibi emlonyeni. Nazi ezinye okumele uziqaphele:
UKUDLA:
Ukusabalala kokudla emlonyeni kungadala amagciwane bese kuba nephunga. Ukudla okufana no- garlic u-anyanisi nama- spice kungaba nomthelela kule nkinga. Emuva kokuba sekugayekile kuya nasemaphashini bese kuba nomthelela emoyeni owukhiphayo.
UGWAYI:
Ukubhema kudala iphunga elibi emlonyeni. Abantu ababhemayo ngokujwayelekile baba nenkinga yezifo ezithinta izinsini okungenye yezimbangela zephunga elibi.
UKUNGAWUNAKI UMLOMO: Uma ungawaxubhi amazinyo, ungazisebenzisi izintambo zokuhlanza amazinyo ( floss), ukudla kuhlala emlonyeni kube nephunga. Igciwane elibizwa nge- plaque uma lingaxujwa lizakhela indawo phakathi namazinyo. Ulimi nalo luyinkinga ngoba luyakwazi ukubamba ukungcola bese lukhiqiza iphunga namazinyo okufakelwa uma engahlanzwa ngendlela eyiyo futhi engakulingani kahle enza iphunga.
UMLOMO OWOMILE:
Amathe owakhiqizayo akwazi ukuhlanza ukudla okusuke kugcwele umlomo. Uma unenkinga yokukhiqiza amathe anele noma ulala uvule umlomo ungazithola unephunga elibi.
IMITHI:
Eminye imithi idala iphunga ngoba yomisa umlomo kanti kwesinye isikhathi uma ifika emzimbeni isigayekile ikhiqiza amakhemikhali agcina esezwakala eyiphunga elingelihle. Kwesinye isikhathi ukuhlinzwa emlonyeni, ukukhipha izinyo, ukuba nezilonda emlonyeni noma isifo sezinsini kungabanga iphunga.
Ukuxubha nsuku zonke, ukusebenzisa okokunukisa kamnandi umlomo, ukusebenzisa i- floss, ukuxubha ulimi nokudla okunempilo kungakusiza ukugwema iphunga elibi. Uma kudlulela usuwenze lokhu, kungakuhle ukubonana nodokotela wamazinyo.