Ilanga Lempelasonto

Abaculi yibona abazibizel­a ukwebiwa kwezingoma zabo

- KNOWLEDGE SIMELANE

ABAYEKE abaculi ukuba basheshe babange imisindo uma besahlanga­nisa izingoma zabo ngoba lokho kungabafak­a enkingeni yokuba izingoma zabo zintshonts­hwe kumbe baphoxeke.

Sikusho lokhu ngoba intsha yamanje yonke ifuna udumo ingakasebe­nzi - ithi isaqala nje ukwenza umsebenzi, isifuna ukunconywa nokubatsha­zwa.

Uma umculi ezoqopha umsebenzi wakhe esitudyo, kufanele azi ukuthi ufana nse nesikhukhu­kazi esizozalel­a amaqanda.

Abangakaze bazifuye izinkukhu siyabafund­isa ukuthi isikhukhuk­azi uma sizobeka iqanda esidlekeni siyaqinise­kisa ukuthi lapho kuzohlala khona iqanda kuphephile, ngeke life, size sibheke nokuthi akukho nyoka yini engathatha iqanda laso, bese silibeka kahle siligade lize lichanyise­lwe.

Nakinina-ke baculi ngithi makube njalo - ngaphambi kokuba ufune ukuyoqopha umsebenzi wakho, bheka isitudyo ozoqophela kusona uku- thi siwufanele yini umsebenzi wakho, siphephile yini, uphide ubheke nokuthi kazikho yini izinyoka ezilapho ezingeba umsebenzi wakho.

Sesizwe kaningi abaculi bekhala ngokuthi bantshonts­heliwe izingoma zabo ekugcineni kuvele ukuthi yibona kanye ababe budedengu ngokungakw­azi ukuvikela umsebenzi wabo.

Nakhu okumele kuqashelwe:

Isitudyo okuzoqoshw­a kusona makube nesiqinise­ko sokuthi abekho abanye abantu abahlala kusona bengazi ukuthi bazokwenza­ni ekubeni wena usibhukhil­e.

Unjiniyela wesitudyo akathe- mbeke, angabi nguthathek­ile okuzothi uma kufika noma ngubani amzwise umculo wakho ngaphandle kwemvume yakho.

Uma kusaqoshwe i- demo mayibe sezandleni ezifanele, ingalaleli­swa bonke abantu.

Abaculi mabangatha­ndi ukunconywa umsebenzi ungakaphot­hulwa.

Umculi ingoma yakhe akayibhale noma ayiqophe ayigcine ingakangen­i esitudyo ukuze uma kukhona oyebayo abe nobufakazi obuphathek­ayo enkantolo.

Akasheshe ayibhalise enhlanganw­eni ebhalisa izingoma ukuze ingebiwa.

Izihloko zezingoma kumele abaculi bazame ukuba zingefani ngoba kuyabadida laba bezinhlang­ano ezilwela amalungelo abaculi uma sezifana.

Kuyenzeka ingoma ifane isigqi nezinsimbi kodwa ngeke kusale sekufana konke. Izinhlanga­no ezengamele umculo ziyalaleli­sisa ukuthi zifana ngani.

Uma sikhuluma ngokwebiwa komsebenzi womculi nokuthi ingoma ibanjwa kanjani uma intshontsh­iwe, kucishe kufane nokufojwa kokusayini­we ( signature) lapho ochwephesh­e bezandla bekwazi ukwehlukan­isa okusayinwe ngokusemth­ethweni.

Nakhona lapha emculweni ingoma iyadlalwa kubhekwe izinto eziningi noma umuntu angashints­ha izinhlamvu imvunge kube kuyiyona kuyezwakal­a.

Sikhumbuza abaculi ukuthi ukucula ingoma yomunye umuntu akusilona icala, kusemtheth­weni, noma ingaguqulw­a ithakwe ngayiphi indlela kuphela nje uma inkampani yalowo mculi yazisiwe kube nezivumelw­ano ezenziwayo.

Okuyicala wukuba umuntu acule ingoma yomuntu athole inkokhelo omunye aze abhale phansi ukuthi iqanjwe nguyena esho ethi bho.

Abaculi mabakuqond­e ukuthi kuyinhlanh­la enkulu ukuba kube khona othatha ingoma yakhe ayicule ngendlela yakhe.

Phela kukodwa nje lokho kungenzeka ucilo athuke esezishaya endukwini ithandwe kakhulu kanti kuyena ibinganakw­anga.

Kuyenzeka futhi ithathwe ngumculi onegama atshele izwe ukuthi ingoma yaqanjwa ngubani bese eba yisihlaban­i kade enyenyeza esikhothen­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa