Abaculi yibona abazibizela ukwebiwa kwezingoma zabo
ABAYEKE abaculi ukuba basheshe babange imisindo uma besahlanganisa izingoma zabo ngoba lokho kungabafaka enkingeni yokuba izingoma zabo zintshontshwe kumbe baphoxeke.
Sikusho lokhu ngoba intsha yamanje yonke ifuna udumo ingakasebenzi - ithi isaqala nje ukwenza umsebenzi, isifuna ukunconywa nokubatshazwa.
Uma umculi ezoqopha umsebenzi wakhe esitudyo, kufanele azi ukuthi ufana nse nesikhukhukazi esizozalela amaqanda.
Abangakaze bazifuye izinkukhu siyabafundisa ukuthi isikhukhukazi uma sizobeka iqanda esidlekeni siyaqinisekisa ukuthi lapho kuzohlala khona iqanda kuphephile, ngeke life, size sibheke nokuthi akukho nyoka yini engathatha iqanda laso, bese silibeka kahle siligade lize lichanyiselwe.
Nakinina-ke baculi ngithi makube njalo - ngaphambi kokuba ufune ukuyoqopha umsebenzi wakho, bheka isitudyo ozoqophela kusona uku- thi siwufanele yini umsebenzi wakho, siphephile yini, uphide ubheke nokuthi kazikho yini izinyoka ezilapho ezingeba umsebenzi wakho.
Sesizwe kaningi abaculi bekhala ngokuthi bantshontsheliwe izingoma zabo ekugcineni kuvele ukuthi yibona kanye ababe budedengu ngokungakwazi ukuvikela umsebenzi wabo.
Nakhu okumele kuqashelwe:
Isitudyo okuzoqoshwa kusona makube nesiqiniseko sokuthi abekho abanye abantu abahlala kusona bengazi ukuthi bazokwenzani ekubeni wena usibhukhile.
Unjiniyela wesitudyo akathe- mbeke, angabi nguthathekile okuzothi uma kufika noma ngubani amzwise umculo wakho ngaphandle kwemvume yakho.
Uma kusaqoshwe i- demo mayibe sezandleni ezifanele, ingalaleliswa bonke abantu.
Abaculi mabangathandi ukunconywa umsebenzi ungakaphothulwa.
Umculi ingoma yakhe akayibhale noma ayiqophe ayigcine ingakangeni esitudyo ukuze uma kukhona oyebayo abe nobufakazi obuphathekayo enkantolo.
Akasheshe ayibhalise enhlanganweni ebhalisa izingoma ukuze ingebiwa.
Izihloko zezingoma kumele abaculi bazame ukuba zingefani ngoba kuyabadida laba bezinhlangano ezilwela amalungelo abaculi uma sezifana.
Kuyenzeka ingoma ifane isigqi nezinsimbi kodwa ngeke kusale sekufana konke. Izinhlangano ezengamele umculo ziyalalelisisa ukuthi zifana ngani.
Uma sikhuluma ngokwebiwa komsebenzi womculi nokuthi ingoma ibanjwa kanjani uma intshontshiwe, kucishe kufane nokufojwa kokusayiniwe ( signature) lapho ochwepheshe bezandla bekwazi ukwehlukanisa okusayinwe ngokusemthethweni.
Nakhona lapha emculweni ingoma iyadlalwa kubhekwe izinto eziningi noma umuntu angashintsha izinhlamvu imvunge kube kuyiyona kuyezwakala.
Sikhumbuza abaculi ukuthi ukucula ingoma yomunye umuntu akusilona icala, kusemthethweni, noma ingaguqulwa ithakwe ngayiphi indlela kuphela nje uma inkampani yalowo mculi yazisiwe kube nezivumelwano ezenziwayo.
Okuyicala wukuba umuntu acule ingoma yomuntu athole inkokhelo omunye aze abhale phansi ukuthi iqanjwe nguyena esho ethi bho.
Abaculi mabakuqonde ukuthi kuyinhlanhla enkulu ukuba kube khona othatha ingoma yakhe ayicule ngendlela yakhe.
Phela kukodwa nje lokho kungenzeka ucilo athuke esezishaya endukwini ithandwe kakhulu kanti kuyena ibinganakwanga.
Kuyenzeka futhi ithathwe ngumculi onegama atshele izwe ukuthi ingoma yaqanjwa ngubani bese eba yisihlabani kade enyenyeza esikhotheni.