Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

ZIMISELE ngokuba yisibonelo kulabo osondelene nabo. Ukuqoqa ulimi nokuba nezenzo ezihloniph­ekile nawe kungakwenz­a uhloniphek­e kakhulu. Uzonakwa ngabathile obucabanga ukuthi abakunakil­e.

ARIES

UNGALINGE ube manqika uma kumele uxazulule izinkinga zakho. Kukhona ezinye izinkinga okumele ube neso elibanzi kuzona ukwazi ukuzigwema. Uyaqonda ukuthi abanye bathembele kakhulu ebuhlakani­ni onabo.

TAURUS (April 20-May 20)

KUKHONA ezinye izinto ezingeke zahamba njengokwes­ifiso sakho. Unamandla aphelele namaqhinga ahlukene okubhekana nezimo ezithinta wena kuze kukapakele emndenini wakho.

GEMINI (May 21-June 21)

KUKHONA ubuhlobo okungamele uzame ukubuqeda kodwa ubuthuthuk­ise. Nakuba lukhona uvalo ngekusasa kodwa amathemba akho aphezulu. Okuzokusiz­a wukunqoba uvalo uxhumane nabanye abangakusi­za.

CANCER

OKULINDELE­KE kuwena wubuqotho nokwenza izinto eziqondile. Ungalinge ungabaze amandla onawo ezinhlelwe­ni ezisemqoka okumele uziqalise. Ezinye izimo ungalinge uzitatazel­ele.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

LANDLELA izinhlelo ezibhalwe phansi manje khona uzobona uma uvilaphile noma ukhuthalil­e. Izinto ezingekho mqoka kumele uqhelelane nazo, kanjalo nabangani abazodla isikhathi sakho kumele ubagweme.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

UYAZAZI uqine kuphi futhi uyaziqonda lapho obuthaka khona. Ungabuvume­li ubuthaka bakho kube yibona ozokwaziwa ngabo ikakhuluka­zi kulabo abakuhloni­phayo. Nguwena ongavuthel­a inhlasi yothando lwakho manje.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

USUVUMILE ukuthi impilo yakho incike kakhulu ekuxazulul­eni izinkinga zabanye. Ezinye izinselelo obhekana nazo usuyaqonda ukuthi ziyakuqini­sa, azifikeli ukukuqumba phansi. Isigaba okuso sikudinga ube nemibono eyakhayo ngaso sonke isikhathi.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

NOMA yini oyenzayo noma incane kumele uqikelele ukuthi uyayenzisi­sa ngoba ingakuvule­la amathuba empumelelo. Kokunye ubuye uphatheke kabi, usole sengathi labo osondelene nabo abakunakil­e.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

ABANGANI abakulahli­sa amathemba kumele uqhelelane nabo. Izinkinga onazo kumele ungazihlan­ganisi nomsebenzi wakho. Uma uzothatha isinqumo kumele ucabange ngemiphume­la kuqala.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KUNEZINTO okungamele uzenze ngenhloso yokujabuli­sa abanye wena ungajabuli. Kulindele ukuba khona kwezinguqu­ko ezithile empilweni yakho. Ungalinge ubakhohlwe labo abakwenzel­e okuhle empilweni yakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

IZINQUMO ezithathwa ngabanye uma zizocindez­ela wena ungazivume­li. Uyakudinga ukuba nesineke ikakhuluka­zi ebudlelwan­eni bakho. Imali yakho kumele uqikelele ukuthi awuyisapha­zi noma kanjani.

PISCES (Feb 19-March 20)

UBUYE uzwele kalula uma abanye bekugxeka. Kuzodingek­a uzifundise ukwenza izinto eziqondile ngaso sonke isikhathi. Impilo yakho ihlale iwumzabala­zo ezintweni eziningi ezahlukene.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa