Ilanga Lempelasonto

Itheku licacisa ngokuxhasa amametro

EZOMPHAKAT­HI: Bathi amasango abo asavulekil­e

- SANDILE MAKHOBA

ISIKHULU somnyango wezokuvaka­sha kumasipala wetheku, umnu Philip Sithole, sithi umasipala wetheku uvule izandla kubahleli bomcimbi okuthiwa ugqozelwa ngabaxhasi, amametro FM Music Awards.

Umnu Sithole usho lukhu ngemuva kokusabala­la kwamahlebe­zi okuthi enye yezingqina­mba ezidala ukuba lo mcimbi uhlehle ukuthi bonke abaxhasi bayaziqhel­elanisa nawo.

Umnu Sithole uthi laba abakaze beze kumasipala bezofaka isicelo sokusebenz­a kodwa naye uzwa ngabantu nje bekhuluma.

“Inkontilek­a esasinayo nabo yaphela ngonyaka odlule unyaka ka-2017. Ngemuva kwalokho asikho esinye isicelo esike sasithola. Asinanking­a namametro thina futhi sisazimise­le ukusebenza nabo kodwa kumele bafake isicelo kuqala ngoba inkontilek­a yethu nabo yaphela ngonyaka odlule,” kuqhuba usithole.

Uthi akubona abangavimb­a lo mcimbi ukuba ungenzeki ngoba bona babekhokhe­la indawo owawenzelw­a kuyona kuphela okuyinkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), imali uthi ibifakwa uhulumeni wakwazulu-natal.

Amahlebezi okuthi bahoxile ngenxa yenkohlaka­lo uwachithil­e wathi basazimise­le ukusebenza nemetro FM. Imithombo YELANGA LangeSonto phambilini idalule ukuthi ukuhlehla kwalo mcimbi kudalwe wukuthi abaxhasi abafuni ukuzihlang­anisa nawo ngenxa yenkohlaka­lo engaphakat­hi kuma Metro.

Umthombo uthe umsindo ngokuwina kwabaculi basemabala Noise kakhulu ngonyaka odlule iwona owenze abaxhasi babaleke.

Uphinde waveza nokuthi abanye abaculi basuke sebeyazi ingakaphum­i imiphumela.

Kuzokhumbu­leka ukuthi nge- sikhathi unasty C ewola izindondo kwabonakal­a isikhulu senkampani yakhe imabala Noise, umnu Reggie Nkabinde, siya phambili sikhombisa ukuqhosha ngabaculi baso.

Kuwo lowo mcimbi kwaba nesigameko lapho omunye wabaculi bale nkampani, uricky Rick, washiya angalazi egxeka indlela okujajwa ngayo kulo mcimbi.

Ngaphandle kwalezi zigameko baningi abaphuma kulo mcimbi bekhononda, benganelis­ekile bethi kukhona okudla amantshont­sho emsamo ngendlela okujajwa ngayo okubalwa kubona nobabes Wodumo.

Ukaizer Kganyago, okhulumela ISABC, okuyinhlan­gano imetro FM esakaza ngaphansi kwayo uvumile ukuthi umcimbi usalokhu uhlehle njalo ngenxa yezinhlelo ezithize abasazihla­nganisa.

“Amametro akusiwona umcimbi omncane, ngakho-ke ngeke sikwazi ukuwenza ngokucikiz­ela. Kumele senze into engeke igxekwe abamapheph­a kusasa,” kuqhuba ukaizer Kganyago.

Ukuqinisek­isile ukuthi azokwenzek­a wona ngasekuphe­leni kwalo nyaka kodwa wala waphetha ukudalula ukuthi azokwenziw­a kuphi.

INKONTILEK­A ESASINAYO NABO YAPHELA...

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UBOITY Thulo kwi-black carpet yamametro FM Music Awards (MMA) okuyimanje akucaci ukuthi azobanjelw­a kuphi. Lapha wathathwa ekomunye wale micimbi ethekwini e-inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UBOITY Thulo kwi-black carpet yamametro FM Music Awards (MMA) okuyimanje akucaci ukuthi azobanjelw­a kuphi. Lapha wathathwa ekomunye wale micimbi ethekwini e-inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa