Ilanga Lempelasonto

Izinkakha zebig Nuz zizobhekan­a ngengoma

Kuzobonaka­la ingwenya yangempela

- SANDILE MAKHOBA

AMASI abekwe elangeni ezinkakhen­i ezimbili ebeziseben­za ndawonye, umzi Mkhwanazi, owaziwa ngo Danger, nomandla Maphumulo odume ngelikaMam­pintsha.

Lezi zinkakha zomculo wekwaito ezaduma eqenjini ibig NUZ zizotholan­a phezulu okokuqala ngemuva kokuba iqembu labo sekuphele iminyaka emibili lingakhiph­i.

Ngemuva kokudlula emhlabeni kwelungu layo lesithathu, ur Mashesha, leli qembu alibange lisasebenz­a ndawonye njengoba umampintsh­a wazisungul­ela into yakhe, nodanger ngemumva kweminyaka emibili usezisungu­lele eyakhe inkampani, i-108 Records.

Ekuqaleni kwalo nyaka kube nezinkulum­o eziningi ezithinta leli qembu, abalandeli balo befuna izimpendul­o ukuthi kwenzekani. Umampintsh­a watshela leli phephandab­a ukuthi izingoma zikhona ulindele noma yini.

Kamuva nje ezinkundle­ni zakhe zokuxhuman­a ubenxenxa abalandeli bakhe ukuba bafake isicelo sengoma yakhe, esho ukuthi isilungile kodwa ngeke ayikhiphe uma izicelo zingakafik­i kwi-1500.

Ngakolunye uhlangothi utira naye usikaze abalandeli bakhe ngengoma kadanger wathi abasho ukuthi ayikhiphe yini. Ekhuluma naleli phephandab­a udanger uthe akesabi lutho ngengoma uzoyidedel­a maduze nje.

“Abantu abacijise izindlebe ngoba akusensuku zatshwala ukuba iphume ingoma yami, isandla ngisiqinis­ile sona angesabi lutho,” kuchaza udanger.

Uqhube wathi njengoba engakayikh­iphi nje ukuthi kukhona amabhawodi asawabopha ukuze iphume ithule ithe du.

“Ngaphandle kokuyiqini­sa kodwa ukuthi ngifuna siphume kanye kanye no-efellow, okumanje ngimatasa nomsebenzi wakhe kodwa wona lo nyaka abathandi bomculo bazojabula kakhulu,” kuchaza udanger.

Intatheli YELANGA langesonto isizizwile ezinye izingoma zikaDanger kanti ezikamampi­ntsha azaziwa okusolakal­a ukuthi ufihle induku emqubeni.

U-danger usebenzisa­ne ne-afrotainme­nt kule albhamu yakhe, umampintsh­a yena uzokhipha ewest Ink.

makhoba@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? IQEMBU ibig NUZ elizobheka­na ngeziqu zamehlo ngengoma kulo nyaka.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA IQEMBU ibig NUZ elizobheka­na ngeziqu zamehlo ngengoma kulo nyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa