Izinkakha zebig Nuz zizobhekana ngengoma
Kuzobonakala ingwenya yangempela
AMASI abekwe elangeni ezinkakheni ezimbili ebezisebenza ndawonye, umzi Mkhwanazi, owaziwa ngo Danger, nomandla Maphumulo odume ngelikaMampintsha.
Lezi zinkakha zomculo wekwaito ezaduma eqenjini ibig NUZ zizotholana phezulu okokuqala ngemuva kokuba iqembu labo sekuphele iminyaka emibili lingakhiphi.
Ngemuva kokudlula emhlabeni kwelungu layo lesithathu, ur Mashesha, leli qembu alibange lisasebenza ndawonye njengoba umampintsha wazisungulela into yakhe, nodanger ngemumva kweminyaka emibili usezisungulele eyakhe inkampani, i-108 Records.
Ekuqaleni kwalo nyaka kube nezinkulumo eziningi ezithinta leli qembu, abalandeli balo befuna izimpendulo ukuthi kwenzekani. Umampintsha watshela leli phephandaba ukuthi izingoma zikhona ulindele noma yini.
Kamuva nje ezinkundleni zakhe zokuxhumana ubenxenxa abalandeli bakhe ukuba bafake isicelo sengoma yakhe, esho ukuthi isilungile kodwa ngeke ayikhiphe uma izicelo zingakafiki kwi-1500.
Ngakolunye uhlangothi utira naye usikaze abalandeli bakhe ngengoma kadanger wathi abasho ukuthi ayikhiphe yini. Ekhuluma naleli phephandaba udanger uthe akesabi lutho ngengoma uzoyidedela maduze nje.
“Abantu abacijise izindlebe ngoba akusensuku zatshwala ukuba iphume ingoma yami, isandla ngisiqinisile sona angesabi lutho,” kuchaza udanger.
Uqhube wathi njengoba engakayikhiphi nje ukuthi kukhona amabhawodi asawabopha ukuze iphume ithule ithe du.
“Ngaphandle kokuyiqinisa kodwa ukuthi ngifuna siphume kanye kanye no-efellow, okumanje ngimatasa nomsebenzi wakhe kodwa wona lo nyaka abathandi bomculo bazojabula kakhulu,” kuchaza udanger.
Intatheli YELANGA langesonto isizizwile ezinye izingoma zikaDanger kanti ezikamampintsha azaziwa okusolakala ukuthi ufihle induku emqubeni.
U-danger usebenzisane ne-afrotainment kule albhamu yakhe, umampintsha yena uzokhipha ewest Ink.
makhoba@ilanganews.co.za